﻿
Isicelo sokubhalisela  intela yabasebenzi 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abaqashi bafanele ukuphungula imali yentela yabaqashwa abasesigabeni sokukhokha intela emiholweni yabo njalo ngenyanga, ngeviki noma ngamasonto amabili.

Imali ephungulwayo isuselwa ohlwini noma ethebuleni eligunyazwe ngabomnyango wezentela kahulumeni . Intela yabaqashwa kufanele ukuthi yahlukaniswe kabili, phakathi kwe SITE kanye ne PAYE.

I-SITE yinhlobo yentela yabasebenzi esebenza kuphela kubasebenzi abahola umholo ongu-R60 000. I-SITE ibekwa ekupheleni kwesikhathi sentela, kanti futhi ingamela ingxenye yentela yomsebenzi edonswe phakathi nonyaka.

Ibhalansi yentela yabasebenzi ibekwa ngemuva kokubekwa kwengxenye ye-SITE kanye nentela yomsebenzi emholweni ongabandakanywanga kumholo ngemuva kokudonswa kwentela , umele i-PAYE.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa isicelo sokubhalisa  elitholakala kumahhovisi egatsha le-SARS eliseduzane.
Izinkampani ezinkulu kanye nezinkampani ezincane zobambiswano ezisengakabhaliseli intela yabasebenzi nomnyango wezentela kahulumeni, kumele zisheshe zibhalise ukuze zizokwazi ukukhokha intela yabasebenzi abasesigabeni sokukhokha intela.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application to register for employees tax, EMP101e  intela yabasebenzi kwifomu le-EMP101)

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


