﻿

Faka isicelo sokubhalisa ikhaya labantu abadala

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lomsebenzi wenzelwe abantu noma izinhlangano ezinesifiso sokubhalisa ikhaya labadala.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo ehhovisi lezentuthuko yezenhlalakahle eliseduze nalapho uhlala khona
Gcwalisa ifomu phambi kwesisebenzi segatsha.
Thola irisidi uma ubanikeza ifomu uyigcine njengobufakazi bokuthi ufake isicelo.
Uma isicelo sakho senqatshelwa, uzobhalelwa incwadi ebeka izizathu zokuthi kubangelwa yini isicelo sakho senqatshelwa.
Uma ungavumelani nesinqumo, faka isikhalo sakho kungqongqoshe wentuthuko yezenhlalakahle noma nelungu lesigungu sekhansela ehhovisi legatsha likazwelonke noma lesifundazwe uchaze ukuthi ubangelwa yini ukuthi ungavumelani nesinqumo.
Faka isikhalo sakho kungakapheli izinsuku ezingu 90 uthole impendulo yakho.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Older Persons Act, 2006  
Aged Persons Amendment Act, 1998  
Aged Persons Act, 1967 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha amaviki amane ukusebenza isicelo sakho.
Unonhlalakahle uzomema abanye abantu njengabasebenzi bezempilo, nabasebenzi bakahulumeni wasekhaya ukuze baphenyisise leyo ndawo.
Yilowo nalowo muntu omenyiwe uzobhala umbiko wakhe ngakutholile ngenkathi aphenya.
Lemibiko uzokuthunyelwa ehhovisi lentuthuko yezenhlalakahle eseduzane ukuze kukhishwe isinqumo sokugcina.

Phezulu

Izindleko

Ukubhalisa kuya ngokuthi amandla esifundazwe angakanani kanti kuyashiyana ngezifundazwe.Ukuhlolisiswa kwekhaya ukuze libhaliswe akukhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu ayatholakala ehhovisi lentuthuko yezenhlalakahle eliseduze nawe.



Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


