
Isicelo sokulungisa imininingwane engamaphutha kumazisi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abenzi bezicelo omazisi babo  abo anemininingwane engamaphutha bangenza izicelo zokulungiswa kwawo kunoma yiliphi ihhovisi leZangaphakathi. Izicelo zingenziwa nakumanxusa  eNingizimu Afrika noma emission uma umenzi wesicelo engaphandle kwezwe.

Amaphutha avamile at holakala komazisi , kanti abenzi bezicelo abangafisa ukuthi alungiswe, abandakanya okulandelayo:

igama noma isibongo okungeyiso
isithombe okungesona salowo muntu
ikheli elingelona
usuku lokuzalwa okungelona
ubulili obungebona.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa amafomu e-BI-9, BI-526, kanye no-BI-309 kunoma yiliphi ihhovisi leZangaphakathi. Yenza isicelo kwinxusa  noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Khipha ubufakazi bolwazi okuyibo, isibonelo, isitifikedi sokuzalwa, isitifikedi sokubhabhadiswa, incwadi yesikole noma isitifikedi semathenithi.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi nesicelo sakho.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Identification Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Le nkonzo ingathatha amaviki angu-4 ukuya kumaviki angu-6.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for an amendment, BI-526 

Application for identity documents 

Application for re-issue of a identity document 

Application for retification of personal particulars, BI-309 


Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


