

Isicelo sokuthi kuguqulwe imininingwane yekheli lakho kuRejista kaZwelonke yokuBhalisa abantu bezwe

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Izakhamizi zaseNingizimu Afrika noma abanelungelo lokuhlala unomphela abafuna ukushintsha amakheli abo endawo yokuhlala noma okuposa, kwiRejista kaZwelonke yabantu bezwe  bangenza isicelo ehhovisi leZangaphakathi. Izicelo zingenziwa nakumanxusa  eNingizimu Afrika noma emission uma wenza isicelo ungaphandle kwezwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Bhala incwadi, uyithumele ngefekisi noma nge-email, uyiqondise kunoma yiliphi ihhovisi leZangaphakathi .
Kanti futhi, ungagcwalisa ifomu lesicelo le-BI-4 futhi ufakele nekhophi kamazisi wakho .
Khipha umazisi wakho yaseNingizimu Afrika one-bar code noma isitifikedi sokuzalwa lapho wenza isicelo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Identification Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisithupha .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Notice of change of address, BI-4 .

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


