

Isicelo sokunikeza inothisi yokufa  komuntu


Izincazelo 

Isitifikedi sokushona yidokhumende esemthethweni enikezwa umndeni oshonelwe lapho kubhaliswa  ukushona komuntu. Lapho umuntu wangaphandle eshona eNingizimu Afrika, irekhodi liyagcwaliswa ebese kukhishwa isitifikedi sokushona sinikezwa umndeni. Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya  noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.

Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwi-website ethi uMnyango wezaseKhaya. 

Izinyathelo okumele zilandelwe 

Gcwalisa ifomu le-BI-132.
Bhala incwadi enemininingwane yomuntu oshonile ebese iposelwa ehhovisi eliseduzane lezaseKhaya, uma lingekho ihhovisi lezaseKhaya endaweni yangakini.

Akukho mngcwabo oyokwenziwa ngaphandle komyalelo wokungcwaba. Umyalelo wokungcwaba yisitifikedi esinikeza isigunyaziso somngcwabo kanye nokuhanjiswa kwesidumbu ukusuka endaweni lapho umuntu ashone khona ukuya endaweni lapho azongcwatshwa khona. Umyalelo wokungcwaba ungakhishwa ngabe:

Ngabasebenzi boMnyango wezaseKhaya,
Amalunga ezenkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika , noma
Ngabangcwabi  abanegunya lokukhipha umyalelo wokungcwaba.

Umthetho osetshenziswayo 

Births and Deaths Registration Act, 1992  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isitifikedi esifingqiwe : Sinikezwa ngobhaliso lokushona.
Isitifikedi esiphelele : Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili  ukuya kwangu-12.

Izindleko

Isitifikedi esifingqiwe: Ngu-R10
Isitifikedi esiphelele : Ngu-R45

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for a death certificate, BI-132 
Burial order, BI-14 



Indawo nendlela yokuxhumana


