
Isicelo sokukhishelwa futhi umazisi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Idokhumende kamazisi , yidokhumende efakazela ubuyena bomuntu. Inikezwa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma abanelungelo lokuhlala unomphela abaneminyaka engu-16 nengaphezulu.

Idokhumende kamazisi ikhishwa futhi kulaba bantu abalandelayo:

Kubantu omazisi babo abalahlekile, abantshontshiwe noma abalimele.
Kubantu abenza izicelo zokushintshwa kwemininingwane yabo ziqu.
Kubantu isimo sabo sokuba yizakhamizi ezishintshile .
Kwabesimame abangena emendweni, noma abafuna ukushintsha izibongo zaboo zakudala.
Kubantu abahlala ngaphandle okwesikhashana kodwa abebenomazisi.
Abantu ababuya ngaphandle abanemvume esebenzayo yokuhlala unomphela.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-9 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kwinxusa  noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Fakela isitifikedi sakho sokuzalwa noma ipasi lakudala  elalinikezwa ngaphambi komhlaka-1 kuJuly 1986.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi.
Yenza ukuthi kuthathwe izigxivizo zeminwe yakho ukuze irekhodwe  kuhla lwabantu ezweni .
Khipha isitifikedi sokushada uma ushadile.
Owesimame oenza isicelo sikamazisi kanti ofuna ukubuyela kwizibongo zakhe zakudala, kumele anikeze ubufakazi bokuthi unelungelo lokusebenzisa leso sibongo.
Umuntu obuya ngaphandle owenza isicelo sikamazisi kumele afakele nemvume yakhe yokuhlala unomphela, noma isitifikedi se-naturalisation noma isitifikedi sokukhishwa ngaphansi kwesibopho .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Identification Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisithupha .

Phezulu

Izindleko

R16


Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for re-issue of an identity document, BI-10 
Application for identity document, BI-9 

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lomnyango eseduze nawe.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


