﻿

Maqondana nale-website


Inhloso nenjongo yale-website
Ulwazi oluqukethwe kule-website
Izilwimi
Ezinye izinto ezikule-website
Izikhathi zokufakelwa kolwazi olusha
Ubunikazi bolwazi
Inhlobo amadokhumende ahleleke ngayo
Ngabe udinga usizo ngezinkinga ohlangabezana nazo kule-website
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
Inhloso nenjongo yale-website

Injongo ngezinkonzo ze-website yeNingizimu Afrika wukutholakala komthombo owodwa wolwazi ngezinkonzo eziphakelwa nguhulumeni waseNingizimu Afrika. Injongo wukuphungula igebe elikhona phakathi kwabanamandla kanye nabangenamandla, kwabomnotho womkhakha wokuqala nabomnotho womkhakha wesibili. I-website iyimizamo ebalulekile yokungenela nokusiza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zikwazi ukuxhumana nohulumeni.

Abasebenzisi okuqondiswe kubo, yizakhamizi zaseNingizimu Afrika kuzo zonke izingxenye zezwe, amabhizinisi akhona manje nawekusasa aseNingizimu Afrika kanye nezinhlangano nezakhamizi noma izinhlangano zakwamanye amazwe ezidinga izinkonzo kuhulumeni waseNingizimu Afrika.

Abasebenzisi ababalulekile babandakanya izikhungo ezixhumanisa abantu ezifana nezikhungo zezinhloso eziningi zama-Multi-purpose Community Centres , abasebenzi bentuthuko emiphakathini , kanye nezikhungo zokuxhumana nohulumeni ngezingcingo ze-Batho Pele Gateway Call Centres, ezizosiza abantu ukusebenzisa i-website kulabo abangakwazi ukufinyelela ukusebenzisa ngokuqonde ngqo i-inthanethi.

Ulwazi oluqukethwe kule-website

Ulwazi ngezinkonzo  kahulumeni

I-website iqukethe ulwazi ngezinkonzo zikahulumeni ezinikezwa nguhulumeni emkhakheni kazwelonke.

Ulwazi lwezinkonzo luhlelwe ngezinkonzo zemikhakha emithathu:

Izinkonzo  kubantu: Izinkonzo  ezakhamizi zaseNingizimu Afrika, ahlelwe ngokulandela okwenzekayo empilweni
Izinkonzo  ezinhlanganweni: Izinkonzo  aqondene nezinhlangano kanye namabhizinisi
Izinkonzo  kubantu bamazwe angaphandle: ulwazi oluqondene nezakhamizi zakwamanye amazwe ezidinga izinkonzo eziqondene nazo kuhulumeni waseNingizimu Afrika.

Omunye nomunye wale mikhakha, uphinde wahlelwa ngendlela ehambisana nezinto ezenzeka empilweni ngokulandelana kwazo (izinto ezenzeka kwimpilo yesakhamuzi noma yebhizinisi. Izinto ezenzeka empilweni ziphinde zahlelwa ngokulandela izigaba zempilo.

Ulwazi kwinkonzo nenkonzo luhlelwe ngokulandela imikhakha eyisikhombisa ebalulekile, okuyilena: izincazelo, izinyathelo okumele zilandelwe, imithetho nemigomo, amazinga okwenziwa komsebenzi nesikhathi sokwenziwa komsebenzi, izindleko, amafomu okumele agcwaliswe kanye nemininingwane yokuxhumana.
Ulwazi oluhambelanayo

Lesi sigaba se-website, esikhonjiswe ngasesandleni sokudla kwi-bar ekuqhuba endleleni okumele uhambise ngayo, ikuxhumanisa namanye ama-website ahambelanayo, kulokho okwenzekayo empilweni.
Izilwimi

Loluhlobo lwe-webhusayiti lulungiselwe amalimi ayishumi nanye, isiNgisi, isiBhunu, isiNdebele, isiXhosa, isiZulu, isiPedi, isiSotho, isiTsonga, isiVenda, isiSwati kanye nesiTswana.



Ngenxa yokuthi ulwazi lwaqala lwabhalwa nge-English  kwathi emuva kwalokho lwaseluhunyushelwa kwezinye izilwimi. Ulwazi ngezinkonzo kwezinye izilwimi lufakelwa kwi-website ngemuva kokuba seluhunyushiwe.
Ezinye izinto ezikule-website
Sebenzisa ikhasi elithi xhumana nathi ukuphawula noma ukubuza nge-website yeziNkonzo zikaHulumeni.

Ikheli le-website yokuxhumana nohulumeni elithi: www.gov.za lenza ukuthi ukwazi ukungena nokuxhumana kwikhasi okungenwa ngalo le-website kaHulumeni waseNingizimu Afrika , elinikezela ngesango lokungena , kanye ne-website yoLwazi lukaHuumeni .

Imephu ye-website, ihlinzeka ngezithombe nemifanekiso yokuhleleka kwe-website. Ihleleke ukusuka phansi ukuya phezulu, lokhu okubeka ulwazi kwi-website ngemikhakha nemikhakha yezihloko ezithile. Lokhu kusiza ukuthi ukwazi ukubona kahle nokuqondisisa kahle ukuhleleka nengqikithi ekuqethwe yi-website.

Ikhasi lokuqala libeka uhla lwezinkonzo ezifinyeleleka kakhulu. Lezi zindawo zokungena zisiza ukufinyelela kwizinkonzo ezinhlanu eziphezulu ezivakashelwa ngabasebenzisi. Uhla lubekwa nokuhlelwa ngokubonelela amanani amakhasi avakashelwe.

Ibhokisana lokusesha litholakala kuwo wonke amakhasi e-website. Lapho ufakela ithemu  lokusesha, kuzoseshwa kuyo yonke i-website ukubheka lawo magama , ngokukhetha ukuxhunyaniswa lapho khona kuthi Usesho lwezinga eliphambili. Umsebenzi wokusesha, wukusesha ulwazi kwamanye ama-website kahulumeni.

Ukuxhunyaniswa namanye ama-website angaphandle, nakho kukhonjisiwe ngamagama athi 'ukuxhunyaniswa kwangaphandle – kuvula kwelinye ifasitela' elizovela kwibhokisana, uma i-cursor yakho ihanjiswa phezu kwalokho kuxhunyaniswa. I-website izovula kwelinye ifasitela lokuhamba-hamba kwamanye ama-website.
Izikhathi zokufakelwa kolwazi olusha

Le-website izohlala ifakelwa ulwazi olusha njalo. Umgomo wethu ukunikezela ngolwazi njalo lapho lubakhona. Kodwake abenzi nabathuthukisi be-website yeziNkonzo zikaHulumeni ngeke banikeza isiqiniseko ngokuthi ulwazi lwamanye ama-website esixhumanisana nawo olushicilelwe lapha luzoba ngolwangaleso sikhathi. Bheka kwiziMo neMibandela, kupharagrafu 4.3.
Ubunikazi bolwazi

Iminyango kaHulumeni yiyona engabanikazi bolwazi lwayo ku-website. Lo msebenzi wanikezelwa komininjela bokuxhumana beminyango, okuyibona ababhekene nolwazi olushicilelwe kule-website.

AbexokuXhumana kuHulumeni  yibona ababhekene nokuphathwa ngokunabile, kanye nokuhlanganisa maqondana nengqikithi yokuqukethwe ku-website.
Inhlobo amadokhumende ahleleke ngayo

Ulwazi luhleleke ikakhulukazi kule-website ngendlela ye-HTML. Kodwake amanye amadokhumende ayatholakala ngohlobo lwe-PDF , anikezelwa ngale ndlela ukuthi ahlale eyinhlobo okumele abe ngayo ukuhleleka nokwendlaleka kwawo.

Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.

Kokunye kuthatha isikhathi eside ukuvula amadokhumende e-PDF. Kulesi simo, sincoma ukuthi amadokhumende uwethule kwikhompyutha yakho ebese uwavulela khona.

Izeluleko ezilula zokwethula amadokhumende kwikhompyutha yakho

Lapho usebenzisa i-Internet Explorer njenge-browser yakho:

Ngegundane  yakho, cofoza kwinkinobho ngakwesokudla kwidokhumende ofuna ukuyethula.
Kwi-drop-down menu, khetha i-'Save target as'.
Kwifasitela le-'Save as', khetha indawo ofuna ukwethulela kuyo idokhumende kwikhompyutha yakho, ebese ucofoza kwinkinobho ye-'Save'. Ifayili izokwethulelwa kuleyo ndawo oyikhethayo.
Vula i-Acrobat Reader, ebese uvula amadokhumende ofuna ukuwethulela kwikhompyutha yakho.
Lapho usebenzisa i-Netscape njenge-browser yakho:
Ngegundane  yakho, sebenzisa u-shift and click  ekuxhunyanisweni nedokhumende, ofuna ukuyigcina .
Kwifasitela le-'Save as', khetha indawo ofuna ukwethulela kuyo idokhumende kwikhompyutha yakho, ebese ucofoza kwinkinobho ye-'Save'. Ifayili izokwethulelwa kuleyo ndawo oyikhethayo.
Vula i-Acrobat Reader, ebese uvula amadokhumende ofuna ukuwethulela kwikhompyutha yakho.
Ngabe udinga usizo ngezinkinga ohlangabezana nazo kule-website?

Sicela uxhumane nathi kwi-email yekheli elithi:  uma unezinkinga nge-website.


Phezulu


