﻿

Isicelo soMhlaba woLimo kaHulumeni

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umhlaba woLimo ongakweletwa kaHulumeni uyaqashiswa ngenhloso yokulima, nokuba nethuba noma ukungabi nethuba lokuthi uthengiswe, kuye ngesimo salowo mhlaba . Izivumelwano zokuqashisa nethuba lokuthenga  ziyavuselelwa njalo eminyakeni emithathu.

UMnyango kaHulumeni wezoLimo yiwo obhekane nokuphathwa kahle kanye nokuthengiswa komhlaba kaHulumeni wezoLimo, owatholakala ngaphansi kwebhodi lemboleko yezolimo i-Agricultural Credit Board  Land).

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Lapho umhlaba woLimo kaHulumeni utholakala ukuze uqashiswe, uMnyango wezoLimo, uyakhangisa  ngokubeka amanothisi ezindaweni ezigqamile kwisifunda , ezindaweni ezifana namahhovisi omantshi, eziteshini zamaphoyisa kanye nakumanyuziphepha .
Yenza isicelo kumuntu okhonjiswe kwinothisi.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Land Administration Act, 1995  
State Land Disposal Act, 1961  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Uminijela ophezulu - Senior Manager): wokuhlaliswa kwaBalimi kuMnyango wezoLimo kazwelonke ubhekana nokuqashisa impahla ye-FALA, uma lokhu sekwamukelwe nguNgqongqoshe wezeLimo nezeMihlaba.

Phezulu

Izindleko

Ukuqashiswa kwempahla kwenziwa ngokulandela ifomyula yokubonelela yonke i-value yomhlaba.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for settlement on state land 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


