
Isicelo sokuphinda futhi uthole ilungelo lokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Noma yimuphi umuntu owake waba yisakhamuzi ngokuzalwa noma ngokuba yisizukulwane, owanikezela ngobusakamuzi bakhe noma owavela akangabe esaba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika, angenza isicelo sokubuya futhi abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-175 kanye ne-BI-529 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya.
Gcwalisa ifomu BI-9 kanye nokunikeza ngezithombe ezimbili zamaduzane zosayizi we-ID.
Fakela isiqiniseko esibhaliwe sokuthi umuntu owenza isicelo manje usehlala eNingizimu Afrika.
Fakela ikhophi kamazisi  yomenzi wesicelo.
Fakela ikhophi yesitifikedi somshalo, uma sikhona.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Citizenship Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha amaviki ayisithupha  ukuya kwangu-8.

Phezulu

Izindleko

Ukubuya futhi ube yisakhamuzi: Ngu-R128
Umazisi : Ngu-R16


Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for resumption of South African citizenship, BI-175 
Determination of South African citizenship status, BI-529 
Application for an identity document, BI-9

Qaphela:Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


