
Isicelo sokulahla ilungelo lokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abantu baseNingizimu Afrika abanenhloso yokwenza isicelo sokuba yizakhamizi zakwelinye izwe, elingavumeli ukuthi abantu babenamalungelo okuba yizakhamizi zamazwe amabili, kumele benze isicelo sokulahla ilungelo lokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi ngeke usaba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika ukusukela ngaleso sikhathi isicelo sakho samukelwa . Izingane ezincane ngeminyaka nazo ngeke zisaba yizakhamizi zaseNingizimu Afrika ngaphandle kokuba abazali bazo beselokhu beyisakhamizi zaseNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa amafomu e-BI-246, BI-529, kanye no-BI-9 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya . Yenza isicelo kwinxusa  noma i-mission uma ungaphandle kwezwe.
Fakela onke amadokhumende omazisi aseNingizimu Afrika  ehhovisi lezindaba zaseKhaya , izindlu zamanxusa, noma i-mission.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Citizenship Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Le nkonzo  ingathatha amaviki angu-8 ukuya kumaviki angu-12.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Determination of South African citizenship status, BI-529 
Renunciation of South African citizenship, BI-246 
Application for an identity document, BI-9 

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


