
Isicelo sobhaliso  yomanyolo  e-Group 1
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Bonke omanyolo  ababuya ngaphandle, abenziwa noma ukukhiqizwa noma ukuthengiswa eNingizimu Afrika, kumele babhaliswe  ngaphansi komthetho we-Registrar of Act 36 of 1947. Umenzi wesicelo kumele abe ngumuntu ngokomthetho , isibonelo uJohn Peter Citizen T/A oqhuba ibhizinisi ngegama elithi: Diepsloot Stud.

Inkampani yaphesheya ngeke yakwazi ukwenza isicelo sokubhalisa  eNingizimu Afrila. Zinkampani ezibhalise lapha ezweni kuphela, isakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma inhlangano esemthethweni ebhalise eNingizimu Afrika engenza isicelo somanyolo .

Omanyolo be-Group 1, yilabo abaqukethe initrogen, iphosphorus, noma ipotassium njengesithako esikhulu, esibuye saziwe nangelokuthi ama-anorganic fertilizers.

Ubhaliso  izonikezwa kuphela uma, ngesikhathi sobhaliso:

ukudidiyelwa  komanyolo okukhulunywa ngakho, kungeke kwahluka kudidiyelo olubhalisiwe
imininingwane kanye namagama amukelwe kwilebuli noma kumphongolo ngeke kwaguqulwa ngaphandle kwemvume ebhaliwe ka-Registrar
imibandela ebekiwe ngesikhathi sobhaliso kumele ilandelwe
ubhaliso okukhulunywa ngalo ngeke lwadluliselwa kwabanye
osayizi bezikhwama noma bemiphongolo ngeke bashintshwa ngaphandle kwemvume ebhaliwe ebuya ku-Registrar.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Isicelo sobhaliso lokudla kwemfuyo kanye nomanyolo kumele sibe nalokhu incwadi ehambisana nesicelo ebuya kulowo obhalisile, noma kulowo oqokelwe ukumela obhalisile. Incwadi kumele ibandakanye nokulandelayo:

igama le-product 
inombolo yobhaliso uma iproduct isibhalisiwe 
isizathu sokuthumela isicelo 
incwadi yokuvuma uma kudingeka imvume kulowo obhalisile 
inani lemali okumele ikhokhelwe
amasheke athunyelwa odwa angahambi nesicelo kumele ahambisane nencwadi yencazelo 
i-formulation sheet.

Fakela ifomu lesicelo kuzicelo ezintsha kanye nezichibiyelo kubhaliso olukhona, okubandakanya nokushintsha kwe-formulation. Fakela amafomu amabili u gcwalise ifomu ngokugcwele, ngaphandle kokuchaza ngezicelo ezedlule, inombolo yekhasi noma amanye ama-product . Enye kungaba yikhophi).
Umuntu oqokwe ngokomthetho, okumele kube nguye ozoxhumanisa inkampani no-Registrar, kumele asayine amafomu ezicelo.
Igama kanye nenombolo yobhaliso  ye-product kumele isetshenziswe njengoba kuchaziwe kwisitifikedi sobhaliso . Noma yiluphi ushintsho, ngisho noma luluncane kangakanani, luzothathwa njengesichibiyelo.
Fakela amafomu ezicelo kwihhovisi lezokuphatha. Ukuhambisa amafomu kuma-Technical Adviser, kuzochitha isikhathi ngokubambezela inqubo.
Amalebuli esikhashana:

afakele ngamabili.
bhala ngeSingisi  noma nge-Afrikaans. Asikho isidingo sokuba namalebuli aprintwe ngazo zombili izilwimi.
kumele abhalwe ngokucacile.
musa ukufakela izinombolo kwizixwayiso kanye nezeluleko zokuphepha .
yonke imininingwane kumalebuli kumele ihambelane ncamashi naleyo efakelwe kwifomu lesicelo.


Thumela isicelo sakho kanye nemali kwi-Registrar of Act 36 of 1947.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Fertilizers, Farm Feeds, Agricultural Remedies and Stock Remedies Act, 1947  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ubhaliso  kamanyolo , ingathatha izinyanga ezintathu ukuya kwezine.

Phezulu

Izindleko

R2 420

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for the Registration of a Group 1 Fertilizer 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


