﻿
Isicelo sokubhalisela  ukuthola isaphulelo sentela 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  inikeza ulwazi ngokuthi kumele wenze kanjani ukubhalisela isaphulelo sentela  nabophiki lwezimali Ezingenayo iSouth African Revenue Service. Le rebate iyisaphulelo kwintela ekhokhiswa kwimpahla engeniswayo lapho ungenisa impahla.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Umenzi wesicelo hhayi umuntu wesithathu  kumele agcwalise ifomu lesicelo le , ngaphandle kwalokho, isicelo ngeke sabonelelwa.
Kwingxenye ye-Client Types section  hlola ibhokisi lesaphulelo sentela  kwisigaba serejistreshini  .
Kwisigaba semininingwane yomhwebo  lapho khona okuthi , kumele uchaze okulandelayo:

igama ibhizinisi elisebenzisayo
Igama lomgwaqo nenombolo yesitolo lapho kugcinwa khona impahla
igama kanye nenombolo ye-floor yebhilidi lapho ibhizinisi eliqhutshwa khona
i-suburb lapho ibhizinisi elitholakala khona
Idolobhakazi  noma idolobha  lapho ibhizinisi elitholakala khona
ikhodi lomgwaqo we-suburg lapho ibhizinisi elitholakala khona.

Isigaba se-Authority to apply section, kumele sigcwaliswe ngumenzi wesicelo  lapho enza isicelo sobhaliso  njengomuntu osebenzisa isaphulelo .
Igama lomenzi wesicelo noma igama lobhaliso  lebhizinisi, hhayi igama inhlangano eqhuba ngalo ibhizinisi  kumele kube yilona elivela kulesi sigaba.
Lapho khona kunalolu phawu, lwe (), susa lokho okungasebenzi.
Kwisigaba se-Rebate Store particulars section, kumele uchaze:

incazelo yezimpahla ezizogcinwa esitolo sesaphulelo 
izihloko zama-tariff headings/items zezimpahla ezingeniswayo zizogcinwa esitolo sezaphulelo 
impahla ekuzaphulelo  ngaphansi kwezinombolo zama-schedule 3,4.5 no-6
incazelo yemikhiqizo yezimpahla ezingeniswayo/yamametheriyali angeniswayo.

Kwi-Declaration section, kumele uchaze:

onobumba bokuqala bamagama  kanye nesibongo somuntu owenza isicelo selayisense
isikhundla somuntu owenza isicelo, isibonelo, uDayirektha, uMininjela noma Umnikazi
umuntu owenza isicelo kumele asayine ifomu lesicelo
usuku okusayinwe ngalo isicelo
indawo lapho okusayinwe khona isicelo.

Umenzi wesicelo,kumele afakele ifomu eligcwalisiwe lesicelo ehhovisi eliseduzane naye le-South African Revenue Services Customs and Excise.
Fakela amadokhumende okuqala  noma amakhophi aqinisekisiwe okulandelayo:

isitifikedi sobhaliso  yebhizinisi esinikezwe ngu-Registrar of Companies, noma u-Master of the Court uma kuyi-Trust
isinqumo  noma ukuvuma  noma elinye igunya kuye ngalokho isimo esiyikho
imvume yoMnyango wezoHwebo neziMboni iDepartment of Trade and Industry, uma lokhu kusebenza lapha
i-formulae uma wenza isicelo ngaphansi kwe-rebate item 607.04.10, 607.04.10, 607.04.10 and 607.04.10.
omazisi  kwizimo lapho beyizakhamizi zaseNingizimu Afrika noma amadokhumende amaPhasipoti kubantu abangebona abahlali ku:

kumuntu siqu
kophathina, ama-Close Corporation kanye ne-Trust – Onke Amalunga/Ophathina/Ama-Trustee.
inkampani – Bonke odayirektha, okubandakanya u-Managing Director kanye no-Financial Director.



Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Customs and Excise Act, 1964  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abe-SARS banikeza ngamazinga kanye nezikhathi zokwenziwa komsebenzi Service Charter okuzosetshenziswa ngo-2007.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Security particulars, DA 185C
Licensing/Registration of custom and excise clients, DA185
Registration client type - Rebate User, DA185.4A3

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


