﻿

Isicelo sobhaliso  njengongenisa impahla ezweni

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  inikeza ulwazi ngokuthi kumele wenze kanjani ukubhalisa njengongenisa impahla ebuya ngaphandle nabophiki lwezimali Ezingenayo iSouth African Revenue Service .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ifomu lesicelo kumele ligcwaliswe ngumenzi wesicelo, hhayi omunye umuntu wesithathu , ngaphandle kwalokho, isicelo ngeke sabonelelwa.
Sicela ubheke kumkhombandlela  wokwenza isicelo ukukusiza kwinqubo yelayisense.
Kwisigaba esbhekene nezinhlobo zamaKlayenti :

bheka kwi-Importer checkbox, ngaphansi kwe-registration.

Isigaba se-Importer Particulars, sichaza:

igama ibhizinisi elisebenzisayo
igama nenombolo yomgwaqo webhizinisi
igama kanye nenombolo ye-floor yebhilidi lapho ibhizinisi elisebenzela khona
i-suburb lapho ibhizinisi elitholakala khona
Idolobhakazi  noma idolobha  lapho ibhizinisi elitholakala khona
ikhodi lomgwaqo we-suburb lapho ibhizinisi elitholakala khona
ngubani ozobhekana nokubhala kanye nokufakela amadokhumende kwabe-South African Revenue Service; kanye
nokuthi ngabe uzobhala amadokhumende uwafakele, noma kuzoqokwa i-agent ezokwenza lokho.


Isigaba se-Authority to Apply kumele sigcwaliswe ngumuntu  owenza isicelo sobhaliso – serejistreshini njengomngenisi wempahla ebuya ngaphandle.


Igama lomenzi wesicelo noma igama lobhaliso  lebhizinisi, hhayi igama inhlangano eqhuba ngalo ibhizinisi  kumele kube yilona elivela kulesi sigaba.

lapho khona kunalolu phawu lwe (), susa lokho okungasebenzi.


Kwisigaba se-Declaration, chaza okulandelayo:


onobumba bokuqala bamagama  kanye nesibongo somuntu owenza isicelo selayisense.

isikhundla somuntu owenza isicelo, isibonelo, uDayirektha, uMininjela noma Umnikazi
umuntu owenza isicelo kumele asayine ifomu lesicelo
usuku okusayinwe ngalo isicelo
Indawo lapho okusayinwe khona isicelo.

Gcwalisa ifomu lesicelo kanye nokulifakele ehhovisi eliseduzane nawe le-South African Revenue Service Customs and Excise.
Fakela amakhophi aqinisekisiwe okuqala  okulandelayo:

isitifikedi sobhaliso  yebhizinisi esinikezwe ngu-Registrar of Companies, noma u-Master of the Court uma kuyi-Trust.
isinqumo  noma ukuvuma  noma elinye igunya kuye ngalokho isimo esiyikho
imvume yoMnyango wezoHwebo i-Department of Trade and Industry, uma lokhu kusebenza lapha
I-formulae uma wenza isicelo ngaphansi kwe-rebate item 607.04.10, 607.04.10, 607.04.10 and 607.04.10
omazisi  uma uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika
amadokhumende epasipoti uma ungeyena umhlali wezwe:

umuntu siqu
i-close corporation noma i-trust – onke amalunga, ophathina noma o-trustee
inkampani – bonke odayirektha, okubandakanya udayirektha ongumininjela kanye nodayirektha wezezimali.



Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Customs and Excise Act, 1964  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

I- SARS isungule amazinga afanele okwenziwa komsebenzi  ezoqala ukusebenza eminyakeni emibili ezayo ukusukela ngo- 2004 ukuya ku-2007. Lapho urejista  noma ukhokha, abe-SARS bahlose ukubhekana nobhaliso  yakh ngokuqondile ezinsukwini ezingu-21 zokusebenza.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo itholakala mahhala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Licence/Registration of custom and excise clients, DA185
Registration client type - Importer, DA 185.4A1 


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


