﻿

Isicelo sokubhalisela ukubangumthumeli wempahla nezinto ezithile kumazwe angaphandle

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  inikeza ulwazi ngokuthi kumele wenze kanjani ukubhalisa njengothumela impahla ngaphandle kwezwe nabophiki lwezimali Ezingenayo i-South African Revenue Service.

Ifomu lesicelo kumele ligcwaliswe ngumenzi wesicelo, hhayi omunye umuntu wesithathu , ngaphandle kwalokho, isicelo ngeke samukelwa.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Sicela ubheke kumkhombandlela  wokwenza isicelo ukukusiza kwinqubo yelayisense.
Kwisigaba esbhekene nezinhlobo zamaKlayenti :

bheka kwi-Importer checkbox, ngaphansi kwe-registration.

Isigaba se-Exporter Particulars, sichaza:

igama ibhizinisi elisebenzisayo
igama nenombolo yomgwaqo webhizinisi
igama kanye nenombolo ye-floor yebhilidi lapho ibhizinisi elisebenzela khona
i-suburb lapho ibhizinisi elitholakala khona
Idolobhakazi  noma idolobha  lapho ibhizinisi elitholakala khona
ikhodi leposi ye-suburb lapho ibhizinisi elitholakala khona
ngubani ozobhekana nokubhala kanye nokufakela amadokhumende kwabe-South African Revenue Service
nokuthi ngabe uzobhala amadokhumende uwafakele, noma kuzoqokwa i-agent ezokwenza lokho
nokuthi uchaze ukuthi ngabe uzothumela impahla kwelase-United States of America ngaphansi kwesivumelwano se-AGOA.

Isigaba se-Authority to apply, kumele sigcwaliswe ngumenzi wesicelo  lapho enza isicelo sobhaliso  njengomuntu osebenzisa isaphulelo .

Igama lomenzi wesicelo noma igama lobhaliso  lebhizinisi, hhayi igama inhlangano eqhuba ngalo ibhizinisi  kumele kube yilona elivela kulesi sigaba.
Lapho khona kunalolu phawu lwe (), susa lokho okungasebenzi.

Kwisigaba se-Declaration, chaza okulandelayo:

onobumba bokuqala bamagama  kanye nesibongo somuntu owenza isicelo selayisense
isikhundla somuntu owenza isicelo, isibonelo, uDayirektha, uMininjela noma Umnikazi
umuntu owenza isicelo kumele asayine ifomu lesicelo
usuku okusayinwe ngalo isicelo
indawo lapho okusayinwe khona isicelo.

Gcwalisa ifomu lesicelo ebese ulifakela ehhovisi eliseduzane nawe le-South African Revenue Service Customs and Excise.
Fakela amakhophi aqinisekisiwe okuqala  okulandelayo:

isitifikedi sobhaliso  yebhizinisi esinikezwe ngu-Registrar of Companies, noma u-Master of the Court uma kuyi-Trust.
isinqumo  noma ukuvuma  noma elinye igunya kuye ngalokho isimo esiyikho
imvume yoMnyango wezoHwebo i-Department of Trade and Industry, uma lokhu kusebenza lapha
i-formulae uma wenza isicelo ngaphansi kwe-rebate item 607.04.10, 607.04.10, 607.04.10 and 607.04.10
omazisi  kwizimo lapho beyizakhamizi zaseNingizimu Afrika noma amadokhumende amaphasipoti kubantu abangebona abahlali ku-:

umuntu siqu
i-close corporation kanye ne-trust – onke amalunga noma ophathina noma o-trustee
Inkampani – bonke odayirektha, okubandakanya u-Managing Director kanye no-Financial Director.



Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Customs and Excise Act, 1964  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for Registration / Licensing of Customs and Excise Clients, DA 185

Registration Client Type 4A2 - Exporter, DA 185.4A2


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana




