﻿
Isicelo sobhaliso njengomkhiqizi phansi kwe-AGOA

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  inikeza ulwazi ngokuthi ungenza kanjani ukubhalisa njengomkhiqizi ngaphansi komthetho nesivumelwano somthetho we-African Growth and Opportunity Act  wase-United States of America  kanye nabophiki lwezimali Ezingenayo i-South African Revenue Service . Umthetho unikeza izikhuthazo ezibonakalayo  kumazwe ase-Afrika ukuqhubeka nemizamo yawo ukuvula iminotho yawo kanye nokwakha izimakethe ezikhululekile.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola ifomu lesicelo kwi-inthanethi noma emahhovisi e-SARS aseduzane nawe.
Ifomu lesicelo kumele ligcwaliswe ngumenzi wesicelo, hhayi omunye umuntu wesithathu , ngaphandle kwalokho, isicelo ngeke sabonelelwa.
Sicela ubheke kumkhombandlela  wokwenza isicelo ukukusiza kwinqubo yelayisense.
Kwisigaba esbhekene nezinhlobo zamaKlayenti 

bheka umkhiqizi  kwi-AGOA checkbox  ngaphansi kwe-registration .

Kwisigaba se-Manufacturer for AGOA Particulars, chaza

igama ibhizinisi elisebenzisayo:
indawo lapho ibhizinisi elitholakala khona 
Igama lomgwaqo kanye nenombolo yebhizinisi
I-suburb lapho ibhizinisi elitholakala khona
Idolobhakazi  noma idolobha  lapho ibhizinisi elitholakala khona; kanye
ikhodi lomgwaqo we-suburg lapho ibhizinisi elitholakala khona.

Isigaba se-Authority to Apply kumele sigcwaliswe ngusobhizinisi oyedwa , udayirektha, ophathina, ilunga, utrustee, noma umuntu omeneja ibhizinisi, lapho enza isicelo sobhaliso  yomkhiqizi wesipesheli we-AGOA kwezentela yezimpahla ezingenayo neziphumayo.

Igama lomenzi wesicelo noma igama lobhaliso  lebhizinisi, hhayi igama inhlangano eqhuba ngalo ibhizinisi  kumele kube yilona elivela kulesi sigaba.
lapho khona kunalolu phawu lwe (), susa lokho okungasebenzi.

Kwisigaba se-Declaration, chaza okulandelayo:

onobumba bokuqala bamagama  kanye nesibongo somuntu owenza isicelo selayisense.
isikhundla somuntu owenza isicelo, isibonelo, uDayirektha, uMininjela noma Umnikazi
umuntu owenza isicelo kumele asayini ifomu lesicelo
usuku okusayinwe ngalo isicelo
indawo lapho okusayinwe khona isicelo.

Gcwalisa ifomu lesicelo kanye nokulifakele ehhovisi eliseduzane nawe le-South African Revenue Service Customs and Excise.
Hambisa namakhophi ezitifikedi zakho zokuqala  eziqinisekisiwe  zamadokhumende alandelayo, kwifomu lesicelo:

isitifikedi sobhaliso  yebhizinisi esinikezwe ngu-Registrar of Companies, noma u-Master of the Court uma kuyi-Trust
isinqumo  noma ukuvuma  noma elinye ugunya kuye ngalokho isimo esiyikho
imvume yoMnyango wezoHwebo i-Department of Trade and Industry, uma lokhu kusebenza lapha
i-formulae uma wenza isicelo ngaphansi kwe-rebate item 607.04.10, 607.04.10, 607.04.10 and 607.04.10
Omazisi  uma uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika
Amadokhumente amaphasipoti uma:

ungeyena umhlali
i-close corporation noma i-trust – onke amalunga, ophathina noma o-trustee
inkampani – bonke odayirektha, okubandakanya udayirektha onguminijela kanye nodayirektha wezezimali.



Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Customs and Excise Act, 1964  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo itholakala mahhala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Licensing/Registration of custom and excise clients, DA185

Client Type 4 - Manufacturer Under AGOA, DA185.04

Security particulars, DA185.C


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


