﻿
Umgunyathi wenkohliso ye-419 kanye nenkwabaniso yama-lottery     

Izincazelo

Umgunyathi wenkohliso ebizwa nge-Nigerial Letter Scam, iyinkohliso ethembisa ukufakela imali kuqala Le nkohlisi ibuye yaziwe ngelokuthi yi-"419 scam", kanti ivamise ukwenziwa ngumkhohlisi, ovame ukuba yilunga leqembu lezigelekeqe . .

Le nkohliso isungulwa ngumkhohlisi ngokuxhumana nenkampani ethize ngokuyithumela ifekisi, incwadi noma i-email. Kwenziwa isiphakamiso sebhizinisi, lokhu kwenziwa yiqembu lezigelekeqe ezezikhohlise ngokuthi ziyizikhulu zikahulumeni. Abakhohlisi baqamba amanga bathi banesamba semali yebhajethi eningi ngokweqile, imvamise bathi ingamadola aseMelika. Isiphakamiso sebhizinisi sivame ukuchaza ukuthi banesamba semali eningi ngokweqile, abafuna ukuyikhipha ezweni lakubo bayifakele ebhangi langaphandle kwalelo lizwe evela kulo. Umuntu othola leyo ncwadi uvamise ukuthenjiswa ukuthi uma engasiza uzothola amaphesenti angu-20 ukuya kwangu-35 aleyo mali ezodluliselwa ebhangi njengekhomishini ngokuvuma ukuthi kusetshenziswe i-akhawunti yakhe yabhangi.

Imali ikhishwa kulowo ovumile ukusebenzisana nabo ngezindlela ezehlukene:

Lowo ovumayo ukusebenzisana nabo uyaye acelwe ukuthi afakele imali kwi-akhawunti yebhangi elithize yokusiza ukubhekana nezindleko zokudlulisa le mali.
Uma esekhokhele leyo mali, uvamise ukutshelwa ukuthi kuvele "isixaka-xaka" thizeni, ngakhoke kumele afakele enye imali futhi.
Kuvamise ukuthi kwenziwe amalungiselelo omhlangano nalowo muntu kwelinye izwe, kanti uma lowo muntu eselapho kulelo lizwe, uthathelwa ipasipoiti yakhe, naye abanjwe ukuze enze amalungiselelo okufakelwa kwenye imali kwi-akhawunti yezigelekeqe.
Kungasetshenziswa ama-letterhead abonakale engawangempela kanti awambumbulu ukufakela imininingwane yeBhangi, ukudlulisela imali yalowo muntu obanjwa inkunzi esuka kwi-akhawunti yakhe ifakelwa kwi-akhawunti yezigelekeqe.

Inkohliso yomgunyathi ivamise ukusungulwa wumkhohlisi ngokuxhumana nabantu nje yonke indawo, kuvamise ukusetshenziswa i-email. Umkhohlisi uyaye athi uyisikhulu esimele inkampani ye-Lottery, kanye nokweluleka umuntu, ukuthi uwine imali yelotho, lapho umuntu engathenganga nathikithi lelotho. Basho izinombolo eziwinile ezincwadini abazibhalayo, ngisho noma iNkampani yeLotto abakhohlisi abathi basebenzela yona ikhona ngempela, izinombolo abakhohlisi abazikhiphayo ziyizo ngempela eziphumela , lokhu kuyinkohliso yenkwabaniso. Lezi zindlela zomgunyathi wenkohliso zisetshenziswa ngabe-419 scam ukuphuca abantu ababakhohlisayo izimali.

Ukuthola olunye ulwazi ngalo mgunyathi wenkohliso, ungaluthola kumaPhoyisa aseNingizimu Afrika  kwi-website, kanti kunezindlela laba bakhohlisi bomgunyathi abasebenza ngazo, kwisikimu sabo, sokukhwabanisela abantu izimali zabo, kanye nezindlela zokuzivikela ongazithatha.

Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website
yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
Izinyathelo okumele zilandelwe 

Kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika kanye nabahlali:
Uma uthola incwadi yenkohliso yomgunyathi ihambise incwadi, nolwazi kwabe-Interpol.
Fakela ulwazi lokuthi "No Financial Loss"  noma "Financial Loss"  nalawo madokhumende owasebenzisayo.
Nikeza imininingwane yokuxhumana nawe kanye nezinombolo zocingo, noma zalowo muntu  abathintekayo.
Kuzo zonke izindaba eziphathelene nale migunyathi yenkohliso, abe-Interpol bazoxhumana nabe-Yunithi yobugebengu bokuzuza i-Commercial Crime Unit yezamaphoyisa aseNingizimu Afrika iSouth African Police Service.

Kwizakhamizi zamahlwe angaphandle kanye nabahlali bangaphandle:
Thumela ikhophi yefekisi yezincwadi ze-"419" ozitholile kuNsumpa we-Commercial Crime Unit wezamaphoyisa aseNingizimu Afrika, iSouth African Police Service noma kwiKhomisshini/ i-Embassy/ u-Consulate-General ukuze akudlulisele kumaphoyisa aseNingizimu Afrika.
Nikeza ngemininingwane yabhangi .
Fakela ulwazi lokuthi "No Financial Loss"  noma "Financial Loss" .
Uma kunokuxhumana phakathi kwesikimu se-"419" kanye neNingizimu Afrika, chaza lokhu kahle nayo yonke imininingwane efanele.
Nikeza imininingwane yokuxhumana nawe kanye nezinombolo zocingo, noma zalowo muntu  abathintekayo.


Imithetho nemigomo 

Government Gazette No. 22459 of 13 July 2001 and General Notice No. 1643 of the same date (iGazethi kaHulumeni yeNombolo 22459 yomhlaka-13 kuJulayi kanye neNothisi kaWonkewonke yeNombolo 1643 yalolo suku.

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi

AbeNkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika  yibona ababeka isikhathi esizothathwa ekwenzweni komsebenzi, sokukhipha umbiko wokuthi kuqhubekeka kanjani ngomsebenzi. Imibiko ivamise ukukhishwa njalo emavikini amabili kuye ngesimo sodaba nodaba.
Imibiko ngokuthi umsebenzi uqhubeka kanjani ngeke yanikezwa abantu ziqu, uma kungekho kulahlekelwa okwenzekile. Kodwa-ke, kubalulekile ukuthi abeNkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika  banikezwe amakhophi ezincwadi zomgunyathi wenkwabaniso yesikimu se-"419", ukuze bazifakele kwi-database yabo .
Izikhulu ze-Consular yeNingizimu Afrika zamazwe angaphandle zizothumela amadokhumende ngezehlakalo lapho khona kube nokulahlekelwa kwezimali kwabe-SAPS kumahora angu-48 ngemuva kokuthola amadokhumende.

Izindleko 

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho, kodwa kubalulekile ukukhombisa kumadokhumende uma kube nokuhlahlekelwa zimali okwenzekile.

Imininingwane yokuxhumana 





