﻿
Isicelo sokwamukelwa kwenhlobo yesitshalo 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ngaphambi kokwenza izinqanyana zokwandisa izitshalo zanoma yiyiphi inhlobo yezitshalo, ezimenyezelwe kumthetho wokuthuthukiswa kwezitshalo we-Plant Improvement Act, 1976, ngena kwi-website ethi:, ezingathengiswa eNingizimu Afrika, ukuhleleka kwalezo nhlobo, kumele kubandakanye okulandelayo okutholakala kwi-website ethi): Variety list.

AboMnyango wezoLimo bagcina uhla lwezinhlobo ezibalulekile zezitshalo ezehlukene zemifino nezithelo zezolimo. Ukubika izitshal ngenhloso yokulandela umthetho kanye nokubandakanywa kwazo kuhla lwezinhlobo zezitshalo kwenziwa ngesicelo. Okulandelwayo wukubaluleka kwenhlobo yesitshalo kwezomnotho weNingizimu Afrika.

Noma yimuphi umuntu noma isikhungo angenza isicelo sokwamukelwa kwenhlobo. Inhlobo iyemukeleka ukuze ifakelwe kuhla lwezinhlobo uma ilandela izidingo zenqubo ye-DUS emele okulandelayo  and if the variety has an acceptable denomination– .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Hambisani nokulandelayo ku-Registrar for Plant Improvement :

ifomu eligcwaliswe ngokuphelele application form
a technical questionnaire
izimali ezibekiwe okumele zikhokhelwe isicelo nohlolo
imbewu noma izinqanyana ezisetshenziselwa ukwandisa izitshalo
isigunyaziso esibhaliwe somnikazi, uma ungeyena umtshali owandisayo, inhlobo ekhethiwe noma yathuthukiswa.



Sicela ucacise kwi-questionnaire  uuthi lenhlobo kumele iqhathaniswe naziphi izinhlobo ezaziwayo eNingizimu Afrika, izinhlobo ezintsha kumele ziqhathaniswe ukubona ukwehluka kwazo.
Kukhona izinsuku ezibekiwe okumele kufakelwe ngazo amadokhumende kanye namametheriyali ezingxenye ezisetshenziswa ukwandisa, ukuze zifakelwe ku-Registrar . Lezi zinsuku, amanani ematheriyali okwenziwa izinqanyana zokwandisa izitshalo, nalapho okumele zidiliviwe khona, kutholakala lapho kucelwa ku-Registrar.
Uma kudingeka ukuvikeleka ngokulandela amalungelo abandisi bezitshalo , abenzi bezicelo belulekwa ukufaka izicelo kanye-kanye ukonga isikhathi kanye nemali.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Plant Improvement Act, 1976  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Inqubo yokufakelwa kuhla kwezinhlobo, izothatha okungenani isikhathi esisoswa sesizini yokutshala nokukhula kwezitshalo.

Phezulu

Izindleko

Imali yokukhokhela isicelo maqondana nokwamukelwa kwenhlobo: Ngu-R790
Imali yohlolo ukuze inhlobo yamukelwe:

kwi-Category A : Ngu-R900
kwi-Category B  Ngu-R1 100
kwi-Category C : Ngu-R1 900



Isicelo sokuguqula noma sokungezelela noma ukwehlukanisa izinhlobo, esezivele zikhona, ezibandakanyiwe kuhla: Ngu-R1 500

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



, PBR/VL 2004
Technical questionnaire

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


