﻿

Isicelo semvume yokuhlala unomphela – kumnikazi webhizinisi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  isebenza kumuntu wangaphandle onenhloso yokuzosungula ibhizinisi eNingizimu Afrika; noma osevele enemvume yebhizinisi ukuqhuba ibhizinisi ezweni; noma onenhloso yokuzotshala izimali kwibhizinisi elikhona ezweni.

Izicelo zingenziwa kunoma yiliph ihhovisi laboMnyango wezaseKhaya kwiprovinsi  onenhloso yokuqhuba ibhizinisi kuso. Yenza isicelo kwinxusa  noma i-mission uma ungaphandle kwezwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29.
U-chartered accountant osebenza egameni lakho kumele afakele isiqiniseko sokuthi ngempela ifakelwe imali elingana umkhawulo obekiwe ezincwadini  webhizinisi. Umkhawulo wemali okunqunywe ukuthi ifakelwe yinani lika-R2,5 miliyoni kanti futhi leli nani lingabekelwa eceleni kuphela noma liphungulwe uma lokhu kuzobonelela izidingo zesizwe , noma uma kucela aboMnyango wezoHwebo neZimboni ukwenze njalo.
Uma sekutholakele imvume yokuhlala unomphela, kumele uvuselele isiqiniseko se-chartered accountant eminyakeni emibili ngemuva kosuku lokukhishwa kwemvume yokuhlala unomphela, kanti futhi kweminye iminyaka emithathu ngemuva kwalokho. Ukuhluleka ukulandela lo mbandela kuyoba nomphumela wokuthi imvume yakho yokuhlala unomphela iphele.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe sale sevisi.

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for permanent residence permit , BI-947 

Power of attorney in respect of an application/extension of  immigration permit or temporary residence, BI-29 .


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


