﻿
Isicelo semvume yokuhlala unomphela – kwabanamakhono anqabile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  isebenza kuphela kubantu abanamakhono noma amakhwalifikheshini anqabile. Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya  noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle. Asikho isidingo sokukhombisa ukuthi unikezwe umsebenzi ezweni.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29. Ukuze ukhombise aboMnyango ukuthi unamakhono noma amakhwalifikheshini anqabile , kumele ufakele incwadi evela kumkhakha kahulumeni wangaphandle noma waseNingizimu Afrika, noma kwisikhungo semfundo esemukelekile nekudala sikhona saseNingizimu Afrika, isikhungo sezamasiko, noma inhlangano yebhizinisi eqinisa ukuthi unamakhono noma amakhwalifikheshini ayinqayizivela nanqabile.
Fakela i-curriculum vitae kanye nobunye ubufakazi bamakhono kanye/noma amakhwalifikheshini anqabile.
Ukuze uqinise isicelo sakho, ungafakela nama-testimonial abuya kubaqashi bakho bakudala.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for permanent residence permit 

Power of attorney in respect of an application/extension of  immigration permit or temporary residence  maqondana nesicelo kwimvume yokuhlala isikhashana noma yokuhlala unomphela).


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


