
Isicelo sesondlo      





Isimo

Isondlo  yimpoqo yokuhlinzeka omunye umuntu, isibonelo abasebancane ngeminyaka, ngendlu, ukudla, okokwembatha, imfundo, unakekelo lwezempilo ngemithi, noma ngezindlela ezifanele zokuhlinzeka umuntu ngalezi zinto ezifanele. Lo msebenzi wangomthetho ubizwa ngokuthi yi-'duty to maintain' , noma i-'duty to support' .



Wubani okumele anakekele ?



Umsebenzi wokondla ubekwa ngokulandlela ubuhlobo begazi, ukwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa , noma ukuthi abantu baganene.



Ingane kumele yondliwe noma inakekelwe ngu/ngo

abazali bayo, ngisho noma bashadile noma kabashadile, abahlalisanayo, abehlukene, abadivosile, ababandakanya abazali abamukele ingane okungeyona eyabo ngokuzalwa ukuyinakekela; kanye/noma
ogogo noma omkhulu wabyo, ngisho noma abazali babeshadile noma babengashadile. Kodwa lokhu, kuyehluka kudaba nodaba.



Umsebenzi wokondla ilunga lomndeni alipheleli nje ekondleni ingane. Ilunga lomndeni, ngisho noma lineminyaka emingaki, lingacela noma yiliphi ilunga lomndeni ukulondla, kodwa uma kuhlangatshezwane nezimo ezilandelayo:

Ilunga lomndeni elikleyima isondlo, lingakwazi ukuzinakekela ngokwalo.
Ilunga lomndeni lapho okufunwa kulo isondlo, likwazi ukuba kwisimo sokondla.
Yiziphi izindleko ezingakleyimiwa?

Ungafuna ukusekelwa ngesizathu esibambekayo ukunikeza ingane noma umuntu onelungelo lokondliwa ukuthi aphile kwisimo esifanele nokukhula okufanele. Lokhu kubandakanya ukuhlinzeka ngezinto ezifanele ezifana nokudla, okokwembatha nendawo yokuhlala kanye nokukhokhela imali yemfundo yangempela. Inkantolo ingakhipha umyalelo wokuthi ubaba akhiphe imali yezindleko zonakekelo lwengane ukusukela usuku eyazalwa ngalo ukufinyelela kusuku umyalelo okhishwa ngalo. Inkantolo inganikeza umyalelo wokuthi kukhokhelwe izindleko zemithi, noma inganikeza umyalelo wokuthi ingane ibhaliswe kwisikimu sonakekelo lwempilo ngemithi i-medical scheme somunye wabathintekayo kulolu daba. Ukuze inkantolo ikwazi ukukhipha umyalelo ofanele nolungile, bobabili kumele banikeze inkantolo ubufakazi bezindleko zabo.



Umbono wakho ngokuziphatha komunye umzali akunamthelela kwilungelo lengane lokunakekelwa. Kusafanele ukhokhe isondlo, ngisho noma ngabe omunye umzali

usebuye washada;
usenobudlelwane nomunye umuntu;
akakuvumeli ukuthi ubone izingane; noma
omunye kwababili ubuye waba nezinye izingane.

Umsebenzi wakho wokunakekela ingane awunamthelela kwilungelo lakho lokubona ingane, lokhu kuphatha njengezinto ezehlukene. Nangaphezu kwalokho, izingane ngakolunye uhlangothi azinamthelela womsebenzi wokudla. Kodwa, inani lesondlo okumele likhokhelwe lingashintshwa yinkantolo uma omunye kwababili elatha isicelo sokwenza lokho.



Ukuthola olunye ulwazi ngena kwi-website yoMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.



Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza isicelo sesondlo enkantolo kamantshi kudistriki ohlala kuyo.
Uma ungabaza, inkantolo yendawo izokutshela ukuthi yiyiphi inkantolo okumele wenze kuyo isicelo sesondlo.
Hamba uye enkantolo efanele ebese ugcwalisa nokufakele i-Form A: Application for a maintenance order.
Nangaphezulu kwefomu eligcwalisiwe, nikeza ubufakazi bengeniso  wakho wenyanga kanye nezindleko, okufane namarisidi okuthenga ukudla, ugesi kanye/noma ukukhokhela irente.
Inkantolo izobeka usuku lapho wena kanye nommangalelayo  okumele niye ngalo enkantolo.
Isikhulu sezondlo kanye nomphenyisisi uzophenya ikleyimu yakho kanye nokubheka izimo zakho.
Inkantolo izokhipha amasamanisi  kummangalelwa  ukuze avele ekantolo ngosuku oluthile ukuxoxisana ngodaba.
Ummangalelwa angakhetha uuthi avume ukukhokhela isondlo esifunwayo noma ukuya enkantolo ukuyophikisana nalolu daba.
Uma ummangalelwa evuma ukukhokha isondlo esifunwayo, umantshi uzobuyekeza amadokhumende afanele. Ebese ekhipha umyalelo, kanti futhi angathatha isinqumo sokwenza lokho ngaphandle kokuthi abathintekayo bobabili bavele enkantolo.
Uma umuntu okufanele akhokhe isondlo engavumi ukukhipha isondlo, kumele avele enkantolo, lapho khona okuzolalelwa ubufakazi obuvela kubo bobabili abathintekayo.
Uma ikantolo ithola ukuthi kumele akhokhe isondlo, ikantolo izokwenza umyalelo wokuthi akhipha malini. Inkantolo izobeka nokuthi isondlo sizokhishwa nini futhi kanjani.
Inkantolo ingakhipha umyalelo wokuthi imali ikhishwe ngenye yezindlela ezilandelayo:
Ehhovisi likamantshi wendawo, noma kwamanye amahhovisi ombuso abekelwe lenhloso
Kwi-akhawunti yebhangi noma kwi-building society yalowo muntu othintekayo
Ikhishwe iqondiswe ngqo kulowo muntu okumele athole imali
Ngomyalelo wokuthi imali kumele idonswe emholweni wommangalelwa, idonswe ngumqashi wommangalelwa, okumele akhokhele isondlo, ngokulandela umthetho wezondlo we-Maintanance Act, 1998


Imithetho nemigomo

Maintenance Act, 1998  and related Regulations )

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi 

Nizophathwa ngokulinganayo, ngobuntu kanye nesithunzi.
Izikhalazo zizobonelelwa ngokushesha ngendlela enomphumela ngendlela okungakhonakala ngayo.
Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo . Yonke inqubo, ukusukela ekufakelweni kwesicelo ukufinyelela lapho uthola khona imali yesondlo, ingathatha amaviki ambalwa, kuye ngokusebenzisana kwezinhlangothi zombili zabathintekayo.
Ofakazi abahambela ukulalelwa kodaba, okubandkanya abantu abafuna isondlo, bangathola imali ebekiwe yesondlo kanye nezindleko zokuhamba. Kodwa, inkantolo izothatha isinqumo ngokubona kwayo ukuthi ngabe lawo ma-alawensi azokhokhelwa umuntu owenze isimangalo nesicelo somyalelo.
Umuntu ocela isondlo kumele enze isicelo kusikhulu sezondlo ngokukhokhela imali yofakazi.

Izindleko 

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Form A: Application for Maintenance Order 
Form B:Substitution or Discharge of existing Maintenance Order 
Form C1: Subpoena in terms of Section  of the Maintenance Act, 1998  
Form C2: Subpoena in terms of Section  of the Maintenance Act, 1998  
Form D: Notification to admit Statements by Witnesses 
Form E: Maintenance Order in terms of section 16 of the Maintenance Act, 1998 
Form F: Notice to make Maintenance Payments on behalf of person against whom Maintenance Order was made 
Form G: Consent and Maintenance Order in terms of section 17 read with Section 16 of the Maintenance Act, 1998 
Form H: Order by Default and Notice in terms of Section 18 read with Section 16 of the Maintenance Act, 1998 
Form I: Application for Variation/Setting Aside of an Order by Default in terms of Section 19  of the Maintenance Act, 1998  somthetho wezondlo)
Form JForm J: Subpoena in terms of Section  of the Maintenance Act, 1998   somthetho wezondlo)
Form K: Application for Enforcement of Maintenance or other Order in terms of Section 26 of the Maintenance Act, 1998 
Form L: Warrant of execution against Property in terms of Section 27 of the Maintenance Act 
Form M: Application for Variation/Setting Aside of an Order by Default in terms of Section 27  of the Maintenance Act, 1998  somthetho wezondlo)
Form N: Application for Suspension, Amendment or Rescission of an Order for the attachment of Emoluments in terms of Section 28 of the Maintenance Act, 1998  somthetho wezondlo)
Form O: Subpoena in terms of Section  of the Maintenance Act, 1998  
Form P: Application for Suspension, Amendment or Rescission of an Order for the attachment of Emoluments in terms of Section 30 of the Maintenance Act, 1998  somthetho wezondlo)
Form Q: Complaint of Failure to Comply with a Maintenance Order for purposes of Section 31 of the Maintenance Act, 1998  somthetho wezondlo)



Imininingwane yokuxhumana 



Xhumana naboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo:


