﻿

Isicelo sokungezelelwa isikhathi sokufakela amafomu entela yengeniso

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umkhokhi wentela angenza isicelo sokungezelelwa isikhathi okumele afakele ngalo ifomu lemali yentela.

Isicelo sokungezelelwa isikhathi sokufakelwa kwemali yentela i-Income Tax Return siyonqatshelwa  uma kukhona enye yalezi zimo kwirekhodi lomkhokhi wentela:

Uma ikheli lomtheli-ntela lingaziwa ngabomnyango wezentela yase South Africa.
Uma irekhodi lomtheli-ntela lingakhombisi ukuthi uyathela.
Uma Inkampani noma ikopolesheni ingakhombisi ukuthi iyasebenza.
Uma umtheli-ntela efudukile.
Uma irekhodi lomtheli-ntela likhombisa ukuthi ubhubhile, noma udliwe izimali zonke zakhe.
Uma amaphephe entela alowomnyaka omtheli-ntela asafikile kubomnyango wezentela.
Uma abomnyango wezentela sebethumele incwadi ephuthumayo ifuna umtheli-ntela ukuthi athumele amaphepha akhe entela omnyaka othile.
Uma amaphepha entela  engakathunyelwa kanti umtheli-ntela akakhulumisananga nabomnyango wezentela kanti-ke nesikhathi sokuthumela lamaphepha sesidlulile.
Uma imali yentela ingakakhokhwa namalungiselo okweqisa Isikhathi angenziwanga.
Uma amaphepha entela alomnyaka angakakhishwa ngabomnyango wezentela.
Uma umtheli-ntela angafanelanga ukukhokha intela kulomnyaka.
Uma umuntu acela ukwengezelwa Isikhathi esingaphezu kwaleso esibekiwe uma kubhekwa isigaba umtheli-ntela akusona.
Uma amarekhodi omtheli-ntela athuthukiselwa kwesinye isigodi.
Uma amaphephe entela noma imali ye VAT ingakakhokhwa kanti umtheli-ntela akakhulumisananga nabomnyango wezentela kanti-ke nesikhathi sokuthumela lamaphepha sesidlulile noma engacelanga ukuthi adlulise Isikhathi sokuthumela imali ye VAT.
Uma isitatimendi se PAYE, noma amaphepha entela noma imali yentela kungathunyelwanga kanti umtheli-ntela akakhulumisananga nabomnyango wezentela kanti-ke nesikhathi sokuthumela lamaphepha nalezitatimendi sesidlulile noma engacelanga ukuthi adlulise Isikhathi sokuthumela imali yentela.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Faka isicelo sokwengezelwa isikhathi sokukhokha intela ngokuya ku SARS website noma nge e-mail .
Bhala incwadi yokucela ukungezelelwa isikhathi sesipesheli sokukhokha intela , uyiqondise kwabeGatsha le-SARS eliseduzane nawe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Uma isicelo sesibonelelwe, uzothola inothisi nge-email, ezosebenzisa ikheli le-email olifakele. Uma ungafakeli ikheli le-imeyili, ungaxhumana nabehhovisi leGatsha le-SARS eliseduzane nawe ngemuva kosuku olulodwa lokusebenza.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Bhalisa ku inthanethi.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


