﻿
Isicelo sokuba ungalahlekelwa yilungelo lokuba yisakhamuzi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Isicelo sokuba ungalahlekwa yilungelo, sisiza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqhubeke nokuba yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngisho noma ziba yizakhamuzi zakwelinye izwe. Isicelo singenziwa ehhovisi lezindaba zaseKhaya . Yenza isicelo kwinxusa  noma i-mission uma ungaphandle kwezwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Abenzi zicelo abanenhloso yokuthola ilungelo lokuba yizakhamizi zakwelinye izwe ngaphandle kokulahlekelwa yilungelo labo lokuba yizakhamizi zaseNingizimu Afrika, kumele balandela le nqubo elandelayo:

Gcwalisa amafomu esicelo kule website ethi: BI-1664 and BI-529.
Khipha ikhophi eqinisekisiwe yedokhumende kamazisi wakho yaseNingizimu Afrika noma ipasipoti.
Khipha ikhophi eqinisekisiwe yesitifikedi sokuzalwa saseNingizimu Afrika, kanye nesitatimende esifungelwe kwabomthetho , esichaza ukuthi awunalo elinye ilungelo lokuba yisakhamu kwenye indawo. Onke amakhophi amadokhumende kanye nesitatimende esifungelwe kumele kuqiniswe ngogunyaziwe ukwenza izikontilaki zomthetho ongu-Public Notary, noma ukhomishana wezifungo u-Commissioner of Oaths.

Izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezalahlekelwa ngamalungelo azo okuba yizakhamizi, ngemuva kokuthola ilungelo lokuba yisakhamuzi sakwelinye izwe, ngesikhathi bengasezona izingane ezincane ngokomthetho , kanti futhi ngaphandle kokwenza isicelo sokugodlelwa ilungelo, ngaphambi kokuba babeyizakhamizi zakwelinye izwe, zingenza isicelo sokukhishwa kwisibopho .

Abenzi zicelo kumele baladnele le nqubo engezansi:

Bagcwalise amafomu esicelo kule website ethi: BI-1666 and BI-529.
Bafakele ikhophi yesitifikedi selungelo lokuba yisakhamuzi sakwelinye izwe.
Fakela ikhophi eqinisekisiwe ye-ID yaseNingizimu Afrika noma ipasipoti, noma isitifikedi sokuzalwa saseNingizimu Afrika.
Onke amakhophi amadokhumende kumele kuqiniswe ngogunyaziwe ukwenza izikontraki zomthetho ongu-Public Notary, noma ukhomishana wezifungo u-Commissioner of Oaths.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Citizenship Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Le nkonzo  ithatha izinsuku ezingu-5 zokusebenza.

Phezulu

Izindleko

R128

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-1664 
BI-529 
, BI-1666
BI-862 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


