     

IX / 3 (2009)

____________________________________________________________________________





UMhlangano-Jikelele Wonyaka we-SATI ka-2009

Kakade usufundile kwEzinohlonze ZoMkhandlu ukuthi eMhlanganweni-Jikelele Wonyaka wanonyaka kwemu-kelwa umthetho-sisekelo omusha weNhlangano kanye nesakheko (structure). Manje i-SATI isilawulwa wuMkhandlu owakhiwe ngamalunga amahlanu kanye nomqondisi ophethe (executive director). Laba bantu abathintekayo ngu-Anne-Marie Beukes (usihlalo) uJohan Blaauw (iphini likasihlalo), uBeverley Boland, uManzo Khulu, uMichelle Rabie noMarion Boers (umqondisi ophethe). Lapha sinethulela leli thimba elisha.



U-Anne-Marie Beukes usesebenze eSigungwini Esiphakeme se-SATI iminyaka engu-23, njengoba aqala ewummeleli we-RAU ngo-1986! Usekhonze i-SATI njegosihlalo kule minyaka emine edlule futhi wayeku-Council of the International Federation of Translators iminyaka eyisishiyagalolunye. Ngaphezu kokuzinikela kwakhe ku-SATI, usesebenze emkhakheni wemfundo ephakeme, efundisa ukuhumusha e-UJ (ngaphambili okwakuyi-RAU), nanjengenhloko yokuhlelwa kwezilimi ku-National Language Service iminyaka eminingana.



Johan Blaauw uwumhumushi, utolika nomlungisi-limi oqinisekiswe yi-SATI osesebenze njengosolimi (language practitioner) ukusuka ngo-1979. Njengemanje uyiNhloko Yokusetshenziswa Kwezilimi eNyuvesi yaseNyakatho-Ntshonalanga, futhi uhileleke ekuqeqesheni nasekuse-benziseni. Uye wabandakanyeka kabanzi ku-SATI kule minyaka edlule, ekhonza esigungwini esiphezulu njengo-nobhala ukusuka ngo-1987 kuya ku-2005, njengomhloli (examiner) ekuhloleni kokuqinisekiswa, futhi ikakhulu njengomqongeleli wamathuba okuhlolelwa ukuqinisekiswa kwawotolika kusukela kwaqaliswa lolu hlobo lokuqini-sekiswa (accreditation).



UBeverley Boland usesebenze eSigungwini Esiphakeme se-SATI iminyaka emibili. Une-BA (Izilimi) yase-RAU ne-MA yoKuhumusha yaseWits. Wasebenza njengosolimi e-SA Police wabe esesebenzisa amakhono akhe olimi emkhakheni wokuthumela kwamanye amazwe iminyaka ethile ngaphambi kokuba azisebenze ukusuka ngo-2007. Ngaphezu komsebenzi wakhe wolimi, ubuye asize i-SATI nangemisebenzi yasehhovisi.



UMichelle Rabie waqalisa i-agency yakhe yokuqala yokuhumusha eneminyaka engu-22 ubudala. Ngemva konyaka yaxubana nenye i-agency, i-Dilicom, futhi ukusuka lapho uMichelle ubelokhu ekukhulisa loku ukusuka ebhizinisini lomuntu oyedwa kuya enkampanini enabasebenzi abaqashwe ngokugcwele abayisikhombisa kanye noquqaba lwabanezikontileka ezingaphansi. Njenga-manje umatasa nge-BA e-Unisa, ukuze enezele ithiyori olwazini lwakhe lokuzibonela.



UManzo Khulu unesizinda sokulawulwa kwabasebenzi neminyaka engaba ngu-30 ekugqugquzeleni ukuxhumana kwasendaweni yomsebenzi okuhlanganisa amasikompilo angafani kokubili ezinkampanini zokukhiqiza zase-Ningizimu Afrika nakwezamazwe. Njegomhumushi oqinisekiswe yi-SATI wangenela umkhakha wokusetshe-nziswa kolimi eminyakeni emithathu edlule futhi manje une-agency yakhe yolimi echumayo. Intshisekelo yakhe iwukugqugquzela nokuthuthukisa ukusetshenziswa kwe-zilimi zomdabu.



UMarion Boers usebe wumhumushi nomhleli ozisebe-nzayo ukusuka ngo-1987, emva kokuchitha iminyaka emine emnyangweni wokuhumusha kahulumeni. Ukusuka ngo-2000 ubelokhu eqhuba ihhovisi eliwumfuziselo (virtual office) leNhlangano kwase kuthi ngo-Agasti 2008 wakhethwa njengomengameli we-International Federation of Translators.



Amalunga

Amalunga amasha: Africa Centre for Health & Population Studies (ilunga eliyinkampani), Michelle Andrews, Galal Ari, Glenn Babb, Willem Botha, Wayel Boulos, Ty Broberg, Tinyiko Chauke, Carolina Christians Lupi, Patrick Derrien, Nina Dodds, Danijela Dragojevic, Lize du Plessis, Gawie du Toit, Arica Fouché, Johan Fourie, Galina Fryshko, Kobus Geldenhuys, Danél Hanekom, Bettina Harnisch, Helga Hofmann, Corné Janse van Rensburg, Sophia Kapp, Sibusiso Khoza, Jane Kim, Emmanuel Kiro, Thandi Kleinbooi, Yameng Li, Dikeledi Magongoa, Mahomed Mahomedy, Olivia Mametja, Tshedza Manugeni, Phumzile Masala, Thato Mokhele, Senomphana Molapo, Wanda Molteno, Didi Morake, Abdelfatah Mouttaqui, Edmundo Rocha, Mmapula Segatlhe, Charmaine September, ST Communications (ilunga eliyinkampani), Stellenbosch University Language Centre (ilunga eliyinkampani), Clara Tilve, University of Johannesburg Languages (ilunga eliyinkampani), Liesl van der Westhuizen, Tania van Vuuren, Nhlaka Vezi, Bridget Wolmarans

Abesulile: Joan Bothma, Ilze Ludick, Annatjie Rautenbach

Iminikelo yeSikhwama Sokuthuthukisa: B Angelis, R Bertelsmann, I Catalano, JI Cilliers, F Coelho-Valongo, E Cornelius, JI de Jager, M Delport, IM Dippenaar, S du Toit, G Greyling, E Grobler, S Gussmann, L Hartman, M Hurndall, J Kok, C Kyriakos, V Leckie, W Liebenberg, I Luus, M Mahasa, G Matheatau, APM Moen, W Moepedi, MA Morgado Grobbelaar, K Muller, L Nas, J Ngubane, I Nkulu, B Nokele, T Phathela, E Pooe, SJ Portman, S Pratten, D Profir, M Rademeyer, S Richardson, P Schwartz,,WK Smit, HJ Smith, TW Steward, E Steyn, K van der Mast, K van Wyk, J Vorster , S Wolmarans, A Wright, J Zucker

Abasanda kuqinisekiswa: Belinda Bezuidenhout: ukuhumusha isiNgisi-isiBhunu; Béatrice Boltz: ukuhumusha isiNgisi-isiFulentshi; Jean-Christophe Courbin: ukuhumusha isiNgisi-isiFulentshi; Sonwabile Cotiyana: ukuhumusha isiNgisi-isiXhosa; Inge Luus: ukuhumusha okufungelwe isiJalimane-isiNgisi; Grit Naidoo-Goedecke: ukuhumusha okufungelwe isiNgisi-isiJalimane



Okuthakazelisayo

Kolwanonyaka uSuku Lokuhumusha Lwamazwe, kuzobanjwa okuthiwa ngeyokuqala ngqa embonini yokuhumusha inkomfa ewumfuziselo (virtual conference)! Kuzoba khona amahora ayishumi nambili okusakaza bukhoma kanye namathuba okuxoxisana kwezethameli (networking) okunamandla, kanye namathuba okuvakashela abakhangisi (exhibitors) – konke loku ngaphandle kokuba umuntu asuke edeskini lakhe! Ngosizo lwabaxhasi balo mcimbi, ukwethamela lo mcimbi kuzoba ngokwesihle kubahumushi. Kuzokwethulwa nemititilizo, ukuxoxisana kwezethameli, amathuba okwazana kuthintanwe nezinkampani zokuhumusha, amanani entengo eyehlisiwe e-software nokunye okuningi. Imfomesheni eyengeziwe: www.proz.com/conference/74.



I-Google imemezele ukuthi i-Gmail Labs yayo yethule ama-aplikesheni ngezilimi ezingu-49, kuhlanganise isiFilipino. Loku kwethulwa kwama-aplikesheni andiminingi kufika kanyekanye nonyaka wesihlanu we-Gmail. [www.eweek.com/c/a/Messaging-and-Collabor ation/Google-Gmail-Labs-Activates-49-Languages-850479/]



Kuye kwethulwa i-World Digital Library (WDL), umtapo-ncwadi wamasikompilo otholakala ngentanethi, ngesimo esindiminingi futhi uhlanganisa ama-material avela emazweni namasikompilo angu-32 emhlabeni jikelele. Amathuluzi okuthubeleza (navigation) kanye nencazo yokuqukethwe kuhlinzekwe ngesi-Arabhu, isiNgisi, isiFulentshi, isiPutukezi, isiRashiya nesiPanishi. Njengoba iqhutshwa yi-Library of Congress, i-WDL ibandakanya iminikelo yezinhlangano ezingabalingani emazweni amaningi, kanye noxhaso lwe-UNESCO kanye nosizo olungokwezimali oluvela enanini elithile lezinkampani namaziko azimele (private foundations). Imfomesheni eyengeziwe: www.wdl.org/en/.



I-Lingo Systems, inkampani ehlinzeka izinkonzo zokuhumusha ne-localisation, imemezele ushicilelo lohlelo lwesikhombisa lwe-Guide to Translation and Localization – Communicating with the Global Marketplace. Lesi siqondiso (guide) siklanywe busha ngokuphelele futhi siqukethe imfomesheni ebonisa ubunjalo bale mboni, amagxathu ethekinoloji kanye nezinkambiso eziphuma phambili (best practices). Lesi siqondiso esisha sinaneziningi izahluko zezihambeli ezivela kochwepheshe bemboni nosolwazi ngezihloko ezisukela kuma-system okulawula okuqukethwe kanye nezingqinamba zokuhumusha ngemishini ukuya embonweni kafuphi ngekusasa lemboni yokuhumusha ne-localisation. Imfomesheni eyengeziwe:www.lingosys.com.

I-software nama-website

I-WinSplit. Kaningi lapho usebenza ngekhompuyutha kuba nesidingo sokuvula amafasitela amabili noma ngaphezulu kanyekanye esikrinini. I-WinSplit Revolution, i-aplikesheni yamahhala ye-Windows XP ne-Vista, yenza lula ukulawula amafasitele amaningi. Le aplikesheni ikuvumela ukuba ulakanyise lutsheku, wehlukanise futhi uhlele ama-program akho nesikhala sokusebenza esiku-desktop ukuze ukwazi ukusisebenzisa kahle kakhulu isikhala esitholakalayo. Yiya ku-www.winsplit-revolution.com. Kubasebenzisi be-Fire-fox abafisa ukuchaya amakhasi amaningana ngasikhathi sinye kunolunye ulwengezo olubizwa i-Split Browser olunokudilizwa (download) bese lu-instolwa kalula. I-Split Browser ikuvumela ukuba uphinde uhlukanise i- pane yokubhrawuza ye-Firefox ibe yizigaba ezimbili noma ngaphezulu, okukuvumela ukuba ulayishe futhi ubuke iziza (sites) eziningana kanyekanye. Yiya ku-

https://addons.mozilla.org/en-US/firefox/addon/4287.



I-Lexicool inalezi zichazamazwi nezincazomazwi (glossaries) ezintsha ezitholakalayo:

LexALP Term Bank (DE-FR-IT-SL): insiza esabalele ebe wumphumela weprojeke eligamanxa izintaba ama-Alp ukuze kuvunyelaniswe amatemu ezomthetho kanye nezindinganiso emikhakheni yokupulana ububanzi besikhala (spatial planning) kanye nokuthuthukisa okunozinzo ezilimini ezine ze-Alpine Convention (isiFulentshi, isiJalimane, isiTaliyana nesiLoveniya). [http://217.199.4.152:8080/termbank/LexALP.po]

Isichazamazwi samatemu ezinsimbi zomculo ezifu-thwayo (woodwind instruments) (DE-EN-FR): Isichaza-mazwi somculo esiqukethe amatemu aphathelene nezinsimbi zomculo ezifuthwayo. Uthintano (interface) lungezilimi ezintathu futhi amatemu angaseshwa ngezwi eliyinhloko noma isigaba. [www.molem.fr/ wordsearch.php?lang=eng]

Amatemu enqumbomgomo yemfundo nokuqeqesha kwaseYurophu (DE-EN-ES-FR-HR-IS-IT-NO-PT-SL-SV-TR): incazomazwi endiminingi ethakazelisayo echasisa amatemu ayinhloko ayi-100 asetshenziswa eYurophu emkhakheni wenqubomgomo yemfundo nokuqeqesha. [http://europass.cedefop.europa.eu/europass/home/hornav/Glossary.csp?loc=en_GB]



I-Wordfast LLC, umhlinzeki we-software yememori yokuhumusha, iye yaklama uchunge lwe-webinar ukunika abasebenzisi imiboniso ngezici ezikhethekile nge-Wordfast Pro. Futhi la ma-webinar azoqoshwa bese enziwa atholakale ku-website yayo ukuhlinzeka iziyalelo ezenge-ziwe noxhaso ngomkhiqizo. Imfomesheni eyengeziwe: info@wordfast.com noma www.wordfast.com.



I-TranslatorsTraining, insiza etholakala ngentanethi youkuqhathanisa nokufunda ngamathulzi okuhumusha okwelekelelwa yikhompuyutha (CAT), iye yamemezela ukwengezwa kwama-tutorial amasha amathuluzi ayinhloko e-localisation – i-SDL Passolo ne-Alchemy Catalyst. La ma-tutorial avumela abanezikhokhelo (subscribers) ukuba bazitholele ukuthi empeleni amathuluzi e-localisation enzani, baqonde umehluko phakathi kwamathuluzi e-localisation nawe-CAT futhi baqhathanise amathuluzi e-localisation. Imfomesheni eyengeziwe: 

http://www.translatorstraining.com/sito/.



I-TT-Software seyakhe uhlobo olusha lwesichazamazwi esindiminingi. Kukhona izilimi eziwumsuka eziyisishi-yagalombili – isiNgisi, isiFulentshi, isiPanishi, isiPutukezi saseBrazil, isiTaliyana, isiJalimane, isiDashi nesiSwidi – eziboniswe efasiteleni elilodwa, kuhlanganise ukuhlobana kwalezi zilimi ezehlukene kanye nendabuko yazo. Ulimi oluwumsuka ngalunye luqukethe amazwi ayinhloko eve ku-35 000 kanye nezinkumusho ezingaphezu kuka-350 000 olimini ngalunye. Imfomesheni eyengeziwe: 

http://www.multilingual-databases.com/.



Umnyango wokutolika we-ETI eNyuvesi yaseGeneva uzokwethula ucwaningo lohlelo lweziqu zobudokotela ekutolikeni olutholakala ngentanethi olugogodile ngomhla ka-15 Okthoba 2009. Imfomesheni eyengeziwe: http://virtualinstitute.eti.unige.ch/conf.



I-SDL Trados iye yachibiyela inqubo yayo yokunika izimvume kulabo njengamanje abanelayisense ye-Trados 2007. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe bheka 

http://www.proz.com/forum/sdl_trados_support/137176-sdl_trados_studio_2009_licensing_and_process.html



Izintshicilelo

I-Introduction to Chinese-English Translation ka-Zinan Ye noLynette Xiaojing Shi, ISBN 978-0-7817-1216-0. Iqashelwa ngabathile njengencwadi yokufundisa(textbook) yesiNgisi yokuqala enegunya eyenzelwe abahumushi besiShayina-isiNgisi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.amazon.com/Introduction-Chinese-English-Translation-Zinan-Ye/dp/078181216X/ref=sr_1_1?ie=UTF8&s=books&qid=1245535788&sr=8-1



I-Translation kaJuliane House (ingxenye ye-Oxford Introduction to Language Study), ISBN 978-0-19-438922-8: Isethulo esifushane nokho esinohlonze kuthiyori nomsebenzi wokuhumusha. Leli bhuku libheka ukuhu-musha likuqhamukela ezinhlangothini ezehlukene ezihilela izingxoxo zokucusumbula ukulinganisana ekuhumusheni, ukukalwa kokuhumusha, ukuhumusha njengokuxhumana phakathi kwamasikompilo, ucwaningo lwenqubo yokuhumusha, ukuhumusha ne-globalisation, izifundo zeqoqo lemibhalo ekuhumusheni kanye nezindlela zokusebenzisa ukuhumusha ekufundiseni izingane.



I-Internationalizing Media Studies, ehlelwe wuDaya Kishan Thussu, ISBN 978-0-415-45530-5, isiqondiso ekwenzeni imithombo yezindaba ibe ngeyamazwe kanye nokutadishwa kwayo ku-context yembulunga. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.routledge.com/9780415455305



Imicimbi nezimemo zamaphepha

Umhlaba Enhlekeleleni – Kuthiwani Ngemboni Yolimi? Inkomfa Yamazwe yama-34, eGeneva, eSwitzerland, 13-14 Novemba 2009. Inkomfa igqugquzelwe ngokuhlanganyela yi-International Association Language and Business (IALB) noSosesheni WaseSwitzerland WaBahumushi OSomatemu NoTolika (ASTTI), ngaphansi kweso le-FIT Europe. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ialb-astti.org/en/index.html.



Umqeqeshi kaTolika noMhumushi: kucelwa amatshe esivivane maqondana noshicilelo olukhethekile lwe-ITT (The Interpreter and Translator Trainer) anikezelwe endimeni nokusingathwa kwesimilo ekuqeqeshweni kwabahumushi notolika. Idlanzana lezazi nabafundisi bokuhumusha lisanda kuqala ukuveza umbono onamandla wokuthi ukuqeqeshwa kwabahumushi notolika kufanele kuhlanganise ukubalungiselela hhayi imakethe kuphela kodwa futhi nomphakathi – malungana nezingqinamba ezinqala zokuziphatha abahumushi notolika ababhekene nazo ekuphileni okungokoqobo. Injongo yalolu shicilelo iwukuhlinzeka isithangami sokubukisisa imibuzo ngokuziphatha endabeni yemfundo yabahumushi notolika. Iziqephu ezilotshiwe (articles) kufanele zibe namazwi aphakathi kwe-6 000 ne-10 000 ngokwesilinganiso. Izifushaniso (abstracts) ezinamzwi angeqi ku-500 kufanele zithunyelwe kubahleli abamenyiwe uMona Baker (mona.baker@manchester.ac.uk) no-Carol Maier (cmaier@ neo.rr.com). Umnqamula-juqu wokulethwa kwezifushaniso wumhla ka-20 Okthoba 2009. Usuku lokushicilela wuMashi 2011.



I-Methodological Advances in Corpus-Based Trans-lation Studies. Kumenywa amaphepha noma ama-poster maqondana nalolu chunge olunsukumbili, oluzobanjelwa eKholishi-Nyuvesi iGent ngomhla ka-8-9 Januwari 2010. Izethulo (presentations) kufanele zigxile emsebenzini osekelwe eqoqweni lemibhalo emkhakheni weZifundo Zokuhumusha. Izifushaniso kumelwe zilethwe kunga-kedluli umhla ka-30 Septemba 2009. Imfomesheni eyengeziwe: http://veto.hogent.be/actua/mats2010/.



Inkomfa i-Critical Link 2010: Ukutolika ezweni elishintshayo, eNyuvesi i-Aston, eBirmingham, e-UK, 26-30 Julayi 2010. Injongo yale nkomfa wukuphenyisisa izici ezingokwepolitiki, umthetho, amalungelo esintu, phakathi kwezizwe, umnotho, ezenhlalo-sikompilo kanye nezenhlalo-lulimi zokutolika enkonzweni kawonkewonke/ yomphakathi. Ikomiti eligqugquzelayo lemukela ukulethwa kwezifushaniso (amazwi angu-300 abhalwe ngesiNgisi) ukuze kwenziwe izethulo, futhi loku kungaba ngesimo samaphepha, amaseshini ama-poster, amathimba engxoxo, amashabhu noma izinguyazana. Umnqamula-juqu wokulethwa kwezifushaniso neziphakamiso wumhla ka-31 Okthoba 2009. Uhlelo olusadwetshiwe luzotholakala ngomhla ka-1 Meyi 2010. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe vakashela i-website ye-Critical Link 6 e-http://www.aston.ac.uk/CL2010 noma uthinte uSolwazi Christina Schaffner e-c.schaeffner@aston.ac.uk.



INkomfa yesi-5 Yabaneziqu Eziphakeme yoKuhumusha noKutolika Yamazwe: eNyuvesi i-Heriot-Watt, e-Edin-burgh, e-Scotland, 21-22 Novemba 2009. Le nkomfa ensukumbili iklanyelwe ukunika abaneziqu eziphakeme ekuhumusheni nokutolika kuyo yonke imikhakha yocwa ningo ithuba lokwethula badingide ucwaningo lwabo. Izifushaniso kufanele zithunyelwe e-ipciti2009@gmail.com kungakedluli umhla ka-31 Julayi 2009. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ipciti.org.uk/



I-Globalization and Localization Association, GALA 2009: Ibhizinisi lolimi: Ulimi lwebhizinisi: eCancun, eMexico, 14-16 Septemba 2009. Imfomesheni eyengeziwe: www.gala-global.org



INkomfa i-IALB-ASTTI yama-34: Umhlaba Enhleke-leleni – Kuthiwani Ngemboni Yolimi? eGeneva, eSwitzerland, 13-14 Novemba 2009. Vakashela i-website yale nkomfa e-

http://www.astti.ch/info/34_IALB_ASTTI_Conference.pdf



Amaminithi Ashaya Emhloleni Emihlangano Ephumelelayo: Ishabhu losuku olugcwele eSikhungweni Sezilimi seNyuvesi YaseStellenbosch, 21 Agasti 2009. Imfomesheni namafomu okubhalisa: 

http://academic.sun.ac.za/taalsentrum/EVD. Imibuzo: u-Audrey Poole e-taalsentrum@sun.ac.za noma ku-021 808 2167. Usuku lokuvala lokubhalisa: 5 Agasti 2009.



Eyesi-7 INkomfa Yokuhumusha Yamazwe: Izici ezi-paratextual ekuhumusheni kanye noloku-1 uChunge Lwamazwe Lwabacubunguli Abasebasha Ekuhumu-sheni, Ukutolika, kanye Nezifundo Phakathi Kwamasi-kompilo: E-Autonomous University of Barcelona, eSpaniya, 21-23 Juni 2010. Kumenywa ukulethwa kwamaphepha kuyo yomibili le micimbi. Le nkomfa izohlanganisa izihloko eziphathelene ne-paratextual polyhedron ezifundweni zokuhumusha futhi lolu chunge-nkulumo luzoveza ithuba lokuba abacwaningi abasebasha abasaqala emsebenzini wabo wemfundo ephakeme bethule umsebenzi wabo. Imfomesheni eyengeziwe: 

http://www.fti.uab.es/departament/congres-simposi/international-conference-on-translation/index.htm 



INkomfa Yamazwe i-Korean Association of Translation Studies (KATS): Ukuhumusha Nokwenza Kube Ngokwembulunga, e-Sookmyung Women’s University, eSeoul, eKorea, 30-31 Okthoba 2009. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.kats.or.kr.



Ingxoxo yabafundile yamazwe: Théorie, pratique et didactique de la traduction spécialisée, eCraiova, eRumania, 28-29 Meyi 2009. Izethulo ngesiFulentshi noma isiRumaniya. Imfomesheni eyengeziwe: 

http://dtil.unilat.org/colocviu_craiova_2009/



INkomfa Yamazwe Ngendima Yokuhumusha Ekuxoxisaneni Kwezimpucuko, e-An-Najah National University, eNablus, eWest Bank, ePalestina, 16 Novemba 2009. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta uSolwazi Yahya Jabr e-yahyaj@najah.edu noma +972 598 910 539.

 







Inkumusho yesiBhunu: Isabel Claassen, Anne-Marie Beukes

Inkumusho yesiSuthu: Abel Mphanya

Inkumusho yesiXhosa: Angelinah Dazela

Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu













__________________________________________________________________________________________________________________

Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: publications@translators.org.za

						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za

