Year (Maize)										 Zulu



Unyaka omusha – indaba yempumelelo ensha

 

Instructions:

Folio strap: Ulwazi oluthize 

Byline: UJane McPherson, umphathi weGrain SA Farmer Development Programme 

Photos: 

 

Sesiyaphinda futhi sifike ekugcineni konyaka omuhle weGrain SA Farmer Development Programme. Wonke umsebenzi esiwenzile ngale phrogramu lo nyaka kwenzeke ngokusekela okukhulu esikuthole kuMaize Trust. 



UJane McPherson noWillie Kotzé, bonke balapha eHhovisini Elikhulu leGrain SA eBothaville, futhi baphatha iFarmer Development Programme. Kuvuswe ithuba elisha elibizwa ngokuthi, “Specialist: Field Services”, kwasekwangena uDanie van den Berg ukwenza lowo msebenzi. UDanie uyalazi iphrogramu futhi wayeqeqesha abaningi ngendlela ephakamile ngeminyaka emithathu edlule. UDanie uphatha labo abasebenzi abasebenza emaphandleni – abalinganisi bamaphrovinsi abasebenza ngokuthuthukisa abalimi. KuThebula 1 kukhona amagama abo bonke abasebenza kule phrojekti.

 

Ithebula 1:

Indawo	 		Umuntu 		Umgomo walowo msebenzi 

EBothaville 		UDebbie Boshoff 	Uyisekela ehhovisini

EZeerust 		UTonie Loots 		Umlinganis wephrovinsi othuthukisa abalimi

UConnie Mosikare 	Uyisekela ehhovisini

ENelspruit 		UJerry Mthombothi 	Umlinganis wephrovinsi othuthukisa abalimi 

 		UNonhlanhla Sithole 	Uyisekela ehhovisini 

EMthatha 		ULawrence Luthango 	Umlinganis wephrovinsi othuthukisa abalimi 

UNombulelo Makeleni 	Uyisekela ehhovisini 

ELadybrand 		UJohan Kriel 		Umlinganis wephrovinsi othuthukisa abalimi 

 			UJacinta Motloang 	Uyisekela ehhovisini 

EKlerksdorp 		UAmos Njoro 		Umlinganis wephrovinsi othuthukisa abalimi

 			ULerato Modise 	Uyisekela ehhovisini 



Ezindaweni lapho kukhona abaningana abalimi bezomnotho, sibhekana kakhulu nalabo bakhiqizi abaqhubekele phambili, ngoba sicabanga ukwazi ukulandela umgomo wethu “Ukuthuthukisa abalimi abansundu abanekhono ukuba abakhiqizi bezomnotho”, kufanele sisekele umkhiqizi ngamunye ngamunye ngoba bona sebayaqhubeka kule ndlela eqonda ezomnothweni. Kwezinye izindawo lapho kukhona abalimi abasakhulayo, sisabhekana kakhulu namaqembu okufunda ngoba kuyindlela engcono enhle ukuthintana nabaningi abakhiqizi. 



Iphrogramu lokuqeqesha lisaqhubeka lisakhula futhi – sekukhona izifundo eziningi futhi abalimi abafuna ukuya kulezi zifundo bayanda njalo. 



Siyaphinda futhi sithi siyathokoza ngesisekelo seMaize Trust, basaqhubeka ukusekela leli phrogramu – sizozama ngawo onke amandla ethu ukuqhubeka ukuphatha iphrogramu ngendlela efanelekile nokusekela abalimi ngokufanelekile. Thina, ithimu lokuthuthukisa, siyathokoza ukuthola leli thuba lokusebenza nabalimi abasakhulayo. 

