Year (Maize) 								 IsiZulu 

Ukuthuthukisa kwabalimi kweGrain SA – sibheka unyaka odlule 

Instructions: 

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi

Thina esingabasebenzi lapha kuGrain SA ngephrogramu Lokuthuthukisa Abalimi siyathokoza futhi sinenhlanhla ngoba sikholwa ukuthi leli phrogramu lizoletha ukuguquka ekulimeni eNingizimu Afrika. Iphrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi libophekile ukuthuthukisa abalimi abamnyama ukuze bazokhula ukuba abalimi bezomnotho, abanekhono, abazoqhubeka nakusasa. 

Umsebenzi wokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu, kakhulukazi kubalimi, ubhekene nezinkinga eziningi ngokwamanje nakusasa. Sibhekene nokwaba kwemihlabo, ukuguquka komthetho wobunini bomhlaba, sifanele silwe nentengiso yokudla yasengaphesheya, izindleko ezandayo zokuqala ukulima, silima ezindaweni eziningi ezingatholi imvula, futhi kukhona lento ebizwa ngokuthi “global warming” eyenza ukuthi isimo sezulu naso siguquke. Ngokumfusha, kukhona izinkinga eziningi, asishodi ngazo – ngokwamanje sifuna imixazulo, siyashoda ngayo! 

Ukuphatha.

Sifanele siqhubeke ukubala izinhlanhla zethu kule phrogramu, sibusisiwe – sinethimu elinabantu abahle kakhulu. Kufanele siqale ngamalunga eGrain SA Executive (abaphathi abakhulu). Usihlalo omkhulu wethu nguMrs Jenny Mathews, umuntu onolwazi osekela zonke izinto esizenzayo. Sibusisiwe futhi ngoba uMnz Schalk Viljoen waseWestern Cape uvumile ukusebenza nathi kuleli qembu lethu. Wakhethwa futhi ukuba umsekeli-sihlalo wekomiti lethu. Kuyasijabulisa ukuba noSchalk Viljoen noAndries Theron, bobabili baseKapa ngoba baletha izindlela ezinsha nemibono emisha ekuthuthukisweni kwabalimi. Kukhona futhi amanye amalunga akhuthele kuleli qembu lethu: UMnz Gert Pretorius waseLichtenburg, uMnz Moss Malo waseDelareyville, uMnz Jabulani Zitha waseNigel, uMnz SK Makinana waseUgie noMnz Papi Nkosi waseHazyview. 

Lo nyaka siyathokoza futhi ukuba noMnz Karabo Peele kuleli qembu lethu lokusebenza. Yena umela iMaize Trust, inhlangano enkulu esekela thina ngezimali. Sicindezele futhi uMnz Dirk van Rensburg,ukujoyina iqembu lethu, yena wayeyilunga lesigungu eliphezulu. UDirk ungumlimi okhuthele ovela eArlington, sithokoza ukuvuma kwakhe ukusisekela ngale phrogramu lokuthuthukisa abalimi.

Abasebenzi bethu sebandile sekukhona 17 abasebenza sonke isikhathi kule phrojekti, futhi kukhona 13 abasebenza ngenkontilaki. Ibhajethi lalonke iphrogramu selifika ku- R14 miliyoni (iminyaka yezimali yamaphrojekti ayifani neminyaka yezimali yeGrain SA, kodwa leli nani licishe lishaye khona). EBothaville, sinoJane McPherson (Umphathi wePhrogramu), uDkt Willie Kotzé (Ingcweti: Ukuqeqesha nokuThuthukisa), uMnz Danie van Den Berg (Ingweti: Imisebenzi Yangaphandle), oMs Debbie Boshoff noAnnemarie de Beer (ukusekela ngokuphatha). 

Abasebenzi ezifundweni bayalandela: 

Indawo
 
Umuntu
 
Umsekeli
 

 
ELadybrand
 
UJohan Kriel
 
UDimakatso Nyambose
 

 
EZeerust
 
UTonie Loots
 
UConnie Mosikare
 

 
EKlerksdorp
 
UAmos Njoro
 
ULerato Modise
 

 
ENelspruit
 
UJerry Mthombothi
 
UNonhlanhla Sithole
 

 
EMthatha
 
ULawrence Luthango
 
UNombulelo Makeleni
 

 
EVryheid 
 
UJurie Mentz
 
USydwell Nkosi
 

 
 

Ngonyaka odlule sidabukile ukuvalelisa uNkz Jacinta Motloang wasehovisi laseLadybrand ohambe ukuyofundisa eManyatseng, noMnz Piet Potgieter ojoyine iVKB, ungumphathi wesigaba sabo sokuthuthukisa abakhiqizi. Siyathokoza ukusebenzana noPiet Potgieter kulo msebenzi wakhe omusha. Thina siyazibona njengabantu abangamalunga ethimu lokuthuthukisa abalimi eNingizimu Afrika jikelele asebenza nabanye ekuthuthukisweni. 

UMnz Jan de Villiers waseFicksburg uvumile ukuphatha iWinter Cereals Trust project eFreyistata Mpumalanga. UJan uyindoda eyaziwayo, usuthathe umhlalaphansi kodwa unolwazi olukhulu ekulimeni nokutshala ukolo, futhi unenhliziyo yokunikeza lo lwazi ukuze abanye abalimi bakwazi ukukhula. UMnz Arthur Clayton waseSannieshof usaqhubeka ukuphatha iSorghum Project. 

Abanye abaqeqeshi kule phrogramu yilaba: 

Umqeqeshi
 
Indawo
 

 
UEduard Foord
 
ELadybrand
 

 
UJohan van der Merwe
 
Ladybrand
 

 
UAttie Louw
 
EBloemfontein
 

 
UIsrael Mokoto
 
EWolmaransstad
 

 
UDerrick Nqana
 
ENelspruit
 

 
UHendrik van Zyl
 
ECedara
 

 
UPeter McGregor
 
EKokstad
 

 
UPaul Jordaan
 
EBarkley West
 

 
UAndre Malan
 
EBloemfontein
 

 
UJan de Villiers
 
EFicksburg
 

 
UArthur Clayton
 
ESannieshof
 

 
UAlphons Dube 
 
EMiddelburg, Mpumalanga 
 

 
UMarius Greyling
 
EPotchefstroom 
 

 
 

Ukubonga 

Lonke iphrogramu lisekelwa yizinhlangano ezilandelayo: iGrain Trust, iMaize Trust, iWinter Cereals Trust, iOil and Protein Seeds Development Trust neSorghum Trust. Ukusekela kwala maThrasti kukhulu kabi. Ngaphandle kwawo akungeke kwenzeke lutho ekuthuthukisweni kwabalimi bokudla okuzinhlamvu. Siyaphinda futhi ukubonga bonke abasisekelayo ngale ndlela enhle – sifisa ukuqinisa ukuthi sizoqhubeka ukuthuthukisa abalimi bethu njalonjalo 

