Year												Zulu



Ukugcina komunye umnyaka weProgramu lokuThuthukisa Abalimi



Instructions:

Folio strap: Ulwazi oluthize

Byline: UJane McPherson, umphathi weprogramu lokuThuthukisa leGrain SA

Photo: Hlangabeza nethimu laseBothaville leprogramu leGrain SA lokuThuthukisa Abalimi: Ngokusuka ngobunxele kukona uJane McPherson (umphathi weprogramu), uWillie Kotzé (umlunganisi wokuqeqesha nemininingwane), uDebbie Nel (isekela lasehhovisi), uJenny Mathews (isigungu sabaphathi: Grain SA) noNico Vermaak (umphathi: Corporate Services, Grain SA). 



Sesifike ekugcineni komunye umnyaka wokuthola izimali nokwezomnotho weProgramu lokuThuthukisa Abalimi. Wonke umsebenzi esiwenzile ngalo nyaka wenzekile ngenxa izimali esizithole kuMaize Trust futhi kudingeka ukuthi sibabonge thina nokubalethela ukubonga kwalabo abasizakale ngalesi sikhathi kule programu 



Njengokwenzeka kwezinye izindawo ezisakhula ezisathuthuka, ukuqhubekela phambili ngesinye isikhathi kubukeka ngathi kuhamba kancane – abanye abantu bafunda masinya kodwa abanye bathatha isikhathi sokushintsha sokwamukela izindlela ezinsha zokusebenza ukufika kuleyo ndawo lapho sesingathi siphumelele phambili. OKulandelayo kuyisifanekiso esikhombisa ukuthi ukuthuthuka kuvama ukuqhubeka kanjani: 





Isimo samanje 									Isimo esifunekayo 





Kule programu yethu sisebenza kakhulu ukuthatha abalimi abasesimeni samanje (esingafani kubo bonke) sibangenise esimeni esifunekayo esithi sengingumlimi wezomnotho, ngime ngokuqina futhi ngizoqhubeka ngomsebenzi wami wokulima. Amaphrojeke phakathi kwale programu aqonde ukubhekana nezidingo zabalimi abahlukile. 



Gebruik maar engels



Le programu isaphathwa eBothaville. Ngaphakathi kohlu lomsebenzi weGrain SA, iprogramu isesigabeni seCorporate Services esiphathwa nguMnz. Nico Vermaak. Abanye abasebenza kule programu yilaba:



Indawo				Umuntu 			Umsebenzi 

Bothaville			UJane McPherson		Umphathi omkhulu weprogramu

				UDebbie Nel			Isekela lasehhovisi 

				UWillie Kotzé			Umlunganisi wokuqeqesha nemininingwane

Zeerust				UTonie Loots			Umlunganisi wokuthuthukisa wephrovinsi

Nelspruit			UJerry Mthombothi		Provincial development co-ordinator

				UNonhlanhla Sithole		Isekela lasehhovisi 

Cathcart			UPhillip Olivier			Umlunganisi wokuthuthukisa wephrovinsi 

Ladybrand			UJohan Kriel			Umlunganisi wokuthuthukisa wephrovinsi 

				UJacinta Motloang		Isekela lasehhovisi 

Klerksdorp			UAmos Njoro			Umlunganisi wokuthuthukisa wephrovinsi 

				ULerato Modise			Isekela lasehhovisi 



Ihlobo elidlule belinzima kakhulu ngenxa yokoma okubi ezindaweni eziningi lapho kuna khona ehlobo – bakhona abanye abalimi abahlulekile nokutshala, abanye batshalile kodwa abazange bathole umvuno, izindawo ezincinci zithole imvula ejwayelekile. Kaningi abalimi batshala ngemali ebolekiwe – bayiboleka emabhange noma kumabhizinisi aboleka imali ekulimeni (noma amaCo-ops akudala) – futhi abancinci bakhipha inshuwalense ukuvikela inani lemali abalifakayo ukuqala ngoba inzuzo incane bese abafuni ukuba nezindleko ezinye.

 

Ngonyaka ofana nalolu kukhona inani labalimi abathile abahlulekile ukukhokhela isikhwentu sabo sokukhiqiza, ngakho-ke bayahluleka ukuthola imali yokutshala kabusha. Lapho usebenza nabalimi abasakhulayo abangenayo imali ebekiwe, unyaka odlule uyingozi enkulu engavimba ukuthuthuka okuzofika ekwakheni kwabalimi bezomnotho. 



Iprogramu yethu ephakeme yabalimi ithuthuka kahle futhi siveze abalimi abakhethiweyo isiFundo seAgribusiness sethu sokuqala. Sibona ukuveza kwalesi sifundo kanye nomsebenzi olandelayo njengokugcina kweprogramu oluzosiza umlimi ukuba umlimi ongena emnothweni. Lesi sifundo sihlanganisa yonke imininingwane yolwazi etholakale kwezinye izifundo futhi iqonde ukukhombisa umlimi izindawo lapho efanele azibheke ngokukhuthaza, izinto ezibalulekile lapho ufuna ukukhiqiza ukudla ngemphumelelo ngesikhathi esifanelekile nangezindlela ezifanelekile. 



Iprogramu lethu lokuqeqesha abalimi beyigcwele ngokudlula yonke eminye iminyaka – ngaphezu kwezifundo ezingu-80 ngokusuka kwaOkthoba 2006 ukuya ku-30 Septhemba 2007. Lezi zifundo zibhekeka ngothando, abalimi bayabuyela futhi bacela ukuthola ezinye izifundo. Izifundo zisuka ngoFebhruwari zigcina ngoNovemba njalo ngonyaka – ngezinye izikhathi abalimi basebenza emasimini abo abanaso sikhathi sokuya ezifundweni. Ngesikhathi sasehlobo sizama ukulethela abalimi izibonakaliso lapho nabo bazame ukwenza umsebenzi wokulima, futhi ukubiza amalungu emaqembu okufunda ukuhlangana, futhi sizama ukusiza umlimi ngamunye ngamunye. Sithole futhi impendulo enhle evela kweziphathimandla eziqobelelana nolwazi ezisebenzela iminyango yezokulima futhi sibheka phambili ukubasiza ngonyaka omusha wezomnotho lapho kuzobakhona izifundo ezinye ezinye ezifundisa umsebenzi wezandla – ukusebenza phansi emhlabathini ngezandla bekuyinkinga enkulu yalezi ziphathimandla, bebahluleka ukukhombisa abalimi ukuthi umsebenzi ufanele wenzwe ngendlela efanelekile.



Sisaqhubeka ukusakaza ulwazi kuRadio ezindaweni ezine: Lesedi, Motsweding, Ligwalagwala noUmhlobo Wenene – lokhu kuyinto enhle yokuthintana nabalimi – hhayi ukudlulisela ulwazi maqondana netheknoloji kuphela kodwa ukwazisa abalimi ngemisebenzi yaleli programu.

 

Pula-Imvula isaqhubeka – iphendukile yaba into ethandekayo kule programu – kanjalo siyaziqhenya ngale ncwajana yethu lapho siyibona isiprintiwe. Kukhona abantu abahlukene abasebenza ukwenza wonke lo msebenzi – abanye basebenzela iGSA, abanye bavela eARC-GCI ePotchefstroom, abahumushi bacindezelike njalo ukuqeda umsebenzi wabo ngesikhathi esibekwe ngamandla, abanye basebenzela i-Infoworks (laba abahlola ukubhala kwethu nalabo abakhipha incwadi eniyifundayo), abacindezeli balokhu esikubhalayo nalabo abandisa izincwadi – bonke basebenzela ukukhipha le ncwadi yethu njalo ngenyanga! this every month! Pula-Imvula iyamukekelwa kakhulu futhi labo abayifundayo bayanda – sesifike kuzincwadi ezingu-16 500 ngenyanga, nalokhu kuyanda. 



Siyaphinda futhi sibonga iMaize Trust ngokusekela le programu yethu. 







