Umsebenzi (Ummbila) 										 	 IsiZulu 

Obani abafanele benze umsebenzi epulazini lakho? 

Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Photo 1: Insimu “enhle ehlanzekile” kabhekilanga. 

    Photo 2: Insimu “embi engcolile” kabhekilanga. 

Ngokwamanje, ukuthuthukisa abalimi kuyinto enzima futhi kudinga ukukhuthaza nokuthembeka. Abalimi (abakhiqizi) babhekene nezinkinga ezihlukene njengalezi ezilandelayo: 

Ayikho into elula ekulimeni, futhi abalimi bacindezekile ukuphatha izinto eziningi ngoba kukhona izingozi eziningi ezingabavelela. 

Izindleko zokuqala ukutshala zakwamanje zenza ukuthi kubenzima ukuthola inzuzo ekulimeni kokudla okuzinhlamvu ezindaweni ezibheke imvula kuphela lapha eNingizimu Afrika. 

Intengiso yokudla okuzinhlamvu eyehlile yenza ukuthi ukuthola inzuzo ngale ndlela yokulima icindezekile. 

Izintela zemali ebolekiwe ziyakhuphuka futhi imali yokuthenga imishini iyamangaza. 

Nabo abalimi bezomnotho abalima isikhathi eside abanolwazi bayahlupheka – sizothini-ke ngalabo abalimi abasakhulayo? Nabo bahlupheka kakhulukazi. 

Uma sibheka lokhu okubhalwe ngaphezulu, kuyakhanya ukuthi umsebenzi wokuthuthukisa abalimi unzima. Ukuthola izimali zokukhikhiqiza kuyinkinga enkulu yalabo balimi. Kukhona abaningi abanawo umhlaba nemishini (eminye ayisaphili kahle), bayaqeqeshwa, bayafundiswa, bayasekelwa kodwa badinga imali. Imali yokuqala ukukhiqiza ikhuphuke ngendlela emangazayo – sikhuluma ngezimali eziya ku-R4 000 noma R5 000 ehektheleni elilodwa (akunandaba ukuthi utshala sitshalo sini).

Kule phrogramu yethu yokuthuthukisa abalimi besibhekene nezinkinga ezinsha. Izindawo ezinikeza isikwenetu zivame ukutshela abalimi ukusebenzisa abankontraktha ukulima nokutshala amasimu abo. Bekukhona izinkinga eziningi ngokusebenza ngale ndlela futhi sifundile ukuthi bekukhona izindleko eziningi.

Izithombe ozibonayo lapha zichaza konke esikhuluma ngakho ngokukhanya. Amasimu “amahle ahlanzekile” kabhekilanga yilawo masimu alinywe ngabalimi abasakhulayo ngemishini yabo. Amasimu “amabi angcolile” yilawa alinywe ngabankhontraktha. Kukhanya kahle ukuthi umkhiqizo wamasimu alinywe ngabankhontraktha uzobaphansi kwalawo masimu alinywe ngabalimi. Ngaphezu kwalokhu, ukuqasha unkhontraktha kwandisa kakhulu izindleko zokuqala ukutshala. 

Siyanicela ukuthi nizibuze lapho nibheka lezi zithombe – ngubani ofanele awenze umsebenzi wokulima, wena ongumkhiqizi noma unkhontraktha? Thina sicabanga ukuthi kuzobancgono ukuthuthukisa abalimi abasakhulayo ukuze bazokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokulima ngokwabo. 

