Weeds											Zulu



Sivuse impi ukubulala UKHULA



Instructions:

Folio strap:Ukuphatha ukhula

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA yokuthuthukisa abalimi



Isitha esikhulu esinenkinga enkulu kubalimi abasakhulayo ngukhula – ngakho-ke siqonde ukulwa ngale nkinga ngawo onke amandla ethu ngalo nyaka ozayo sikubhidlize! 



Ezindaweni eziningi lapho kutshalwa khona izitshalo ezimila ehlobo bekukhona umkhiqizo omuhle lo nyaka. Kodwa lokhu kusho futhi ukuthi ukumila kokhula nacho kuyanda. Bekukhona amasimu lo nyaka lapho bekungabonakali ukuthi kutshalwe izitshalo zokudla noma kutshalwe ukhula. Izindleko eziningi futhi ukulahlekela komkhiqizo asifuni nokucabanga ngakho. Ngeminyaka edlule bekunzima ukulima ukuthola inzuzo – manje asikwazi ukulahla ukudla okuzinhlamvu okudingekayo kalula nje. 



Mhlawumbe ungamangala ukuthi kungani sitkhathazeke ngenkinga yokhula ngesikhathi sikaAphrili. Ngokwamanje akungeke kusasize ukuzama ukubulala ukhula ngoba ingozi seyidalekile (ngaphandle kokuvimba ukhula ukuvuthisa izimbewu zalo ezizomila nganyaka ozayo). Kodwa-ke, uma sifuna ukulwa nesitha, kufanele sazi ukuthi lesi sitha singumhlobo muni – awukwazi ukulwa nento ongayazi ongakaze wayibona. Lesi yisikhathi esihle sokuhamba emasimini akho ubheke ukuthi kukhona ukhula oluhlobo luni – izinhlobo zokhula ezikhona ngokwamanje zivama ukubakhona nangonyaka ozayo (mhlawumbe nangeminyaka ezayo uma ungathathi izinyathelo eziqinile ukuzibulala manje).

 

Qonda ukuthi kukhona izinhlobo ezinjani;

Bhala phansi ukuthi kukhona ziphi izinhlobo emasimini athile;

Thola ukuthi izinhlobo ozibonile zinjani:

Zinamakhasi abanzi;

Zinamakhasi achijile (njengotshani);

Zanda kanjani – zimila ngezimbewu, ngezimpande, ngebhalbhu, noma kanjani.

Singakhetha yiphi indlela yokuphatha ukhula ezitshalweni zethu (ukushintsha izinhlobo zezitshalo, ukuhlakula ngemishini noma ukusebenzisa amakhemkheli)?

Kufanele silwe ngasiphi isikhathi ngalezi zinhlobo zokhula (kungaba ebusika ngaphambi uqala ukutshala izitshalo zonyaka ozayo)?

Yimaphi amakhekheli arejestiwe ukubulala izinhlobo zokhula ezithile?

Kufanele kuthelwe nini amakhemikheli emhlabathini noma okhulweni? 



Lapho uthole yonke imininingwane mayelana nezinhlobo zokhula ezikudalela ingozi, uyazimisela ukuziphatha ngendlela efanelekile ngonyaka ozayo – ubozilungisela ukuze uphumelele phambili ngale mpi yokulwa nalesi sitha sokhula! 

