Water (Maize) 									 IsiZulu

Ukuqonda ukuyingiliza kwamanzi

 Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo 

Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuweli ebizwa ngokuthi Ukukhiqiza Ummbila Ngokunisela (Maize Production under Irrigation)

Photos: Use the water cycle photo 

      Use the transpiration photo 



Umhlaba jikelel unenani elithile nje lamanzi futhi lawo manzi ayayingiliza – ayahamba ayabuya. Lokhu kubizwa ngokuthi ukuyingiliza kwamanzi (hydrological cycle). 



Lokhu ukuyingiliza kunamagatsha alendelayo:

Ukushabalala (ukukhothwa) nokumfoma (amanzi aphuma emakhasini); 

Ukuguqukisa komhwamuko kube amanzi; 

Umhwamuko ogcwele (precipitation);

Ukuqongelela (ukubutha). 

 

Ukushabalala (ukukhothwa kwamanzi) 

Ukushabalala kwenzeka lapho ilanga lifudumisa amanzi emadamini nasemifuleni bese amanzi ayaguquka abe umhwamuko noma isitimu. Lawo manzi manje asuka emadamini nasemafuleni aya phezulu emoyeni. 



Ukuqukukisa komhwamuko

Lokhu kungumsebenzi wezitshalo zokukhipha amanzi emakhasini. Umhwamuko nokushabalala kuyizinto ezenza ukuthi amanzi abuyele emoyeni. 



Ukuphendula umoya ube amanzi

Lapha umhwamuko (umswakamo) osemoyeni uyaphola bese uyashintsha uba ngokwamanzana, bese kwenzeka amafu. 



Umhwamuko ogcwele

Lokhu kwenzeka lapho amanzi amaningi emoyeni ayahlangana bese awasakwazi ukhlala emoyeni. Bese amafu aqala ukusinda, amanzi aqala ukuwa phansi emhlabeni – imvula, isicotho, ukukhithika. 



Ukuqongelela (ukubutha)

Lapho amanzi awela phansi emhlabeni ngoba usugcwele ngamanzi, amanzi awela olwandle noma emadamini noma emifuleni noma emhlabathini. Uma amanzi awela emhlabathini ayamunyeka angena phakathi bese sithi ngamanzi omhlaba azosetshenziswa yizitshalo, izimfuyo nabantu. Okusalayo kuzongena emifuleni, emadamini nasolwandle – bese ukuyingiliza kuyaqala futhi. 



Kungani izitshalo zidinga amanzi?

Amanzi asekela isitshalo sime ngokuqonda. Izakhi zezitshalo zinamanzi afika ku-90%. Lezi zakhi ezinamanzi zisekela isitshalo. Lapho izakhi zesitshalo ziphelelwa amanzi isitshalo siyethezela silenga phansi. Uma amanzi aphela onke sizokufa. 

Amanzi asiza isitshalo ukuphola uma kushisa (umhwamuko). 

Amanzi asiza futhi ukwakha isitshalo, ahlangana nekharbon diyoksiayidi bese kwakhiwa amakhabohayidteyiti. 

Amanzi ancibilikisa amaminirali futhi ahambisa lokhu kudla okusemhlabathini akungenise ezimpandeni bese kungena esitshalweni. 

