Izwi (Ummbila) (960)									IsiZulu

Ukuphakamisa izwi emhlanganweni wabakhiqizi



Instructions: 

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi.

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 



Ngesikhathi seNAMPO 2009, ingxenye yamalunga e-250 Ton Club nabanye abalimi abasathuthukile ngale phrogramu bamnywe emhlanganweni. Besicabanga ukuthi isikhathi sesifikile ukuthi abakhiqizi abamnyama abasathuthukayo baphakamise izwi labo baxoxe ngezinto ezibalulekile kubo. 

Ngo-8 Septhemba 2009, kwakukhona umhlangano nalabo balimi abakhethiweyo ngoMeyi, izinto ezilandelayo zokuxoxwa ngazo zibekwe phansi: 

Ukutholakala kwenzuzo ngokutshala ukudla okuzinhlamvu;

Ukwabelwa komhlaba;

Ukuboleka imali yokukhiqiza; futhi

Umsebenzi kagavumente ekuthuthukisweni kwabakhiqizi;

Umcako namafosfati;

Ukuvusa nokulungisa umsebenzi wemishini ekulimeni; futhi

Inshuwalense yokuqala ukulima.



Ukutholakala kwenzuzo ngokutshala ukudla okuzinhlamvu

Kukhona umbuzo omkhulu obalulekile ofanele obuzwe yithina lapha eNingizimu Afrika – sifuna ukukhiqiza ukudla okwanele thina lapha, noma sifuna ukubhekana nengozi yokuthola ukudla phesheya? Ukuthola inzuzo ngokulima ngokudla okuzinhlamvu kucindezelekile kanjalo cishe abalimi abasakwazi ukuphumelela manje nakusasa. Abalimi baphakamise okulandelayo okungaba izizathu zale nkinga: 



Inkinga esinayo
 
Umxazulo ongenzeka 
 

 
Abakhiqizi lapha eNingizimu Afrika balima bavama ukuima ezindaweni ezomile, manje sebancintisana nokudla okuzinhlamvu okuvela phesheya. Kaningi lokhu kudla kutshalwa ezindaweni ezinezulu elihle, futhi abanye abalimi basekelwa ngugavumente wabo. 
 
INingizimu Afrika ayifanele ivumele ukuthi “kulahlwe” ukudla lapha okuvela kwamanye amazwi athuthukile.


 

 
Ukuthutha ngomgwaqo idulile futhi uhlelo lwezitimela alusebenzi kahle.
 
Uhlelo lokuthutha ngesitimela lufanele luvuswe.
 

 
Azikho izintelo zokudla okuvela phesheya ezivikela abakhiqizi abalima lapha. 
 
Izintelo zokudla okuvela phesheya zifanele zingeniswe ukuvikela abalimi bethu.
 

 
Ngeminyaka emihle sinomvuno wommbila omkhulu kakhulu, manje azikho ezinye izitshalo ezingatshalwa ezizolethela abalimi inzuzo – amabele, ubhekilanga nosoya nakho kukhiqizwa kakhulu, intengiso yokolo iphansi kakhulu, abalimi abakwazi kutshala ukolo lapho kulinywa amasimu abhekene nemvula kuphela. 
 
Kufanele kungeniswe ihlelo elingabizwa ngokuthi “ukushintsha amadlelo”. Lokhu kusho ukuthi emasimini ampofu akufanele kutshalwe ukudla, kufanele kutshalwe utshani ukuze kukhiqizwe inyama. 


 

 

 
Amamakethe okudla okuzinhlamvu afanele andiswe. 
 

 
Izindlela ezinsha zokulima netheknoloji kwenze ukuthi kuvunwe ukudla okuningi manje sekukhona ukudla okuningi kakhulu. 
 
Abalimi bafanele basebenzise izindlela zokwehlisa izindleko njengokusebenzisa i-“no-till”.
 

 
Kukhona isikhala esikhulu ngaphakathi kwenani lentengiso elitholwa ngumlimi nenani elikhokhwa ngumthengi esitolo – uma umuntu ongaphakathi ethatha inani elingaphanzana bobabili, umlimi nomthengi bazosizwa. 
 
Imininingwane maqondana nalokhu kufanele kutholakale kalula ukuze bonke abasehlelweni sokukhiqiza nokuthenga ukudla banolwazi.
 

 
Izindleko ezibi zokuqala ukulima.
 
Lapho kwenzeka ukuvumalana ukuqamba izinto ezimbi maqondana nentengiso kufanele kuhlolwe kahle.
 

 
Intelo enkulu lapho kubolekwa imali. 
 
ILand Bank lifanele linikeze intsheleko ngenani lentelo elingaphansi.
 

 
Intengiso yokudla ingaphansi kakhulu.
 
Ibhonasi lingakhokhelwa umvuno wabalimi abasakhulayo. Lokhu kungaklomela labo abasebenze ngokukhuthala. 
 

 


Ukwabelwa komhlaba

Eziningi izindawo ezabeliwe zilahlekile, azikhiqizi lutho – eziningi izizamo zishone phansi. 



Inkinga esinayo
 
Umxazulo ongenzeka
 

 
Izindlela zokukhetha.
 
Izindlela zokukhetha zifanele zihlanganise ukuqeqesha ekulimeni komlimi othile nolwazi lwakhe.
 

 
Ubufakazi obudingekayo obukhombisa ulwazi lwaloyo ofuna ukusizakala.
 
Phakamisa (azisa) indlela yezinhlangano ezithenga nezithengisa izimpahla lapho kukhethwa ozosizakala nokusekela labo abakhiqizayo. 
 

 
Ukusekela labo abanikezwe ithuba.
 

 

 
Abasebenzi baseMnyango Wezindaba Zezomhlaba abazi lutho ngezindaba zokulima.
 

 

 
Abantu basepolitiki abaqondi kahle ukuthi kwenzekani ekulimeni.
 

 

 
Kuthatha isikhathi eside sokunikeza umphumelo – amadili amaningi ayalahleka.
 
Izindlela zokuphatha lezi zindaba zifanele zilungiswe futhi ziphathwe ngabantu abanolwazi. 
 

 
Kuthatha isikhathi eside sokuthola imali.
 
Izindlela zokuphatha lezi zindaba zifanele zilungiswe futhi ziphathwe ngabantu abanolwazi.
 

 
Imithetho yokuphatha lezi zindaba zishintsha njalo.
 
Okufundiwe kufanele kusetshenziswe. 
 

 
Ukuba nomhlaba kuphela akusizi ekugcineni. 
 
Kukhona ezinye izidingo njengezimfuyo, imishini nesikwenetu esidingeka ekuqaleni.
 

 


Isikwenetu sokukhiqiza

Abalimi bezwa ngathi bona basezandleni zalabo abatsheleka imali abafuna ukuthola inzuzo kuphela: 



Inkinga ezinayo
 
Umxazulo ongenzeka
 

 
Abakhiqizi bajahe kakhulu ukuthola intsheleko bese bakhohliwe ukuthi abanamandla noma izimpahla zokulwa nenani lentelo nenani lezindleko zokuqala ukulima. 
 
ILand Bank lifanele linikeze abakhiqizi ngokuqonda ukuze bakwazi ukulwa ngenani lemali ebizwayo.
 

 
Abakhiqizi abasekelwa futhi abanikezelwa ulwazi mayelana nokumaketha ukudla kwabo okuzinhlamvu. 
 
Abakhiqizi badinga umlayezo oqondile mayelana nemakethe lokudla okuzinhlamvu.
 

 
Izinhlangano ezitsheleka imali eziyithole eLandbank naseIDC abatholi inzuzo evela kwenani lentelo elehlile. 
 
Kufanale kubekhona ukukhanya okungcono maqondana nenani lezintelo.
 

 
Intsheleko ivama ukuvunyelwa emva kwesikhathi.
 
Intsheleko ifanele ivunyelwe masinya ukuze abakhiqizi bazokwazi ukulungisela ukutshala konyaka ozayo.
 

 
Ukwehlisa (discounts) kwenani lemali elibizwa yizinkampani ezinikeza izinto zokuqala ukulima akunikezwa kubalimi. 
 
Abakhiqizi abasakhulayo badinga ukusizakala ngalokhu kwehlisa kwenani lentengo. 
 

 


Ugavumente ufanele wenzeni? 

Intelo yokungenisa ukudla okuvela phesheya ifanele ivikele abakhiqizi balapha. 

Ugavumente ufanele uthwale indleko ye35% yenshuwalense yokuqala ukulima.engavikelwanga ngokwamanje. 

Kufanele kubekhona isisekelo esivela kugavumente ukushintsha amasimu ampofu abe amadlelo ukufuya izimpahla. 

Ugavumente ufanele ukhokhele izindleko zokulungisa isimo sepH ngokuthela umcako.emhlabathini apho kudingeka khona. 

Ugavumente ufanele ukhokhele izindleko zokulungisa isimo samafosfati lapho sehle kakhulu emhlabathini. 

Amaphrogramu eminyango ehlukene esekela abakhiqizi afanele ahlanganiswe. 

Iziphathimandla eziqobelelana nolwazi zifanele ziye ezinhlanganweni ezinikeza izinto ukuze lokhu ukunikeza kubengcono. 

Kufanele kubhekwe kahle “ukuphinda ukungenisa okwezomnotho nokuvusa” imishini ekulimeni. 

Iminyango ngaphakathi koMnyango Wezokulima ephatha ukugcina amadlelo nomhlabathi ifanele inikezwe amandla nabantu abanolwazi.. 

