VAT (Maize) 										 IsiZulu 

Intelo ebizwa ngokuthi iVAT – kufanele urejiste? 

Instructions: 

Folio strap: IVAT 

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Ngeminyaka emine edlule sibhale kaningi ngendaba yeVAT. Kodwa sesiyabona ukuthi abekho abalimi abaningi abarejestile. 



Kuzongisiza kanjani uma ngirejista? 

Izindleko zokuqala ukulima ziningi, ngakho-ke abalimi bafanele bazame ngazo zonke izindlela zokunciphisa lezo zindleko. Ukurejestela iVAT kuyingxenye yezindlela zokunciphisa izindleko. 

IVAT libekwa kuzo zonke izinto ezidingekayo ukulima – izimbewu, umanyolo, amakhemikheli, ukulungisa imishini nokuziphatha, njll. Lokhu kufika ku-14% kwezindleko. Uma ukhokha R4 000 ehektheleni elilodwa olilimayo, kusho ukuthi ukhokha R560 leVAT. Uma urejestile uzokwazi ukuyithola leyo mali kuSARS. Ngokwamanje leyo mali ingaphezulu kwenzuzo abalimi abayitholayo ehektheleni elilodwa. Uma awurejestanga awungeke uthole leyo nzuzo ekulimeni kwakho. 

Kungani abalimi bangafuni ukurejesta? 

Ukudingeka ukuphatha amarekhodi ezingeniso nazezindleko kuyingxenye yezizathu zabalimi zokungarejesti ngoba bese bayesaba ukuthi iSARS lizokwazi ukuthi bahola malini futhi lizokwazi ukuhlola amarekhodi abo. Uma uneqiniso lokuba umlimi wezomnotho, kubalulekile ukuphatha amarekhodi amahle. Kufanele wazi ukuthi izindleko zakho zingakanani, inzuzo ingakanani futhi iyaphi leyo mali. 

Kaningi abalimi babalekela intelo, abasho ukuthi bahola malini. Basebenza ngekheshi bese abukho ubufakazi obubhalwa phansi. Lokhu akusiyo indlela yokusebenza efanelekile. Kukhona izizathu ezimbili. Ngokokuqala, kungaphandle komthetho wezwe ukunganikezi iSARS imininingwane yezimali zakho. Ngokwesibili, awungeke ukwazi ukuthatha izinyathelo ezifanelekile maqondana nebhizinisi lakho lokulima uma ungenawo amarekhodi akhombisa imininingwane yezimali zakho. Khumbulani ukuthi njalonjalo thina sisebenzisa izinto ezinikezwa ngugavumente, kanjalo-ke kusemahlombeni ethu ukunikeza izimali ezidingekayo. Asikwazi ukubalekela leyo ntelo kodwa sidle inzuzo evela lapho futhi. Khumbulani futhi ugavumente usebenzisa leyo ntelo ukukhokhela ukwakha imigwaqo, izikole, izibhedlela, amaphoyisa, njll. 

Uma unesiqiniso sokuba umlimi wezomnotho, rejestela iVAT neIncome Tax. 

