Value 											Zulu



Izinto ezingashintsha inani lentengo yomhlaba wokulima



Instructions: 

Folio strap: Izindaba zezomhlaba 

Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuwali yeAgribusiness Management 

 

Ngokwejwayelekile nangokwemvelo inani lentengo belihambelana namandla walowo mhlaba ukukhiqiza ukudla ekulimeni. Ezindaweni ezisemaphandleni abalimi basalandela leso simo esithi, uma umhlabathi uvundile ukhiqiza ukudla okuningi sizokhokha intengo ethile. 



Ukwehla nokukhuphuka kwenani le-interesti nakho kunomthelelo ngoba abaningi abalimi balima ngemali ebolekiwe. Ukungenisa imali ukwakha izindlu nokunye epulazini nakho kwenza ukuthi inani lentengo lamapulazi lishintshe. 



Uma ungumnini womhlaba wokulima, inzuzo ingatholakala ngezindlela ezilandelayo:

Umnikazi yena angakhiqiza (angatshala, angalima) izinto ezidingekayo; 

Ungaqashisa umhlaba onamasimu noma amadlelo bese kulima abanye abalimi; futhi 

Ungangena esivumelwaneni nabanye abalimi ukusherisha umkhiqizo. 

 

Ukuthola inzuzo lapho ungumnikazi womhlaba kuhambelana nezinto ezimbili: 

Ukusebenzisa umhlaba ukukhiqiza ukudla esikhathini esimfushane njengokuchazwe phezulu; 

Inzuzo izotholakala emva kwesikhathi eside ngoba kuhambelana nokukhuphuka kwentengo yomhlaba ngokuhamba kwesikhathi. 



Inzuzo ezotholakala emva kwesikhathi eside nayo ihambelana nenani lomkhiqizo ongatholakala epulazini elithile, kodwa nalokhu kuyehla kuyakhuphuka ngokuhamba kwesikhathi. Ngokwejwayelekile intengo yamapulazi ikhuphukile ngokuhamba kwesikhathi futhi sekuyakhanya ukuthi umhlaba ovundile okhiqiza kahle usezandleni zabantu abancinci. Lokhu kwenza ukuthi kunzima kubalimi abasha abafuna ukungena ekulimeni ukuthola indawo yokulima masinya nokuyibhadala ngenzuzo engatholakala. Lokhu kodwa kuyehluka uma umhlaba ungatholakala ngegranti (LRAD), noma otholiweyo njengefa, noma ngemali ebolekiwe ngentelo (interest) engaphansi (njengokwenzekayo kwamanje ngohlelo olusha olubekwe etafuleni nguMnyango weZemiHlaba olubizwa ngokuthi Proactive Land Acquisition Scheme (PLAS). 



Ukuqasha umhlaba sekushintshile ngokwamanje, bekuyindlela yabalimi abaqalayo yokungena ezokulimeni kodwa manje sekuyindlela yabalimi bezomnotho ukuthola omunye umhlaba ukuze bathuthukise ukulima kwabo. Kufanele sicabange kahle ngalokhu ngoba kukhona umhlaba omkhulu osezandleni zomuzi wonke ongasetshenziswa, kanjalo kukhona abalimi abaningi abanekhono lokulima abadinga omunye umhlaba ukulima ngendlela ezoletha inzuzo. Ukuqasha kunikeza abalimi ithuba lokukhulisa umsebenzi wabo kodwa akudingeki imali eningi ehambelana nokuthenga nokuba umnikazi womhlaba. 



Khumbulani: Zikhona izindlela zokungena ekulimeni ngaphandle kokuba umnikazi womhlaba, ungaqasha ipulazi. ungasebenzisa umhlaba womuzi wonke noma ungasherisha lowo mhlaba nabanye abalimi.

