Tyres (Maize) 										IsiZulu

Ukubheka amathaya akho

 Imilayezo: 

Folio strap: Amathaya 

Byline: Ibhalwe nguGoodyear 

Photos: Use photos of tyres 

Use Goodyear logo 

Amathaya asetshenziswa emapulazini abiza imali eningi, kodwa kukhona imilayezo ebalulekile ezokusiza ukulondoloza leyo mali oyikhokhile nokwenza ukuthi amathaya asebenze isikhathi eside. 



Lapho uhambisa amathaya afuthwe kakhulu noma kancane azodleka masinya, umzimba wethaya ucindizeka kakhulu bese azophela masinya – into ebiza imali eningi! 

Ngakho-ke kubalulekile ukushintsha ukufutha kwamathaya maqondana nomsebenzi owenziwayo, futhi ubosheka ukufutha njalonjalo. Lokhu kufanele ukwenze kanye noma kabili ngeviki, khumbula futhi ukushintsha ukufutha kwamathaya lapho kudonswa umthwalo osindayo. 

Ngaleso sikhathi hlola futhi ukuthi imisele yamathaya anjani nalapho adleke khona. Uma kubonakala inkinga, kungakhombisa ukuthi ithaya liyavuza, noma ukufutha akufanelekile, noma izakhi zokushayela azilingani kahle. 

Ukuqinisa ukuthi isondo ligijima nokufutha okufanelekile kuzosiza ithaya ukubamba kahle emhlabathini, lizophila isikhathi eside, ugandaganda awungeke udle idizili eliningi futhi kuzobalula ukubona ukuthi ingozi noma ukuvuza kungavela kuphi. Khumbula ukusheka ukufutha lapho ithaya lipholile, lapho lingakahambi ngoba lapho lihamba liyafudumala bese nokufutha kuyakhuphuka. 

Ukulungisa amathaya – yiya kumuntu onolwazi!

Umlayezo kaGoodyear uthi kufanele amathaya afakwe noma alungiswe ngabantu abanolwazi ngoba lo msebenzi ungaba nengozi. Isibonelo: uma ithaya lingakafakwa kahle esondweni, lapho lifuthwa kakhulu lingabhamuka ngamandla amakhulu. Futhi ithaya lingashelela esondweni lapho lidonsa ngamandla bese kudaleka ingozi ethayeni, emhlabathini nasemshinini. 



Ithaya nesondo kufanele kubekwe endaweni evikelekile lapho kufuthwa umoya. Lapho kulungiswa imbobo letshubhu ubokhumbula ukuthi lingaphinde livuze kuleyo ndawo. 



Lapho ithaya belihamba ngaphandle komoya noma ngokufutha okuphansi, ungabolifutha ngaphandle kokulisusa kuqala esondweni ukuze uzokwazi ukubona ukuthi alilimalanga – kungcono ukulihlolisisa kumuntu onolwazi. 



Okunye okufanele ukukhumbule: njalo faka isivalwana sevelfu; ungaboshaya isondo noma ithaya ngesando lapho seligcwele ngomoya; ungabofaka itshubhu elingalingani; ungabofaka itshubhu eligobekile noma elishwabene; landela umlayezo wabakhi besondo nethaya ungaze ufake ithaya elikhulu kakhulu noma elincane kakhulu; nakanjani ungazami ukulungisa isondo elilimele ngokulishisela nokulilungisa ngezinye izindlela. 



Ukubeka amathaya

Nokho abantu baseGoodyear bazama ukusebenzisa izinto ezizovimba ukudleka kwamathaya, kufanele sikhumbule ukuthi iraba liyathanda ukumunya uwoyela, igrisi, idizili namanye amakhemikheli, futhi lingalinyazwa ukushisa nokukhanya kwelanga. 



Ngakho-ke, amathaya afanele abekwe endaweni epholile engakhanyi, hhayi eduze neminye imishini yokushisela (weld), amajeneratha nokunye ngoba lokhu kungadala umdabuka emathayeleni bese azofihlika lapho uphinda ukuwasebenzisa. Kanjalo, yakaza onke amakhemikheli emathayeleni emva kokufafaza umuthi. 



Lapho ubeka amathaya anamasondo, yehlisa umfutho ufike ku-10 psi bese uwamisa aqondlile. Amathaya asusiwe emasondweni ungawalalisa phansi noma ungawapakisha kodwa hhayi amaningi kakhulu ngoba elingaphansi lizocindezeka. 



Umshini onamasondo ufanele uphakanyiswe ukuze amasondo alenge angathinti phansi. Uma umshini usinda kakhulu, khuphula ukufutha kwamathaya nge25% futhi ungahambisa umshini kancane ngokuhamba kwesikhathi ukuze amathaya angathintani nomhlabathi endaweni eyodwa sonke isikhathi. 

