Tyres 1 (Maize) 									Zulu

Amathaya: izindlela zokuwaphatha ezizokusiza 

Instructions: 

Folio strap: Amathaya 

Byline: Kubhalwe nguGoodyear 

Photos: Part 4 pic and 11 Optitrac DT818 

Use Goodyear logo 

 

Ulwazi mayelana nokusebenzisa amathaya akho epulazini ngokufanelekile luzokusiza ngokusebenza ngaphandle kwengozi futhi luzokwehlisa izindleko nokulimala kwezitshalo nomhlabathi. 



Ukushayela emapulazini kusho ukusebenza ezindaweni eziningi ezihlukene – ukulima emasimini nokudonsa inqola emgwaqeni wetiyela. Lokhu kuyahluka kodwa kukhona umlayezo obalulekile ofanele ulandelwe njalo. 



Lapho sikhuluma ngamathaya kukhona izinto ezibalulekile: linganisa uhlobo lwethaya nohlobo lomsebenzi (ukusebenza odakeni, esihlabathini esithambile, njll), landela umlayezo wabakhi bogandaganda mayelana nobukhulu nohlobo lwamathaya, kakhulukazi linganisa inani lokufutha komoya maqondana nokusinda kwefulaha nendawo lapho kusetshenzwa khona. 



Ngumoya phakathi kwethaya kuphela othwala omthwalo othile, futhi abakhi bamathaya njengeGoodyear bakhombisa umthwalo wethaya elithile, umfutho nokugijima ngesipidi esithile. 



Linganisa umfutho (inani lokufutha) wethaya nokusinda komthwalo 

Lapho ulayisha okusindayo kakhulu, kodwa awuphakamisi umfutho womoya, kuzokwenza ukuthi amathaya alimale futhi adleke masinya, lokhu kuzokwenza futhi umshini ungasebenzi ngokufanelekile namathaya azophela masinya. 



Lapho kulayishwa okusinda kakhulu futhi amathaya angenomfutho okwanele, ithaya lizogobekela eceleni bese kungaklebuka amaceleni ethaya futhi kuzodleka ingaphandle lethaya lapho lihamba khona. Amathaya angu-bias noma ama-crossply avama ukugobeka emaceleni uma umthwalo usinda kakhulu nomfutho ungaphansi lapho amasondo adons ngamandla, wonke umzimba wethaya uzolimala. Ithaya elingenomfutho okwanele lingashelela erimini bese kudabuke ivelfu nalapho ithaya libamba khona esondweni kuzolimala. 



Ngokunye: uma ithaya linomfutho omkulu kakhulu, liqine kakhulu, kwenza ukuthi ithaya lifane nebhamuza lihambe lithintane nomgwaqo ngaphakathi kuphela bese lidleka lapho. Lokhu kwenza futhi ukuthi lonke ithaya alithintani nomhlabathi, bese alikwazi kubamba ngamandla, lizoshelela lilimaze imisedlana futhi ligudluza umhlabathi. 



Lapho kudingeka ukuthi usebenze ngogandaganda emehlelweni ugandaganda uzohamba ngokutsheka. Bese kufanele uphakamise umfutho esondweni langemuva elihamba ngenzansi nge-30% - lapho ujika uphenduka, kufanele uphakamise umfutho komabili amathaya angemuva 

Kubalulekile ukukhumbula ukulinganisa umfutho maqondana nesimo somsebenzi, njengokudonsa inqola noma omunye umshini, noma uhamba ngokugijimisa emgwaqeni olitiyela. 



Indlela yokuhamba kwethaya emhlabathini nokuqinisa umhlabathi 

Inani lokufutha ithaya kubalulekile, kodwa ukusebenzisa ithaya elinokufutha okwehlukile kungaba nomthelelo omkhulu endleleni amasondo abambayo nokucindezela kwalo emhlabathini. Ezindaweni lapho kukhona izitshalo nezimpande ezingaphansi komhlabathi, kungabangcono ukusebenza ngethaya elibanzi elingenomfutho omkhulu kakhulu. 



Lokhu kuzokwenza ukuthi umshini uzokwazi ukuthwala umthwalo ofanayo nomthwalo wethaya elincane ngobubanzi kodwa eliqinile ngomoya – lelo thaya lizovama ukunyathela imisele emhlabathini nokuqinisa umhlabathi. 



Kanjalo-ke esihlabathini, ithay elibanzi elingaqini kakhulu lizobamba kangcono ngoba linendawo ebanzi lapho lingabambela khona – lihamba ngaphezu kwesihlabathi, alingeni phakathi. 



Kungcono ukusebenzisa i-4 wheel-drive lapho umhlabathi ubushelelezi, kodwa ungakusebenzisa lokhu emgwaqeni olitiyela nome eminye imigwaqo eqinili ngoba kudala ukudleka okungafani kumathaya angaphambili, kwenza ukushayela kubenzima futhi kusebenzisa ezinye izakhi ngendlela echitha amandla.

