﻿
Isicelo sokushintsha ubulili
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo


Izakhamizi zaseNingizimu Afrika noma abantu abanelungelo lokuhlala unomphela ababeguqula ubulili ngaphambi kokuba umthetho wokubhaliswa kuzalwa nowokushona i-Birth and Death Registration Act, 1992, uqale ukusebenza, bangenza isicelo zokushintsha ubulili babo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-526E kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kwinxusa  noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Khipha isitifikedi sokuzalwa.
Kwisimo somuntu izitho zakhe zangasese esezishintshiwe ngokuhlinzwa noma ngokunikezwa imithi, angafakela imibiko echaza uhlobo nemiphumela yaleyo nqubo eyenziwe noma ukwelashwa okusetshenzisiwe noma okulungiselelwe ngodokotela abenza leyo nqubo noma abasebenzisa lokho kulashwa.
Kwisimo nesimo, nikeza umbiko ochaza indlela ubulili umuntu angayo okwamanje, ukuthi uhambisane nesicelo. Lo mbiko kumele wenziwe ngudokotela ohlole umenzi wesicelo ukuze aqinisekise ubulili abonakala eyibo.
Khipha umbiko okhishwa ngudokotela wezingqondo  oweluleke umenzi wesicelo onikeza imininingwane ephelele yodaba, ikakhulukazi umlando walo, kanye nesimo umuntu abonakala ekuso ngokwemizwa nomqondo maqondana nokushintshwa kwakhe.
Uma umenzi wesicelo eneminyaka engu-16 noma ngaphezulu kwayo, kumele kwenziwe isicelo somunye umazisi .
Kumele kuthathwe izigxivizo zeminwe ukuze kwenziwe isiqinisekiso ngokomthetho, kanye nokufakela ulwazi olusha kwi-HANIS database.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Identification Act, 1997  

Alteration of Sex Description and Sex Status Act, 2003  

Births and Deaths Registration Act, 1992  


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Le nkonzo  ingathatha amaviki angu-8.

Phezulu

Izindleko

R55

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Change of gender, BI-526E
Application for identity document, BI-9 


Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


