Ogandaganda (Ummbila) 								 IsiZulu

Ogandaganda – izinkabi ezisebenzayo ngokwamanje

 Instructions:	

Folio strap: Ukuhlalisa 

Byline: UWillie Kotze, umhlanganisi wokuqeqesha wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Photos: Photo 1 – Ibhetri elingabhekwe neze 

Photo 2 – Izintambo zikagesi ezigcwele uwoyela

Photo 3 – Idifi elingenawoyela

Photo 4 – Hlanza amafiltiri njalonjalo

Photo 5 – Uwoyela okusephayiphini lerediyetha

Photos 6 – Amapheneli aboshwe ngocingo

Photo 7 – Ibande lefeni elingaqondanga 



Isikhathi sehlobo sokusebenza ukukhiqiza sicishe sigcine ezindaweni eziningi, futhi ogandaganda basebenze kakhulu ukuqinisa ukuthi uzothola umvuno. Sekuyisikhathi sokubheka leyo mishini ukuqinisa ukuthi iyokwazi ukukusebenzela futhi ngonyaka ozayo. 



Uhlelo olupholisayo 

Qinisa ukuthi azikho izindawo ezivuzayo kumaphayiphi naseduze kwephampi. 

Bheka ukuthi amaphayiphi amanzi asaqinile ngoba avam ukuthamba lapho kuchitheka uwoyela kuwo. 

Bheka isivalo serediyetha ukuthi sisavala kahle. Lapho ubona ukuthi amanzi mancane kodwa awutholi enye indawo evuzayo, kangab leso sivalo esivuzayo – faka esisha. 

Kubalulekile ukuthi ukhokhe wonke amanzi ezakheni ezipholisayo njalo ngonyaka bese uthela i-anti-freeze elisha. Kumbula ukuthi ubusika buyasondela, ngakho-ke kubalulekile ukuthi kubekhona i-anti-freeze elisha. 

Qinisa ukuthi uthenga i-anti-freeze elifanelekile, futhi ungahlanisi izinhlobo ezinombala ohlukene ngoba azifani. 

Qinisa ukuthi amabhande efeni asaphila kahle. Hlola futhi ukuqinisa kwebhande. Uma kukhona amabhande amabili bese elilodwa livelelwa ingozi, ubofaka amabili amasha ukuze asebenzane ngokufana. 



Uhlelo lwedizili

Hlola ukuthi azikho izindawo ezivuzayo usuke ethangini uze ufike lapho idizili ingena kuma-injektha. 

Qinisa ukuthi ithangi liyakhanya, hlola futhi ukuthi ifiltiri elingaphakathi lisaphila. 

Faka amafiltiri amasha edizili kuzo zonke izindawo. 

Hlanza i-trap elibamba amanzi. Kubalulekile ukuthi ithangi ledizili lihlale ligcwele ngoba uma kukhona umoya ethangini, uphenduka ube amanzi. Lawo manzi angalimaza iphampu lama-injektha. 

 

Uhlelo lokugcoba 

Qinisa ukuthi uyazi ugandaganda wakho ufanele seviswe nini – kungaba isikhathi sokushintsha uwoyela nokufaka ifiltiri elisha. 

Uma kuyisikhathi sokushintsha uwoyela wedifi negebhoksi, khumbula ukushintsha nalawo mafiltiri (khumbula ukuthi uhlelo wehayidroliki usebenzisa lowo oyela futhi, ngakho-ke hlola ukuthi azikho izindawo lapho ezivuzayo). 

Lapho uphinda udumisa ugandaganda, hlola ukuthi akuvuzi ini uwoyela lapho ufake ifiltiri khona noma esivalweni sesampi. 

Bheka zonke izindawo lapho kungavuza khona uwoyela – faka amasili amasha uma kudingeka. 

Faka igrisi kuzo zonke izindawo (esondweni lokushayela nezinye izimbotshwana). 



Amafiltiri ahlanza umoya

Hlola amafiltiri omoya – asaphila na futhi ayakhanya – faka amasha uma kudingeka. 

Hlola amaphayiphi lapho umoya uhamba khona, qinisa onke amaklampu. 

 

Uhlelo lukagesi

Ibhetri – ibhetri lifanele likhanye lonke. Qinisa ukuthi kukhona amanzi akwanele, uma angaphansi thela amanzi ebhetri (ungawathola esitolo esithengisa amabhetri). Khumula izintambo zebhetri uzihlanze. Buyisela izintambo uzibophe kahle bese ufaka kancane igrisi lapho ziboshelwa khona ukuvimba ukuthomba kwe-esidi. Hlola ukuthi intambo eboshelwe enjinini naleyo eboshelwe kustata ziqinile. 

Qinisa ukuthi izintambo zikagesi azinegrisi nowoyela futhi ukuthi zembeswe kahle zonke izindawo (lokhu kuzivikela ukushisa, ukuhuzuka namanzi). 

Qinisa ukuthi zonke izibanyana ezikhombisa ingozi namageji kusebenza kahle – lapho uthinta isikhiye sokudumisa, zonke zifanele zikhanye. (Izibanyana zikawoyela ne-altheneyitha zifanele zikhanye lapho uthinta isikhiye, zifanele zicishe lapho injini iduma – ezinye izibanyana zizokhanya lapho kukhona inkinga endaweni ethile). 

Hlola onke amafiyuzi njalonjalo. 

 

Amathaya

Amathaya afanele aphile kahle sonke isikhathi – akufuneki kubekhona iziklewu, izindawo ezisikiwe nezimankumbu. 

Hlola ukuthi ukufuthwa kufanelekile futhi qinisa ukuthi ukulinganisa kwamanzi nomoya kumathaya angemuva kuqondile. 

Bheka izinyathelo zamathaya ahambisa umshini – lapho abushelelezi angeke akwazi ukubamba nokudonsa kahle. 

Hlola ukuthi izinyathelo zawo onke amathaya aqondene ukuya phambili. 



Izakhi zokushayela

Izakhi zokushayela zikagandaganda zinomsebenzi omkhulu, ngakho-ke kukhona eziningi izinto ezingadleka masinya. Kubalulekile ukuthi amabhushi, amabheringi nebhokisi konke kuphilile. Lapho kukhon izakhi ezidlekile kungenza ukuthi ugandaganda ungahambi ngokuqonda emgwaqweni – lokhu kungadala ingozi ngoba umshayeli akanamandla ukuphatha ugandaganda kahle, futhi kudala ukudleka kwamathaya. 



Amapuleti avikelayo

Kukhona amapuleti athile avikelayo kugandaganda (umbala wawo avama ukufana nombala kagandaganda). Umsebenzi wala mapuleti kungukuvikela umshayeli nezakhi ezigijimayo. Kaningi la mapuleti ayaqeka, nesinye isikhathi awasekho. Kubalulekile ukuwaqinisa kugandaganda, kubuyisela lawo engekho nokuhlola ukuthi amabhawuti abambayo abopheke kahle. 



Umgoqo odonsayo

Izakhi lapho kufakwa nokuboshwa khona eminye imishini edonswa ngugandaganda zifanele zihlale ziqinile. Sebenzisa amapini afanelekile ngobukhulu lapho kudonswa ezinye izinto ngoba azifani ngokusinda – amapini amancane athatha konke ukusinda kwalokhu okudonswayo, futhi ngiwo odwa abambe umgoqo odonsayo. Izingozi eziningi zidaleka lapho lezo zakhi zingabhekwa kahle. 

