Track (Maize)  									 IsiZulu 

Izilinganiso ezifuna ukukhombisa umphumela walokhu okutshaliweyo; izinsuku zabalimi ezisaqhubeka 

Instructions: 

Folio strap: Iphrogramu Lokuthuthukisa Abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

IPhrogramu Lokuthuthukisa Abalimi liqonde ukumisa nokuphatha izindawo lapho linezilinganiso ezizama ukukhombisa abalimi imiphumela yezindlela ezahlukene zokulima, njengokulungisa umhlabathi ngendlela efanelekile, umanyolo ofanelekile, ukukhetha izinhlobo zezitshalo, ukuphatha ukhula nezifo nokuvuna. 



Izilinganiso ezizama ukukhombisa (demonstration trials) 

Besikwazi ukuvusa izindawo ezingu-46 zezilinganiso ezizama zokukhombisa eziphathwa yiphrogramu lethu. Lezi zilinganiso ziqonde ukukhombisa izindlela zokulima ezifanelekile – ukuthela umanyolo noma ukungatheli, inani lezimbewu: ziningi kakhulu noma zincane kakhulu, ukubulala ukhula noma ukungabulala. Kakhulukazi kusiza abalimi ezindaweni ezithile futhi abangafundile, lezi zilinganiso zibakhombisa izindlela zokulima ezifanelekile nangesikhathi esifanelekile. 



Izinsuku Zabalimi 

Izinsuku zabalimi zinikeza ithuba kubo bonke abasebenza ekulimeni ukufundisa nokuxoxana nabalimi. Kulezi zinsuku zabalimi kukhona abasebenzi bethu, nalabo abamele izinkampani ezinikeza impahla zokulima, ama-agribhizinisi, inshuwalense, ababolekisa izimali, njll. Ngalo nyaka besinezinsuku zabalimi ezingu-65 – inani labalimi abaye kulezi zinsuku liqale ku-8 laya ku-250! 

