﻿

Isicelo se-visa

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

I-visa yimibhalo egxivizwe kwipasipoti esebenzayo yomuntu wangaphandle enikeza lowo muntu wangaphandle igunya lokungena eNingizimu Afrika.

I-visa kumele:

itholakale ngaphambi kokuba umenzi wesicelo asuke ezweni lakubo ukuza eNingizimu Afrika

itholakale ezweni langaphandle nakhona ngeke kwenziwa isicelo kumachweba/izikhumulo zokungena

kumele kwenziwe isicelo sayo kwinxusa noma i-mission yeNingizimu Afrika emazweni lapho iNingizimu Afrika emelwe khona

kwenziwe isicelo kwinxusa noma i-mission yeNingizimu Afrika eseduzane, uma iNingizimu Afrika ingamelwanga ezweni lakini. Lokhu kusebenza nakulabo abanamapasipoti ezikhulu zobunxuswa  abadinga izimvume zobudiplomatiki .


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

gcwalisa ifomu lesicelo se-visa le-BI-84
ipasipoti yakho kumele isebenze isikhathi esingekho ngaphansi kwezinsuku ezingu-30 ngemuva kokuphela kwesikhathi sokuvakasha esihlongozwayo
ipasipoti yakho kumele ibe nekhasi elilodwa elingasetshenziswanga, lapho uyiletha ukuthi izogxivizelwa imvume 
imali ebekiwe okumele ikhokhelwe, uma ikhona
isitifikedi sokugonywa, uma lokhu kusebenza
fakela isitatimende noma amadokhumende aqinisekisa inhloso yokuvakasha kwakho kanye nesikhathi sokuvakasha kwakho
khipha ubufakazi bokuthi unemali eyenele
khipha ubufakazi bethikithi elisebenzayo lendiza lokubuyela emuva
kungenzeka kucelwe idiphozithi.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Le nkonzo  ithatha ukufinyelela kwizinsuku ezingu-10.

Phezulu

Izindleko

R 425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a visa, BI-84 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


