Sunflower									Zulu



Ubhekilanga: Izifo nezilokazane



Instructions:

Folio strap: Izimbewu zikawoyela

Byline: Imininingwana itholakale emanyueleni yeGrain SA ebizwa ngokuthi: Ukukhiqiza ubhekilanga (Sunflower production)

Insert: Isekelwa yiOil and Protein Seeds Development Trust

Photo 1: Umswenya

Photo 2: Ibhungane lommbila elinamabala

Photo 3: Ibhungane elibizwa ngokuthi “herpalus”

Photo 4: Ingozi enkulu idalwe ezinhlokweni zikabhekilanga. Lapho lezi zinto ziningi kakhulu ukukhiqiza ubhekilanga akungeke kube nezuzo.



Kukhona ingxenye nje yezilokazane kubhekilanga esingasho ukuthi ziyinkathazo – kukhona eziningi ezingadali ingozi esitshalweni. Izilokazane ezingadala ingozi yilezo ezivama ukudla izinhlamvu ezihlwanyeliwe, izinhlamvu ezifecayo, izithombo ezivelayo, istshalo esimilayo, izimpande noma ukudla okukhulayo. 



Ukuphatha izilokazane kuhambelana nokusebenzisa umuthi wezilokazane (amakhemkali abulala izilokazane), umuthi othelwa ngesikhathi esifanelekilo, inani lomuthi elifanelekliyo – kakhulukazi ukuthela umuthi othile obulala izilokazne ezithile. Kukhona umuthi orejestiwe ukubulala zonke izilokazane ezidla ubhekilanga. Uma usebenzisa lowo muthi uzothola umphumela omuhle. Kufanele uhlanganise izindlela ezihlukene uzihlanganise ukubulala izilokazane kahle. Lokhu ukuhlanganisa kuzosiza ukuze uvimbe ukwanda kwezilokazane ezivama ukudala ingozi ekulimeni kwakho. 



Izilokazane ezidla izinhlamvu nezithombo

Kukhona izinhlobo zezilokazane ezahlukene ezidla izinhlamvu nezithombo, isibonelo: umswenya, amabhungane anamabala nezinye futhi. Lezi zilokazane zehlisa inani lezitshalao ezimilayo – uma zingaphathwa kahle kuzodingeka ukuphinda ukutshala. Futhi kufanele ukuthi kusetshenziswe la makhemikali ngendlela efanelekile ukuze uzokwazi ukuziphatha kahle izilokazane. Ukuphatha lezi zinkathazo akubizi imali eningi kodwa kufanele usheshise ukuziphatha masinya ukuze zingadali ingozi ekuqaleni kokumila kwezitshalo. 



Ukulima ebusika kuzosiza futhi ukubulala eziningi izilokazane ngoba ebusika zihlala ezinhlangeni zokhula olusala ensimini. Uma zihlala ngaphandle kwezinhlanga eziphila ngazo ngesikhathi esiya ezinsukwini ezingu-35, eziningi izinkinga ezidalwa yilezi zilwanyana zizokhawula. 



Izimbewu ezizohlwanyelwa zingathelwa ngomuthi wezilokazane noma umuthi ungathelwa emseleni lapho kuhlwanyelwa khona. Umwenya ungabulawa ngokubeka ibheyiti phezu komhlabathi emseleni. Insimu nayo ingafafazwa ngomuthi ofanelekile.



Izilokozane ezidla ingxenye yesitshalo sikabhekilanga

Ibhungane lommbila elinamabala elikhulile (astylus atromaculatus), umswenya (agrotis segetum), ibhungane elenza ngathi lifile (protostrophus sulcatifrons) nebhungane harpalus kungadala ingozi enkulu ezithonjweni bese inani lezitshalo elihle lingehla kungabi khona inzuzo.

 

I-African bollworm (helicoverpa armigera) lilimaza inhloko kabhekilanga futhi lingavulu indlela ukuze kungene isikhunta esingurhizopus microsporus. Izilokazane ezimunyayo njengenysius nataensis nazo zingalimaza izinhlamvu zikabhekilanga. 



Kukhona izinhlobonhlobo zomuthi ezirejestiwe ukubulala izinhlobonhlobo zezilokazane. Kodwa kudingeka ukuthi wazi kahle ukuthi yiziphi izinhlobo zezilokazane ezidala ingozi. Bese uzokwazi ukukhetha umuthi ofanelekile – qaphela ukuthela umuthi mayelana nomlayezo nangesikhathi esifanelekile. Lokhu kungahluka maqondana nohlobo lwelokazane nangobukhulu besitshalo. 



Ukuthela umuthi wezilokazane kungavimba ukuncipha komvuno, kodwa kufanele umlimi eqaphele ngoba kuhambelana nezindleko. Kufanele kulinganiswe kahle ukuthi izilokazane zidala nini ingozi enkulu kakhulu, noma kuzobiza izindleko eziningi kakhulu kungasasizi ngoba izindleko zizoba ngaphezu kwenzuzo. 



Ukuphatha ngokuvikela

Akufanele ukufafaza izitshalo lapho izilokazane zingakadali ingozi enkulu kakhulu. Isizathu salokho yilokhu: kukhona izilwane zemvelo eziphila ngokudla ezinye. Uma ufafaza kakhulu nalezo zilwane ezidla izilokazane ziyabulawa, futhi kungenzeka ukuthi izilokazane ziwujwayele umuthi uma uthela kaningi bese azisafi. Amakhemikheli nawo anengozi alimaza umhlaba, ngakho-ke kufanele siwasebenzise kuphela uma kudingeka kakhulu. 



Ukulima ngaphambi kokuhlwanyela kuyasiza ukuvimba ingozi yezilokazane. Kodwa inani lezilokazane lifanele lihlolwe njalo ukuze izindleko zikwazi ukuphathwa kahle. 



Ngokwejwayelekile kubaluleke ukuba nezindlela ezihlanganayo zokuvikela ingozi yezilokazane – sebenzisa indlela ehambelana nenhlobo yesilokazane ngesikhathi esifanelekile esitshalweni esithile. Ukuphatha izilokazane kuyinto ebalulekile ekuphathweni kwemvuno ngoba kuzokhombisa ukuthi kuzobakhona inzuzo emsebenzini wokulima nokukhiqiza noma cha. 



Izifo zikabhekilanga

Izifo zezitshalo zehlisa inani nesimo semvuno futhi zingadala ingozi empilweni yezimpahla neyabantu uma kudliwa lokho kudla. Izifo zezitshalo zidalwa kakhulu yisikhunta, amabhakthiriya namavirusi. Lezi zinto zingalimaza zonke izindawo esitshalweni – izimpande, izinhlanga, amakhasi, izimbali nezimbewu zokudla. Izifo ezahlukene zidinga izimo ezahlukene ukuze zikwazi ukwanda. 



Isifo sikwazi ukukhula kuphela uma sizwana nesimo sezulu nobunjalo bendawo, uma kukhona isitshalo esifanelekile naso isifo sikhona. Lokhu okuthathu singathi ukuthi kuyisisekelo sokwanda kwesifo. Uma kunye kungekho, isifo asikwazi ukuhula nokwanda. Isifo esithile esingaba khona endaweni ethile ngalo nyaka, asingeke sibekhona kuleyo ndawo ngonyaka ozayo uma ubunjalo bendawo nesimo sezulu kungafani nalo nyaka. Ngenxa ukudula okukhulu ukuqala ukutshala ubhekilanga, akuvameki ukuphatha lezi zifo ngamakhemikheli ngoba kubiza kakhulu. Ezinye izifo zikhona njalo kodwa azikhuli ngoba azizwani nesitshalo noma nesimo sezulu. Izifo ziphathwa ngezindlela zokuzivimba nokuzivikela. Kukhona izindlela ezihlukene zokuphatha izifo ngokuzivimba. 



Ukumelana kwezitshalo

Kukhona izinhlobo zezitshalo ezikhuliswe ukuba namandla ukuzabalaza izifo ezithile. Lokhu ukumelana kwesitshalo kuqonde ukulwa nesifo esithile, akusho ukuthi ezinye izifo azingeke zikwazi ukulimaza leso sitshalo. Kubalulekile ukuthi uqonde kahle ukuthi yisiphi isifo esivama ukudala ingozi endaweni yakho bese ukhetha uhlobo lwesitshalo olukwazi ukuzabalaza leso sifo. 



Ukuphatha ngamakhemikheli

Ukuphatha ngamakhemikeli kusho ukusebenzisa umuthi orejestiwe ukubulala izifo zesikhunta nezamabhakthiriya ezithile nasesimeni esithile. Kufanele ucabange kahle ngenani lemali elibizwayo ukuthenga umuthi – kungaba ngcono oxoxe nomlungisi wamakhemikheli ezokulima ukuze uthole umlayezo maqondana nokusebenzisa amakhemkheli athile.



Izindlela zokukhiqiza

Ukulima umhlabathi kungaba into ebalulekile lapho uzama ukuphatha izifo – ezinye izifo ziphila ezinhlangeni ezisala ensimini, ngakho-ke kufanele wazi ukuthi yiziphi izifo ezikhona bese ukhetha indlela efanelekile ukulima umhlabathi.



Ukushintshana izinhlobo zezitshalo kuqonde ukunikeza isikhathi sokubola kwezinhlanga ezisala ensimini. Kubalulekile ukuthola ukuthi yiziphi izifo ezithanda ziphi izitshalo bese ungaxazulula leyo nkinga nokushintsha izinhlobo zezitshlo ozitshalayo. 



Isikhathi sokuhlwanyela naso sinomthelela ekukhuleni kwesifo esithile – kungenzeka ukuthi ukutshala masinya noma ukutshala emva kwesikhathi kungavimba isifo esithile sikhule sidale ingozi. 



Ukuphatha ubunzima

Ingxenye yezinto ezidala ubunzima ekumileni kwezitshalo kungashintsha indlela yokukhula kwezifo. Izinto ezidala ubunzima ekumileni kwezitshalo yilokhu: ubumanzi (obuncane kakhulu noma obningi kakhulu), ukushisa, ukubanda, ukudla okungakwanele, ubumuncu komhlabathi nokulinyazwa yizilokazane. 



Ukuphatha izifo kahle kudinga ukuthi ususe eyodwa into yalezo zinto ezintathu ezidingekayo ukuze izifo zikhule. Lokhu kungenzeka kuphela uma uhlanganisa zonke izindlela ehlelweni lakho lokuphatha izifo. 



Izifo ezijwayelekile

Izifo zamakhasi – Septoria helianthi kanye neAlternaria

Izintuthumba ezivela emakhasini ezidalwa yiSeptoria zivama ukukhula emakhasini kuphela. Izifo zeAltenaria zidala izintuthumba ezimnyamana ezinhlangeni, emakhasini nangasemuva kwezihloko zikabhekilanga.



Ukuthomba – Puccinia helianthi

Ivirasi elidala lesisifo lisakazwa yizilokazane ezibizwa ngokuthi ”leaf hoppers” futhi liyinkinga kakhulu emzansi eMpumalanga nasezindaweni lapho kutshalwa khona ukolo. Izitshalo zithola lesi sifo masinya emva kokuqala ukumila bese ziyashishibala futhi zingeke zikhiqize izinhlamvu nokudla. 



Sclerotinia – Sclerotinia sclerotiorum (ukubola kohlanga nesihloko)

Lesi sifo siyinto esidala mhlawumbe ingozi enkulukazi nakwezinye enzuzweni yomvuno, futhi ingavinjwa kuphela ngokushintshana izinhlobo zezitshalo. Silimaza uhlanga lapho eduze nasemhlabathini bese uhlanga uyagobeka futhi uyawa uma kukhona umoya onamandla. Izihloko zithintana nomhlabathi ongakwenza ukuthi kungene ezinye izifo njengesikhunta ngaphambi kokuvuna.



