Ukuphumelela phambili (Ummbila)							IsiZulu

Ukuphumelela ngokulima ngendlela elula – izinhloso zakho maqondana nebhizinisi lakho lokulima



Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha

Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuwali “Farm Management for Profits” ebhalwe nguMarius Greyling



Lapho ufisa ukuphatha ibhizinisi lakho lokulima ngendlela efanelekile, kubalulekile ukthi ubeke phansi imogomo nezinhloso zakho. Awungeke ulandele indlela kodwa awazi ukuthi uzofika endaweni lapho uqonde khona. Kaningi abakhiqizi babizwa ngokuthi abakwazi noma bayazisola ukubeka phansi izinhloso zebhizinisi noma ezabo. 

Izizathu zalokhu kungaba lokhu okulandelayo:

Kunzima kunzima ukuhlanganisa izinhloso zebhizinisi lokulima ngoba izimo zalo msebenzi aziqondile, awazi ukuthi ikusasa lizobanjani.

Kuthathaisikhathi esiningi kakhulu ukuhlanganisa izinhloso eziqondile zebhizinisi lokulima.



Zombili lezi zathu zineqiniso, kodwa ukubaluleka kokuhlanganisa izinhloso kuyinto engafaneli ishiywe ngemuva, nokho kunzima futhi kuthatha isikhathi. Imigomo nezinhloso (amasu) kukhombisa indlela eya ngaphambili, ngaphandle kwakho awungeke wazi ukuthi uzophumelela noma uzolahlekelwa. Ngaphandle kwenhloso awukwazi ukulinganisa ukuthi usebenze kahle ngoba ayikho into oqonde kuyo. Ukuhlanganisa inhloso nokubeka umgomo emsebenzini wokulima kunzima futhi kuthatha isikhathi kodwa kubaluleke kakhulu ukwenza lowo msebenzi, kufanele siwenze. 

Ukubeka phansi nokuhlanganisa izinhloso zebhizinisi lokulima kaningi kuletha izinkinga. Isizathu salokho kuholakala lapha: ukulima kuyindlela yomlimi yokusebenza futhi kuyindlela umlimi ephila ngayo (kuyimpilo yakhe). Umndeni wakhe uyinxenye yezinto ezihambelana nomsebenzi wakhe wokulima nempilo yakhe. Ngokujwayelekile siyazi inhloso enkulu yebhizinisi iqonde ukuthola inzuzo nakusasa, kodwa ekulimeni lokhu akuhambelani sonke isikhathi ngoba ibhizinisi nendlela yokuphila kuhlangene. Singasho-ke ukuthi izinhloso zalo msebenzi zingaba ukuthola inzuzo enhle, kodwa akufanele ukuthi lokho kulethele umlimi nomndeni ojabulile nempilo yakhe ubunzima. 


Izinhloso ezihlanganiswe ngaphezulu aziqondanga kahle futhi zingabhekeka ngezindlela ezahlukene. Kodwa lapho kusetshenzwa khona, lezo zinhloso ziqondile ngoba abekho abantu ababili abacabanga ngokufana noma abaphila ngendlela efanayo futhi ababheka umndeni omuhle ngendlela efanayo.Ngakho-ke isifiso somlimi nomlimi sokuthola inzuzo sizohluka ngoba omunye angeke abheke lezo zinto ngokufana futhi angeke alandele indlela yokuthola inzuzo ngokufana. Kodwa kubalulekile ukuthi umlimi othile aqonde kahle ukuthi impilo yakhe enhle emnandi izombiza malini malingana nomsebenzi wakhe wokuthola inzuzo, kanjalo-ke uzokwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele yena nezidingo zakhe. 

Umphakathi udinga ukuthi isigaba sezokulima sikhiqize izimpahla ezithile – lokhu kuzohambelana nekhono lelizwe elithile – kakhulukazi ukudla nezinye izimpahla ezidingekayo ngentengo engaphansana, futhi siqhubeke ukunikeza lezo zinto. Lokhu kusho ukuthi abalimi bafanele basebenzise izingcebo zezomvelo kakhulukazi esikhathini eside. Kodwa izinhloso ezivamekile zodwa azingeke zikwanele. Lowo nalowo umsebenzi udinga inhloso ethile, kodwa leyo nhloso ifanele ihambelane nenhloso evamekile. Isibonelo: umlimi ofuna ukukhiqiza ummbila ufanele abenenhloso ethile yomsebenzi wokukhiqiza ummbila, masithi unenhloso yokulima amahektheli angu-500 ommbila obomvu ngonyaka. Kodwa akugcini lapho. Kufanele futhi aqonde ukuthi aqonde futhi ukuthi ziyini izinhloso zakhe maqondana nemisebenzi edingekayo nezindleko ezizovela ngoba lokhu kuzomkhombisa ukuthi amasu akhe maqondana nezidingo zezimbewu nezikamanyolo. 

Umlimi ngamunye ngamunye kufanele aqonde ukuthi ziyini izinhloso zakhe. Siyaphinda futhi ukuthi kubalulekile ukuhlanganisa izinhloso, kufanele umlimi eqonde kahle ukuthi ufuna ukuyaphi ngebhizinisi lakhe lokulima. Uma kukhona ukuphambana kwalezo zinhloso, umlimi yena kufanele ahlale phansi acabange akhethe izinhloso ezifanele yena, impilo yakhe nezidingo zakhe. Lapho eqala ukwakha amasu amasha okuqhubeka ngomsebenzi wakhe, aboqinisa ukuthi umsebenzi othile uhambelana nezinhloso ezivamekile nangezidingo zakhe. 

Konke esikushilo maqondana nokhlanganisa izinhloso kungashiwo ngamazwi ambalwa alandelayo: inhloso yebhizinisi lokulima yikufisa ukuthola inzuzo enkulu engatholakala, kodwa ukungalimazi izinto zezomvelo (izingcebo) njengomhlabathi, amanzi, amadlelo, njll. ukuze zikwazi ukusetshenziswa kusasa nakusasa ziqhubeke ukusilethela umkhiqizo omuhle esikhathini eside. 


Ukuze umphathi asebenze ngendlela efanelekile, kufanele:

Aqonde kahle ukuthi ziyini izinhloso zakhe esikhathini esimfushane nangesikhathi eside;

Akhe amasu nebhajeti ukuze asebenzise izingcebo ezikhona ngendlela ezofikela kulezo zinhloso;

Athwale isibopho emahlombeni akhe ukusebenzisa lawo masu;

Angenise izinhlelo zokuhlola ukuze athole njalo ulwazi oluzomnikeza ithuba lokushintsha indlela yokusebenza lapho kusenesikhathi uma kuvela umonakalo. 



Izinhloso zifanele:

S – (specific) ziqondile, zinembile;

M – (measurable) zikwazi ukulinganiswa; 

A – (achievable) zikwazi ukufikelwa;

R – (realistic) zibe ngokwempela;

T – (time related) zihambelane nesikhathi;



Ukuhlanganisa Izinhloso

Ukuhlanganisa izinhloso kufana nokubuza “kuqondeni lokhu” emsebenzini wokulima, kusho ukuthi sifuna impendulo yalo mbuzo “Sifisa ukwenzani, ukutholani, ukufikela kuphi?”



Eminye imigomo nezinhloso kuyinselele. Okunye okubalulekile yilokhu:

Kubalulekile ukuthola inani elithile lomkhiqizo ehektheleni – lokhu kusho ukuthi inani lomkhiqizo elibekwe ebhajethini lonyaka lifanele litholwe. Lelo nani liyehluka emapulazini athile.

Qinisa ukuthi umkhiqizo wakho ulingana nezidingo zemakethe – umphathi womkhiqizo kufanele abeke phansi ngaphambi kwesikhathi izinhloso ezizofikela kulezo zidingo zemakethe. Lokhu kungaba izinto ezinjengobukhulu, umbala, ikhwalithi engaphakathi, njll. 

Qinisa ukuthi wonke umsebenzi usazokwazi ukuqhubeka nakusasa – lokhukusho ukuthi izinto zezemvelo zingavelelwa ingozi lapho kusetshenzwa khona, izinto ezinjengamakhemkheli abulala izifo, umanyolo, njll. Lokhu kuzoqinisa ukuthi ukukhiqiza kuleyo ndawo kuzokwazi ukuqhubeka nakusasa.

Qinisa ukuthi usebenza ngaphakathi kohlelo lweGood Agricultural Practices (GAP) – iGAP icela ukuthi amakhemikheli asetshenziswe ngokuqaphela ngoba kungadala ingozi kulaba abasebenzanga ngawo. Umuthi wokubulala izilokazane, wokubulala ukhula nomanyolo ufanele usetshenziswe kahlengokqaphela, amanzi angangcoliswa, angamoswa ukuze kuvinjwe ukulahleka, ukungcoliswa nokukhukhuleka.



Kungaba khona ezinye izinhloso ezizosebenza emapulazini athile, kodwa lezo ezichazwe lapha zizoqinisa ukuthi umsebenzi wakho uzoba nompumelelo omuhle.





