Amaqembu okufunda (336) - STUDYGROUPS

Kungani sitshele abalimi abasakhulayo ukuthi bahlangane neqembu lokufunda noma balakhe iqembu labo? 

Umlayezo: 

1. Folio strap: Amaqembu okufunda

2. Byline: UJane McPherson, umphathi weprogremu lokuthuthukisa abalimi abasakhulayo leGrain SA

3. Photos: 

Ingxenye into enkulu ngaphakathi kwale progremu lokuthuthukisa ngukhwakha nokusekela amaqembu okufunda. 

Kukhona izizathu eziningi ezibalulekile zokwakha nokuwasebenzisa kahle amaqembu okufunda: 

Abantu abahlala ndawonye futhi abalima ndawonye bavama ukuba nezinkinga ezifanyo maqondana nokulima, ngakho-ke bangafundisana; 

Umphumela noma isixazululo sezinkinga singatholakala phakathi kwamalunga eqembu;

Kulula futhi akubizi imali eningi ukusekela iqembu malingana nokusekela umuntu oyedwa; 

Kungenzeka ukuthi kuhlanganiswe isu lomsebenzi ofanele wenziwe ngomnyaka ozayo nokuqeqeshwa kwamalunga ukuze munye namunye aqhubeke ukuba umlimi wezomnotho; 

Amazwi eqembu azwakala masinya futhi anamandla kunezwi lomuntu oyedwa – lapho abaningi abantu bacela into efanayo, abanye bazolalela. 

 Iqembu lokufunda lizosebenza kahle kuphela lapho amalunga eqembu elithile abambe izintambo abe abanikazi balelo qembu – cabanga ngalokhu okulandelayo::

Iqembu lifanele lihlangane njalo;

Iqembu lifanele libe nesimo somthetho esiqhaza kahle izinjongo zalelo qembu; 

Iqembu lifanele libe nesakhiwo sabaphathi abasebenza ekulimeni nabo – ningavumeli ukuthi abantu abangasibo abalimi bathathe iqembu lenu baliphathe – iqembu lokufunda lokulima alinasikhathi sokuchitha ngezindaba ezingaqondani nokulima; 

Amalunga eqembu bafanele banezinjongo zalowo mnyaka – lapho kukhanya kahle ukuthi uqonde ukuya kuphi, naleyo ndlela izohambeka kalula; 

Bheka ukuthi ziyini izidingo zeqembu bese nithatha izinyathelo ezifanelekile zokuthola umphumela – isibonelo, uma iqembu lidinga ulwazi maqondana nomanyolo, mema iziphathimandla eziqobelelana nolwazi zenkampani eyenza umanyolo ukuze zikhulume nani – mema umphetha okhethiweyo onolwazi eze axoxe nani ngezindaba ezihambelana nokulima; 

Bheka phansi (songoza) izinsuku zemihlangano ekuqaleni komnyaka ukuze amalunga azokwazi ukuthi azokuya nini kulowo nalowo mhlangano. 

