Study (OPOT) 										IsiZulu 

Iziqumbi zokufunda zenza umsebenzi wazo 

Instructions: 

Folio strap: Iziqumbi zokufunda 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Ukusiza nokufundisa abalimi ngamunye ngamunye kuthatha isikhathi eside futhi kubiza imali eningi. Kungcono ukuhlanganisa abalimi, ukwakha isiqumbi esinamalunga anezidingo ezifanyo, bese bakwazi ukuthola usizo ngkuhlangana njalo.Leli phrojekthi lisaqhubeka ukwenza umsebenzi walo – lisakaza ukuqeqesha, ulwazi neminingwane kubo bonke abalimi ezindaweni ezahlukene. 

Sibonile ngokuhamba kwesikhathi ukuthi inani lamalunga eziqumbi zokufunda liyehla ngoba kusala labo balimi kuphela abakhuthele abafisa ukukhula ezomnothweni. Lokhu kubonakala kahle eNorth West lapho leli phrogramu selikhona iminyaka eminingi. Ezindaweni lapho siqale ukumisa iziqumbi ezinsha sinenkinga, ngoba kukhona abalimi abaningi kakhulu abafuna ukujoyina. Kukhona izindawo lapho abalimi abasaqala ngokulima abafika ku-200 abafuna ukujoyina! 

Ngalo nyaka, sesihlangane na-128 leziqumbi zokufunda ezindaweni eziphathwa ngamahovisi emaphrovinsi. Kulezi ziqumbi kukhona ezingu-8 ezingamalunga zephrojekthe zikakolo eFreyistata Mpumalanga. Kule mihlangano sixoxe ngezindaba ezilandelayo: 

Ubumuncu bomhlabathi nokugcwala kubumuncu; 

Ukubaluleka kokukhetha uhlobo lomhlabathi ukutshala ukudla okuzinhlamvu; 

Ukuphatha umhlabathi ngendlela efanelekile; 

Ukulima nengcebo kwakho; 

Ukuqina komhlabathi nalokhu okuzokwenzeka emva kwesikhathi uma utshala; 

Ukudla okuswelekayo ezitshalweni zokudla okuzinhlamvu; 

Ukulondoloza umswakamo emhlabathini; 

Ukukhetha izinhlobo zezitshalo; 

Ukuhamba kokhiqiza, kuyaqala kuyagcina kuyaqhubeka – umhlabathi, ukulima, ukukhetha izinhlobo zezitshalo, ukuphatha ukhula nokufaka umanyolo; 

Ukuphatha ukhula – ngemishini noma ngamakhemikeli; 

Ukuphatha amakhemikeli azokulima ngokuphepha; 

Ukuthela umanyolo ngaphezulu; 

Ukuphatha izifo nesilokazane eziqopha izinkuni; 

IRoundup elungileyo neBT-maize; 

Ukubaluleka kokukhetha isikhathi esifanelekile sokutshala nokuvuna; 

Ukubeka/ukuqongelela ummbila; 

Ukwakha ibhajeti nokuba nesu – ukubheka izindleko zokukhiqiza; 

Inani lengcebo nezindleko zenshuwalense zokuqala ukulima; 

Ukumaketha; 

Okwezimishini – ingxenye yezinto ezivula umnyango ukungena ekulimeni kwezomnotho; 

Izindlela zokuthenga imishini ezisebenzile kodwa ezisaphilayo; 

Izidingo zeFICA nomthetho obizwa ngokuthi: Credit Act; 

IVAT nokuhluseliwe emalini yedizili; 

Indlela yokuqhubeka lapho isiqembu sokufunda sihlangana ukuthenga izinto njengesiqumbi, hhayi umuntu oyedwa; 

Izingozi zomlilo lapho ummbula usuvuthiwe; 

Ukwakha kanjani amasu ukuzilungiselela ukulima ngonyaka ozayo lapho uzwa ukuthi isimo sezulu sizobanzima ekutshalweni. 

 

Ngezinyanga ezidlule sihlangane nawo onke amalunga eziqumbi zokufunda ukuthola imininingwane maqondana nenani lamahektheli atshaliweyo, inani lemishini nesimo sayo njengogandaganda, amapulantela, imishini yokufafazo namageja. Sikholwa ukuthi sizothola izimali nokusekela kwephrogramu elizozama ukubheka nokulungisa leyo mishini – imishini ephilile ibalulekile uma ufuna ukulima ngokwezomnotho. Ngokwanje umsebenzi wokulima ucindezelekile ngoba inzuzo incane, ngakho-ke ayikho imali yokubheka nokulungisa imishini. Le ndaba ifanele ihlolwe kahle uma abakhiqizi abamnyama bafuna ukuthatha isikhundla sabo ekulimeni kwezomnotho. 

