﻿Isicelo sepasipoti yomvakashi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Isicelo sepasipoti yomvakashi yidokhumende edingekayo lapho uvakashela kwelinye izwe noma ubuya ungena eNingizimu Afrika. Ipasipoti yomvakashi inikezwa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezineminyaka engu-16 ukuya kwengaphezulu. Isebenza ukuvakashela kuwo onke amazwe ngaphandle kokuba ifakelwe imibhalo ethize ekhombisa ukungamukeleki . Isebenza iminyaka elishumi  ukusukela ngosuku ekhishwa ngalo.

Kumele ube nomazisi  noma isitifikedi sokuzalwa ukuze ulwazi ukwenza isicelo. Izicelo zepasipoti yomvakashi kanye nomazisi  kungenziwa ngasikhathi sinye nepasipoti yomvakashi, uma ungakwazi ukulinda.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-73 ulihambise wena mathupha ehhovisi loMnyango weZangaphakathi . Lihambise kwiNxusa  yeNingizimu Afrika noma imission uma wenza isicelo ungaphandle kwezwe.
Kuzothathwa iminwe yakho  ukuze irekhodi lakho lifakelwe kwiRejista yoHla lwabantu .
Fakela nezithombe ezimbili zosayizi wepasipoti.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Passports and Travel Documents Act, 1994  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ipasipoti ingakhishwa kungakapheli amaviki ayithupha .

Phezulu

Izindleko

R176

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a South African passport or travel document, BI-73 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


