Safex													Zulu



Isenethini (mhlawumbe singasho njalo)!



Instructions:

Folio strap: Ukumaketha ukudla okuzinhlamvu

Byline: Lokhu kuthathwe esifundweni sikaJane McPherson esibizwa ngokuthi iAgribusiness Management Course



Ngesikhathi besisakhula besingabantwana sifundiswe ukuthi ungabali amatshwele ngaphambi kokuba amaqanda afukame onke. Kodwa, lapho usuvunile uyabona ukuthi lokhu kuyinto yakho oyitholile. Manje kufanele ucabange ukuthi uzokwenzani ngalo mvuno – uzowunikeza ukuthengisa ngokwamanje noma uzowubeka ulinde ukuze intengiso ikhuphuke (noma ingehla uma ungenenhlanhla). Lokhu kungenzeka uma ungenayo inkotilaki yokumaketha – uma unayo kufanele ulandele izimiselo zayo. 



Ziyini izinto engifanele ngicabange ngazo lapho ngifuna ukuqongelela umvuno wami? 

Nginayo indawo epulazini yokuphatha, ukuhlanza nokubeka lokhu kudla?

Kufanele ngihambise umkhiqizo lapho emasimini ngiwuhambise kumnini wesayilo onguphravveti, mhlawumbe kumunye umlimi, noma esigayweni noma kumunye umuntu osebenzisa ukudla okuvela emmbileni?

Uma ummbila uzobekwa epulazini noma endaweni lapho kukhona isayilo lomuntu ozisebenzela, kuzobiza malini ngethani elilodwa? 

Qonda ukuthi izindleko zokuqongelela ummbila endaweni ethile azingeke zibe ngaphezu kwezindleko zentelo nezinye izindleko ezihambelana nokubeka umvuno wakho? (Funda kahle ukuthi kuthini kuleyo nkontilaki, ngesiNgisi bakhuluma nge-“small print” evama ukubakhona ekugcineni kwaleyo nkontilaki – qaphela ukuthi bangakuyengi.) 

Sinesithembiso esinjani maqondana nentengiso yokudla okuzinhlamvu eyehlayo futhi ekhuphukayo? 

Njalo ngeviki kufanele ushintshe amasu akho okumaketha maqondana nesimo sezulu nesimo sentengiso, kodwa kufanele ukhulume nomphathi wezimali zakho noma ngesiphathimandla esiqobelelana nolwazi endaweni yakho. 



Kuyini okwenza ukuthi intengiso yommbila eNingizimu Afrika yehle ikhuphuke?



Isimo sokufunekayo nesimo sokudingekayo

Uma kukhona ummbila okhiqiziwe omningi kakhulu eNingizimu Afrika (njengo-2004 ma-2005) intengiso yeSafex yommbila ivama ukuthengiswa enaneni eliduze nentengiso lommbila othengiswa phesheya.

Uma kubonakala ukuthi kuzodingeka ummbila ovela kwezinye izindawo lapha eNingizimu Afrika (njengo-2006 nango-2007) intengiso yeSafex lommbila ivama ukuthengiswa ngenani eliduze nentengiso elikhokhwa ukuthenga ummbila ovela phesheya.



Intengiso yommbila emhlabeni jikelele

Inani lentengiso lommbila emhlabeni jikelele liyingenxe yezinto ezikhulu lapho kulinganiswa inani lezintengiso zommbila othengiswa phesheya noma ummbila othengwa phesheya.

Inani lentengiso lommbila emhlabeni jikelele liyahluka futhi njalo ngosuku nangosuku.

Ukushintsha kwenani lentengiso emhlabeni jikelele kuzokwenza ukuthi kushintshe futhi inani lentengiso yommbila othengwa phesheya. 

Inani lentengiso lommbila othengwa eUSA naseArgentina livama ukukhombisa ukuthi inani lentengiso lommbila eNingizimu Afrika lizokuma kuphi.



Inani lokushintshana kweRand/US-dollar 

Inani lezindleko elihambelana nentengiso yokungenisa ukudla noma ukukuhambisa phesheya (njengenani lokuthenga ummbila kumamakethe asemhlabeni jikelele – noma ezizweni ezithile) kulinganiswa nenani lezindleko zokuthutha ukudla ngolwandle nangenshuwalense okuhambelana nalokhu. Konke lokhu kubizwa futhi kukhokhelwa ngama-US-dollars.

Ukulinganisa zonke lezi zindleko neRandi laseNingizimu Afrika kufanele kulingane nokushintshana kweRrand/US-dollar.

Ukushintsha njalo ngosuku nangosuku kwenani leRand/US-dollar kuzoshintsha futhi inani lentengiso lommbila othengiswayo nommbila othengwa phesheya.



Ukuqinisa inani lentengiso yommbila eNingizimu Afrika



ISouth African Futures Exchange (Safex)

Ummbila waseNingizimu Afrika udaliswa njalo ngosuku emakethini lokudla okukhiqizwa ekulimeni eNingizimu Afrika kuSafex, okuyingnxenye yemagatsha eJohannesburg Stock Exchange (JSE).

ISafex ingachazwa ngokuthi kuyihlelo lama-elekthroniki eliphatha futhi elibheka abathengayo (njengalabo abagaya ummbila ukwenza impuphu) nalabo abathengisayo (njengabalimi abakhiqizayo). Kanjalo-ke abathengi nabathengisi bangabeka phansi inani lentengo noma lentengiso lommbila njalo ngesikhathi esithile (ngokujwayelekile njalo ngenyanga).

Umsebenzi weSafex (ukuthenga nokuthengisa izinto zezokulima) uqala ngo-09:00 uya ku-12:00 njalo ngosuku lomsebenzi.

ERandfontein (Gauteng) uzothola isikhombisa esitshela inani lentengiso yommbila.

Lokhu kusho ukuthi inani lentengiso yommbila yeSafex litholakala lapho ummbila ungena eRandfontein.

Uma ummbila unikezwa kwezinye izindawo ngaphandle kwaseRandfontein, kufanele kulinganiswe inani lentengiso maqondana nezindleko zokuthutha nokunye futhi.



Ukubala inani lentengiso yomkhiqizi wommbila

Uma ungakwazi ukudiliva ummbila eRandfontein, kufanele ucabange ngezindleko ezizobakhona lapho udiliva ummbila wakho kwezinye izindawo (amasayilo) ezirejestiwe kuSafex. Kukhona izimali ezizokhokhwa.



Ngokokuqala kukhona izindleko zetransphothi (ukusuka endaweni yakho ukuya kule sayilo eRandfontein). Lezi zindleko zichasiswa kahle encwadini yaseSafex ephuma njalo ngonyaka.

Uma ummbila udilivwa endaweni enesisayilo esisezomnotho (umnikazi wesayilo) kuzodingeka ukuthi ukhokhe imali yokuphatha nokubeka ummbila wakho.

Ngokwejwayelekile kuzobakhona indleko ezobizwa yinkampani ezomaketha ummbila wakho lapho ungathengiseli umvuno wakho kumgayi masinya (isibonelo: ibhizinisi lezokulima lizomaketha ummbila wakho bese wena uzokhokha indleko yalokhu).

Uma kwenzeka ukuthi lowo mbila awuthengiswa masinye emva kokudiliva (mhlawumbe kufanele ubekwe isikhathi esithile) bese kuzobakhona izindleko ezinye zokulondoloza lowo mbila. 



Ukulinganisa inani lentengiso esayilweni elithile kungahlanganiswa ngendlela ekhonjiswa ngokulandelayo:

 

Inani lentengiso lommbila leSafex
 

 
- Izindawo ezahlukene
 

 
- Izindleko zokuphatha
 

 
- Indleko yokumaketha
 

 
- Indleko yokubeka
 

 
= Inani lentengiso esayilweni
 

 


Kubalulekile ukuthi umlimi aqonde kahle ukuthi inani lemali azoyithola kulelo sayilo elithile lingaba inani elingaphansi kwenani engakazakuthola kwezinye izindawo. Ungazama futhi ukukhuluma ngendlela eqondile nabaphathi bezigayo zommbila, nangamanye amabhizinisi asebenza ngezinto zokulima nangabanye abathenga nabathengisayo ukudla okuzinhlamvu ukuze uthole intengiso enhle.



Kubalulekile futhi ukuqonda ukuthi nguwe wedwa ongumnikazi walo mvuno – kuyinto yakho ukuyithengisa ngesifiso sakho – uma ungathandi inani lokuthengisa, zama ukuthola inani elingcono. Inani elikhonjiswa yiSafex kufanele uzame ukuthola lona. 



