Safety										Zulu



Ukuqikelela ingozi



Instructions: 

Folio strap: Ukuvikelwa

Byline: Imininingwane ithathwe kumeniyuweli yeGrain SA manual ebizwa ngokuthi: Tractors and farm implements

Insert: Caphela



Wena ongumnikazi kogandaganda nemishini kufanele wazi ukuthi unesibopho ukubheka abantu abasebenza ngalezo zinto. 



Kukhona imithetho eqondana nokukhanyisa, okuphathelene namathoyilethe, ukungenisa umoya, izingubo ezivikelayo, ukuhlanza kwemishini nokuphathwa kwabantu abasebenza ngemishini enengozi:

Izimo ezifana nalokhu okulandelayo kuvama ukudala ingozi.

Ukugijimisa kakhulu.

Ukungasebenzisi izinto ezivikela ingozi.

Ukulinganisa imishini lapho isahamba.



Imithetho yokuvikela ingozi

Imithetho yokusebenzisa amathulusi endaweni yokusebenza:

Sebenzisa amathulusi afanelekile: ungacindezeli amathulusi amancane ukwenza umsebenzi wamathulusi amakhulu.

Gcina amathulusi kahle: bheka ukuthi akhaliphile futhi alinganisiwe kahle futhi whlanze njalo. Qinisa ukuthi amaphini aqinile.

Sebenzisa amagilazi avikelayo lapho usebenza. Sebenzisa imaski lapho kunothuli oluningi.

Qinisa ukuthi izinto ezivikela ingozi zisebenza kahle.

Vimba izingane zingangeni. Bonke abantu abavakasha endaweni yokusebenza (ishobu) abafanele basondele endaweni lapho kusetshenzwa khona.

Gcina inawo lapho usebenza khona ikhanye. Izinto ezisakazekile yonke indawo zidala ingozi.

Beka amathulusi emva kokusebenza.ngawo – awafuneki lapho kusetshenzwa khona, Cisha onke amathulusi asebenza ngogesi.

Gcoka izingubo ezifanelekile. Izingubo ezilengayo zingangena emishinini.

Bophisisa umsebenzi wakho: sebenzisa amaklempu nama ivayisi izinto osebenza ngazo. Kungcono nakozibamba ngezandla ngoba manje uzokwazi ukusebenzisa zommbila izandla lapho usebenza.

Ungacindezeli amathulusi akho ukwenza umsebenzi omkhulu kakhulu.

Ungazami ukufikela ezindaweni ezikude. Qinisa ukuthi ume ngokuqina sonke isikhathi.

Donsa ubhobhojane – ungaphushi. Lapho kunzima ukudonsa sebenzisa ingaphakathi kwesandla ukuphusha.

Amathulusi acijile ungawakhombisi emzimbeni wakho. Lokhu kungavimba ingozi lapho ithulusi lishelela.

Hlanganisa yonke imishini esebenza ngogesi nomhlabathi (earth). Sebenzisa ipulaku elineminwe emithathu kuphela.

Qinisa ukuthi kukhona ukukhanya nokungena komoya okwanele endaweni yokusebenza. Qinisa ukuthi amabhentshi akhanyisiwe kahle futhi umoya ongcolile ukhishwe njalo eshobhini.

Njalonjalo gcina ibhokisana losizo lokuqala. Bhekana nengozi encane evelile masinya kungaze kudaleke ingozi enye. 



