Rainfall (Maize) 									 IsiZulu

Uhlelo lwemvula nokukhothwa ngumoya 

 Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo 

Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuweli ebizwa ngokuthi Ukukhiqiza Ummbila Ngokunisela (Maize Production under Irrigation)

Photos: Isifanekiso 1.1: Imvula evamekile ngonyaka: mm/unyaka. 

 Isifanekiso 1.2: Ukukhothwa ngumoya okuvamekile ngonyaka: mm/unyaka. 

Umswakamo nguyinto enkulu enomthelelo lapho kutshalwa ukudla. Zonke izindawo zinenani lemvula elibhaliwe. Inani lemvula elivamekile ngonyaka lizosikhombisa ukuthi kungatshalwa ziphi izitshalo ezindaweni ezithile lapho kutshalwa ngemvula kuphela. Ezindaweni lapho kukhona ithuba lokunisela kufanele sibheke ezinye izimo zezulu ngoba amanzi atholakala ngokunisela.

Sibokhumbula ukuthi uma izulu lina inani elithile, akusho ukuthi onke lawo manzi azodliwa isitshalo. Uma lina kakhulu amaningi amanzi ayageleza ayalahleka. Lapho insimu isemehlelweni, ukugeleza kwamanzi kuyanda. Maqondana nendlela insimu ilinywe ngayo, umhlabathi ophezulu oqinile uzovimba ukuthi amanzi angene. Uma kungekho izinhlanga ensimini ukukhothwa ngumoya nakho kuyanda. Uhlobo lomhlabathi nalo lukhombisa ukuthi umhlabathi enekhono lokubamba amanzi futhi kungaba khona ukhula oluzovimba amanzi ukuya esitshalweni. Imvula nokukhothwa ngumoya okuvamekile njalo ngonyaka kukhonjiswa ezifanelekiso 1.1 na-1.2 (DWAF, 1986).

Ngaphansi kwa-20% lomhlaba lapha eNingizimu Afrika olingana na-1,05 miliyoni amasquare kilometre unesimo sezulu esimanzana othola 750 mm/ngonyaka futhi kushabalala amanzi angaphansi kwa-1 400 mm/ngonyaka – kulezi zindawo isimo sezulu silungela ukutshala ukudla. 

Izindawo lapho inani lemvula lingaphezu kwa-500 mm/ngonyaka nokushabalala okungaphansi kwa-1 800 mm / ngonyaka yilezi: inkangala ephakathi, ngasolwandle empumalanga nezindawo eKapa lapho kuna khona ebusika. Ukunisela nokulima ngendlela ejwayelikile kwenzeka kulezo zindawo, kutshalwa ummbila, umoba nokolo. Ezinye izindawo zomhlaba zoma kancane ezinye kakhulu kodwa imvula iyana kodwa amanzi adingekayo angaphansi kwa-50%. Ngakho-ke ukunisela kuyadingeka kulezi zindawo ukumilisa izitshalo zokudla. 



Isifanekiso 1.1: Inani lemvula elivamekile njalo ngonyaka: mm/unyaka 



Isisfanekiso 1.2: Inani lokushabalala kwamanzi elivamekile njalo ngonyaka: mm/unyaka

