Radio (OPOT) 										 IsiZulu 

Umlayezo wezokulima osakazwa emoyeni 

Instructions: 

Folio strap: Ukusakaza Kurediyo 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Irediyo liyinto elinosizo olukhulu ebalimeni abasakhulayo. Amaphrogramu asakazwayo njalo ngeviki ayalalelwa futhi kunikezwa imininingwane ebalulekile maqondana nomsebenzi wokulima – abalimi bayasizakala ngale ndlela. 

Sisakaza njalo ngeviki kumaphrogramu angu-4:

Rediyo Motsweding (Setswana eNorth West); 

Rediyo Lesedi (Sesotho eFreyistata); 

Rediyo Ligwalagwala (IsiZulu/SiSwazi eMpumalanga); 

Rediyo Umhlobo Wenene (IsiXhosa eEastern Cape). 

Izindaba ezixoxwa ngazo

Izindaba ezilandelayo bezixoxwa kulama phrogramu:

Ukulungisa indinyane (umhlabathi) yokutshala ummbila; 

Ukuphatha ukhula nezilokazane nezifo ngokusebenzisa imishini namakhemikeli; 

Ukuhlola ukujula komhlabathi nenani lemvula ukuqonda ukuthi kuzotshalwa izimbewu ezingakanani; 

Izindleko ezikhuphukayo ngenxa ukwanda kwentengiso yedizili; 

Ukusebenzisa imishini efanelekile lapho kulungiswa umhlabathi ukutshala; 

Umgomo wezindawo ezizama ukukhombisa umphumela wezindlela zokutshala; 

Ukusebenzisana kwamalunga esiqumbi sokufunda ezindaweni ezizama ukukhombisa ukutshala;

Ukuphatha izilokazane eziqopha izinkuni; 

Ukuthela umanyolo ngaphezulu nokuphatha ukhula;

Ukuphatha izifo lapho kutshalwa ummbila; 

Ukusiza okutholakalayo lapho abalimi baya ezinsukwini zabalimi; 

Izizathu zokuthola umvuno ongaphansi nezindlela zokwandisa umvuno;

Ukuvuna, ukubeka nokumaketha; 

Ukuthatha amasampula omhlabathi nosizo lokusebenzisa umanyolo ofanelekile; 

Ukuphatha izifo zezilokazane; 

Ubumuncu bomhlabathi nosizo lokufaka umcako; 

Ukuphatha amarekhodi; 

Umsebenzi Wephrogramu Lokuthuthukisa Abalimi; 

Kungani simise iziqumbi zokufunda futhi siqala kanjani ukwakha isiqumbi sokufunda?; 

Izinhlobo zezimbewu zommbila (amahyibhridi noma ama-OPV); 

Izikhathi zokutshala; 

Ukukhetha izinhlobo zezimbewu; 

Izindlela zokuthela umanyolo; 

Ukulinganisa inani lezimbewu nelikamanyolo; 

Inani lezitshalo ezitshaliwayo;

Ukushintsha izinhlobo zezitshalo ezizotshalwa;

Inani lezitshalo maqondana nemvula edingekayo nokushisa/nokubanda; 

Ukusebenzisa imishini efanelekile nokuyibheka; 

Izindleko zokukhiqiza ummbila nezuzo; 

Ukuswela kokudla kummbila; 

Izimbewu zamahybhridi nokuzalisa izimbewu; 

Okungenayo nokuphumayo ekukhiqizweni kommbila; 

Ukungahlanyeli ebusika nokubaluleka kwakho; 

Ukucela isikwenetu sokuqala ukulima; 

Ubumanzi emhlabathini nenani lezitshalo; 

Isimo sokujula komhlabathi esizokhombisa ikhono lezimpande ukungena phakathi nokuqina komhlabathi;

Izindlela zokuvuna; 

Ukufumigatha, ukubeka nokumaketha; 

Ukwazisa abalimi ngenshuwalense yemvuno nezindleka zokuqala ukutshala; 

Ukusiza abalima ngokucela ukuthola/ukuboleka imali yokulima nezindlela zokucela; 

Imishini yokubhula ummbila; 

Ukuqina komhlabathi nokuguguleka komhlabathi; 

Abankotilaki;

Izikhathi zokutshala;

Ukulinganisa ukutshala; 

Ukubaluleka kokubheka kahle imishini nogandaganda ngaphambi kokuthenga; 

Umphumelo womlimi wonyaka (ULabious Manoto); 

Ukusebenzisa amakhemikheli ngaphambi kokuhluma kwezitshalo;

Imvula ezokuna. Sizosebenzisa kanjani lawo manzi?; 

Imvula, umsakwamo okhona, izinhlobo zezitshalo, ukutshala noma ukungatshali; 

Ukuphatha ukhula nokuthela umanyolo ngaphezulu;

Izindleko zokukhiqiza ummbila nobhekilanga nezindlela zokucela ukuboleka imali yokuqala ukulima; 

Ukubheka ipulantela ngaphambi kokuqala ukutshala; 

Ukulondoloza umswakamo nokulima okufanalekile lapho kutshalwa ummbila;

Ukubeka amapulantela;

Imvula yasebusika, abalimi bangaqala ukulima noma qha, nezikhathi zokucela ukuboleka imali; 

Yisiphi isikhathi esifanelekile sokuqala ukusebenzi?; 

Ukukhokhela izikwenetu, ukuphatha inzuzo, ukuba umlimi okhuthele nokufaka umcako; 

Unyako ozayo; 

Izenzo zemvula eningi ngokwamanje; 

Izinyathelo ezifanelekile lapho uthenga ipulazi; 

Ukusebenzisa amakhemikheli ngokufanelekile; 

Ukuhlanganisa isu lokukhiqiza; 

Ukulondolozela umswakamo onyakeni ozayo nokwakha amasu okusebenza ngonyaka ozayo; 

Ukubaluleka kokuthatha amasampula omhlabathi lapho uhlanganisa ibhajeti lonyaka ozayo; 

Ukuqasha umnkontilaki; 

Izakhi zikamanyolo (iN, iP neK); 

Intengo yokudla okukhuphukayo; 

Iphrogramu leGrain SA Labalimi Eliphakeme; 

Indlela yokulinganisa ubukhulu bensimu; 

Ukubaluleka kokusebenza ngepulantela elithembekile; 

Ingozi yokutshala uma insimu yomile; 

Lapho inzuzo yehla njalo – abalimi bangatshala kuphi ukudla okuzinhlamvu?; 

Ukuphatha ukhula ngamakhemikheli nezingozi zokubulala ukhula ngemishini; 

Izindlela zokuthola imali yokukhiqiza – izikwenetu nendlela yokucela; 

Ngazo zonke izinsuku silahlekelwa umhlabathi ngokwakhiwa kwezindlu, umhlabathi ovame ukukhiqiza ukudla. Umhlaba osasele manje ufanele ufuye umhlaba jikelele;

Ukumilisa izitshalo udinga okulandelayo: 

Umhlabathi – kufanele wazi umhlabathi wakho: ukujula, uhlobo, umbala, ukuhlolwa nokuvunda; 

Amanzi – ukuze ukwazi ukulungisa umhlabathi ngendlela ezolondoloza amanzi emhlabathini, amanzi atholakala ezulwini, noma uma unenhlanhla ukunisela. Amanzi ayimpilo yokulima; 

Ukudla – udinga umanyolo ukumila kahle. Udinga iN, iP neK ngenani elifanelekile ukuze izimpande nesitshalo kumile kahle; 

Abankontilaki – ukubasebenzisa nini, kanjani. Sesixoxile ngezinto ezinhle nezinto ezimbi ezihambelana nokusebenzisa abankintilaki. Kubalulekile ukwazi ukuthi umsebenzi othile ubiza malini, ungakhokhi nje imali abayibizayo. Uma unayo imishini kufanele uyisebenzise. Yiya ezifundweni zethu zokuqeqesha ufunda ukusebenzisa leyo mishini; 

Amapulantela – kuwahlanza kanjani, kuwalungisa nokuwaphatha; 

Beka amapulantela endlini futhi ungashiyi umanyolo emabhinini lapho uyibeka;

Ukuthola okuphukile kumapulantela; 

Kungani umsele otshaliwe awufani ngombala neminye imisele – ikuphi inkinga?; 

Lapho ucela isikwenetu isicelo sakho sifanele sibhalwe ngokugcwele; 

Ngiqale amaphrogramu asebenzise imininingwane etholwe kule ncwadi yethu Pula/Imvula ebizwa ngokuthi: “Icala lentengo yokudla ekhuphukayo lizophinda libekwe kubalimi?”;

Ngixoxe futhi ngomsebenzi wama-Agribhizinisi nabalimi lapho intengo yokudla iyehla/ikhuphuka;

Sixoxe futhi ngesifundo sokubheka imishini – uhlelo lokupholisa injini; 

Ungaphumelela kanjani ekukhiqizweni ukudla okuzinhlamvu?; 

Ukuba nomgomo nokufikela kuwo;

Funa indlela yokuthola usizo masinya, hhayi emva kwesikhathi; 

Ukuthatha izinyathelo ezifanelekile kufanele umlimi abengumuntu okhuthele, onobungcweti, onolwazi maqondana netheknoloji, ukuphatha ibhizinisi nemininingwane;

Kufanele uphathe isikhathi sakho ngokufanelekile – lokhu kubalulekile ekutshalweni; 

Hlanganisa amasu kahle ucabange kahle njalo; 

