

Isicelo sepasipoti yesikhashana

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ipasipoti yesikhashana inikezwa abantu baseNingizimu Afrika okumele bahambe ngesikhathi esiphuthumayo kanti futhi abangeke bakwazi ukulindela ipasipoti evamile ukuthi ikhishwe. Ipasipoti yesikhashana isebenza izinyanga ezingu-12. Lapho wenza isicelo sepasipoti yesikhashana, kumele wenze nesicelo sepasipoti yesikhathi eside.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-73 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika.

Khipha:

incwadi echaza ukuthi kungani kudingeka ipasipoti yesikhashana
umazisi wakho  noma isitifikedi sokuzalwa
nezithombe ezimbili zosayizi wepasipoti
isitatimende esifungelwe kwabomthetho  uma ipasipoti yakho yaseNingizimu Afrika yalahleka noma yebiwa.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Passports and Travel Documents Act, 1994  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezingu-5 ukuya kwezingu-10 zokusebenza.

Phezulu

Izindleko

Ipasipoti yesikhashana: Ngu-R85

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a South African passport or travel document, BI-73

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


