Questions										Zulu

Imibuzo ebuzwa ngabalaleli beRadio Lesedi 

Instructions: 

Folio strap: Okujwayelekile 

 

Ngesikhathi somsakazo weRadio Lesedi, uJohan Kriel, umhlanganisi wokuthuthuka wephrovinsi laseFreyistata, wacela abalaleli ukuthi bamthumele ama-sms babuze imibuzo yabo. Eminye yaleyo mibuzo iyalandela: 



Lingakanani ihetheli elilodwa futhi ngithola kanjani ubukhulu balo? 



- Kususwe esifundweni seGrain SA Technical Skills Development esibhalwe nguJane McPherson 



Kubalulekile ukwazi ukuthi ingakanani insimu ezotshalwa ngoba kufanele kulinganiswe kubalwe okulandelayo:

Inani ledizili, lezimbewu, umanyolo namakhemikhali elizodingeka kuleyo ndawo; 

Izindleko ezizobakhona ukutshala leyo ndawo; 

Inani lezitshalo ehektheleni; 

Inani lenshuwalense yemvuno; 

Inani lezindleko zabankontilaka, njll. 

 

Khumbula ukuthi ubukhulu behektheli bulingana nalokhu okulandelayo:

1 ha = 100 m X 100 m 

1 ha = 10 000 square meters (m2)

Uma ufuna ukubalela umlimi ubukhulu bamasimu akhe, yenza kanje: 



Isibonelo:

50 000 m2 = 5 ha

30 000 m2 = 3 ha 

160 000 m2 = 16 ha 



Ngokwamanje sekukhona izinto zama-elekthroniki njengeGPS ezisiza ukubala ubukhulu bamasimu ngokusebenzisa amasatellite, kodwa abaningi abanazo lezo zinto. Kodwa ungalandela umlayezo olandelayo ukuthola ubukhulu bamasimu. 



Ubukhulu besikhweli ibalwa kanje: 

Ubukhulu (Area) = Ubude (Length) X Ububanzi (Breadth) (A=L X B) 

Masithi ubude becele bulingana na2 m. 

Ubukhulu (A) = 2 m x 2 m 
A = 4 m2 



Ubukhulu besikhweli (unxande, izinhlangoti ezine) bubalwa kanje: 

Ubukhulu (Area) = Ubude (Length) X Ububanzi (Breadth) (A=L X B) 

Masithi ubude bonxande bulingana na4 m nobubanzi bulingana na2 m.

A = L X B 

A = 4 m X 2 m 

A = 8 m2 



Ubukhulu bonxantathu (izinhlangoti ezintathu) ubalwa kanje: 
 

(Ubukhulu) A = ½ Base (uhlangoti olungaphansi) X Height (ukujula kokuphakama) (1/2 B X H)

Masithi uhlangoti olungaphansi lulingana na2 m nokuphakama kulingana na3 m

A = (½ X 2 m) X 3 m

A = 1 m X 3 m 

A = 3 m2 
 

Uma usola ukuthi insimu yakho ingakanani futhi uhlulekile ukuthola omunye umuntu okwazi ukulinganisa kufanele uzenzela wena ngokwakho. Ungazama ukubala ubude besondo (imoto, iveni, ugandaganda noma ibhayisikili), beka ibala endaweni ethintene nomhlabathi esondweni bese ubala ukuthi lelo bala lithinta kangaki emhlabathini lapho ulihambisa eceleni kwensimu yakho. Uma uphinda inani lokujika kwesondo ngobude bokungaphandle kwesondo uzothola ubude bensimu. Phinda ukwenze lokhu kuwo amacala ensimu bese udweba isimo sensimu ephepheni. Lapho usutholile ukuthi isimo sensimu sinjani futhi amacala made kangakanani, ungasebenzisa okuphezulu ukuthola ukuthi insimu ingakanani. 



Amandla endle okuthwala izimphahla kuyini? Futhi ngidinga amahektheli amangaki ukufuya inkomo eyodwa? 



- Rural Development Service Technical Advice note 33



Kukhona izinhlobonhlobo zezimpahla ezifuywa edlelweni emapulazini – izinkomo zobisi, izinkomo zenyama, amahhashi, izimvu, izimbuzi, njll. Izimpahla zidla inani elithile njalo ngosuku (ubukhulu bemphahla kusho ukuthi idinga ukudla okungakanani). Ukuze siqonde ukuthi singafuya izimpahla ezingakanani endaweni ethile kufanele sazi ukuthi amandla edlelo elithile angakanani. Lokhu singakuthola ngoba kuqinisiwe ngesayensi ukuthi izindawo ezithile zinamandla athile. Kodwa lokhu kuyisikhombiso samandla ajwayelekile endaweni ethile kuphela ngoba isimo sedleko notshani obukhona akufani sonke isikhathi. Uma utshani abuzange bumile kahle, kuzodingeka indawo enkulu ukufuya inani lezimpahla elithile, uma utshani bumile kahle uzokwazi ukufuya inani lezimpahla eliphakeme kuleyo ndawo. Isibonelo: ezindaweni eziningi eFreyistata ngokujwayelekile ungafuya izimpahla ezinkulu ezingu-6 ehektheleni elilodwa (LSU). 



Ukuze ukwazi ukubala inani lezimfuyo, kufanele ubheke impahla ngayinyengayinye kungathi iyiLSU eyodwa. I-LSU eyodwa ilingana nenkomo eyodwa eneminyaka emibili noma ngahezulu. Khumbula ukuthi ubukhulu kuzokhombisa ukuthi imfuyo ethile idinga ukudla okuthile njalo ngosuku ukuze iphile kahle. Okunye esifanele sikukhumbule ngukuthi iyasebenza le mfuyo (iyasengwa noma idonsa igeja, njll.) noma cha. Uma isebenza, izodinga ukudla okuningi 

Izimpahla
 
LSU
 

 
Izinkomo ezingaphezu kweminyaka emibili
 
1,0
 

 
Izinkomo ezinyanga ezingu-6 ziya eminyakeni emibili
 
0,6
 

 
Izimvu nezimbuzi
 
0,15
 

 
Amahhashi
 
1,0
 

 
 

Izimfuyo zinokusinda okwehlukile

Zonke izinkomo azifani ngokusinda – kukhona iznhlobo ezincane, ezingaphakathi, ezinkulu. Inkomo enkulu ivama ukudla okuningi okudlula kwencane. Izimfuyo zingahlelwa maqondana nokusinda kwazo: 

Imfuyo
 
Ukusinda lapho isaphila (kg)
 

 

 
Encane
 
Engaphakathi
 
Enkulu
 

 
Imvu (ovine)
 
≤50
 
50 - 70
 
≥70
 

 
Izinkomo (bovine)
 
≤500
 
500 - 700
 
≥700
 

 
Amahhashi (equine)
 
≤300
 
300 - 600
 
≥600
 

 
 

Amayunethe ezimfuyo ezidla utshani ezinokusinda okwahlukene

Imfuyo
 
Ukusinda uma isaphila (kg)
 

 

 
Encane
 
Engaphakathi
 
Enkulu
 

 
Imvukazi (noma izinyane)
 
0,08
 
0,1
 
0,15
 

 
Izimvukazi eziphusile nezilandelayo
 
0,06
 
0,08
 
0,1
 

 
Izinkomo ezisengwayo
 
0,8
 
1,0
 
1,1
 

 
Izinkomazi ezisancelisa nayo inkonyane
 
0,7
 
0,9
 
1,1
 

 
Ezinye izinkomo ezingaphezu kwezinyanga ezingu-24 
 
0,6
 
0,7
 
1,0
 

 
Izinkomo ezisusiwe ebeleni ezingaphansi kwezinyanga ezingu-24
 
0,5
 
0,6
 
0,7
 

 
Amahhashi
 
0,8
 
1,0
 
1,2
 

 
 

Kubalulekile kakhulu ukuthi amandla endle kokuthwala izimfuyo ezithile angaqedwa masinya – zizokudlani ngakusasa? Uma ungenalo iqiniso ukuthi isimo sedlelo lakho sinjani, thintana nehhovisi loMnyango Wezokulima, bafanele ukukunikeza imininingwane mayelana nendawo lapho ulima khona. 



Kufanele ngibe nani ukuba ilunga laseGrain South Africa? 



- Jane McPherson, umphathi wephrogramu elibizwa ngokuthi: Grain SA Farmer Development Programme 



Umuntu nomuntu ongumlimi noma okhiqiza ukudla uyakwazi ukujoyina iGrain South Africa. Kukhona izinhlobo ezahlukene zokuba ilunga lalo mhlangano, kodwa ngokwejwayelekile kukhona amalunga omnotho agcwele bese kukhona amalunga avela kumaqembu okufunda. Izintelo zokuba yilunga yilezi: R2,00 ngethani elikhiqizwayo, kodwa kudingeka R570 (inc VAT) uma ukhiqizo ungaphansi. 



Kukhona futhi amalunga avela kumaqembu okufunda abakhokha R10 kuphela ngonyaka. Uma kukhona abalimi abafuna ukujoyina sicela ukuthi bathintane nomlinganisi wephrovinsi oseduze – imininingwane mayelana nalabo bantu uzokuthola ekugcineni kwale ncwajana (Pula-Imvula) yethu. Amaqembu okufunda aqonde ukuhlanganoanjalo ukuze kuxoxwe ngezindaba eziphathelene nokulima nokukhiqhiza ukudla okuzinhlamvu. Futhi ukuba ilunga leqembu lokufunda kuzokuvulela indlela ukuya kuzo zonke izifundo zokuqeqesha ezinikezwa iGrain South Africa njalo ngonyaka. 

