Producer (Maize)					 				 IsiZulu 

Hlangana nabaKhiqizi Abasakhulayo Bokudla Okuzinhlamvana ngo-2010 Abakhethiweyo

Instructions: 

Folio strap: Umlimi wokudla okuzinhlana wonyaka 

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Photos: 

 

Abalimi nalabo abagcinile kulomncintswano womlimi wonyaka 2010 sebakhethiwe. Lona ophumelele phambili uzokhonjiswa edilini elikhulu leGrain SA ngo-8 Okthoba 2010. Abakhethiweyo bayalandela:



UDavid Maleleka – eKestell, eFreyistata.

UThabo Macholo – eKestell, eFreyistata.

UDaniel Mocwiri – eMareetsane, North West Province. 

UFrans Gaoganediwe – eVentersdorp, North West Province.

UKlerk Melken – eMofufutso, North West Province.

UWilliam Matasane – eSenekal, eFreyistata. 



UDavid Maleleka 

UDavid Maleleka wazalwa ngo-1954 epulazini endaweni yaseKroonstad. Wakhulela khona epulazini waya esikolweni khona lapho waze waqeda grade 5. Waqala ukusebenza epulazini likaMnz AJ Jonker, wase waqala ukuthanda ukulima. UDavid ushade noEvelena oyinkosikazi omangalisayo – ushayela ugandaganda emasimini! 

Emva kweminyaka waya eWitsieshoek wayohlala khona. Usasebenza ngenkontilaka ngezinye izikhathi emayini yaseGoldfields. Ngo-1991 uDavid wabona ukuthi uGavumente uthengisa amapulazi esigodini saseKestell. Ngo-1992 waqasha ipulazi lapho futhi usalima kulo lelo pulazi. Emva kwesikhathi wabanenhlanhla ukuboleka imali eLand Bank walithenga lelo pulazi. Ipulazi linamahektheli angu-272 futhi amahektheli angu-252 angalinywa. 

Ngeminyaka eminingi uDavid uqashise ipulazi ngoba wayengenamali ukuqala ukulima. Waqala ukulima futhi ngo-2008. Ngo-2009 uthole umvuno omuhle kakolo emasimini angu-106 ha. Ngokwamanje utshale ummbila (88 ha) nobhontshisi owomile (28 ha). Ubhontshisi unikeza umsebenzi kubantu besifazane baseQwaQwa. UDavid uthi ukhulisa ukulima kwakhe njengonwabu (“trapsix”). 

UThabo Macholo 

UThabo wazalwa ngo-1982 waqala isikolo kuLaerskool Tweeling. Ngo-1989 ubaba wakhe wathenga ipulazi lapho basalima khona. Uqale ukuthanda ukulima esemncane. Uqede Grade 12 kuPaul Erasmus High School ngo-2003 wase waya epulazini. Esikolweni wagijima (athletics) futhi wadlalela iphrovinsi lakhe irugby nezwe lethu iNingizimu Afrika ngerugby kulawa mathimu: u/17, u/19 ne-u/21. 

UThabo uyakuthanda ukulima futhi ufuna ukuphumelela phambili. Ngo-2009 yena noyise batshale ukolo, 25 ha; ummbila, 99 ha; ubhontshisi owomile, 33 ha. UThabo uyakhula sonke isikhathi futhi ufisa ukufunda njalo. Uye ezifundweni eziningi futhi uyilunga lequmbi lokufunda laseMaluti futhi uyalalela ukuthi abanye abalimi abanolwazi bathini. 

UThabo uphatha izindaba zezimali ngokungxamile futhi ubonile ukuthi kuzobangcono ukutshala ubhontshisi owomile ngoba inzuzo ingaphezulu kwezinye izitshalo zokudla okuzinhlamvana. Njengabonke abanye abalimi uthemba ukuthi intengiso yokudla okuzinhlamvana izokhuphuka ibalethele inzuzo ezophinda isetshenziswe ekulimeni. 

UThabo ufisa ukuba umkhiqizi wezomnotho kusasa; uzothanda ukusebenza nabakhiqizi abakhulu ukuze athole ulwazi. 

 

UDaniel Mocwiri

UKokamo Daniel Mocwiri wazalwa ngo-1949 eSiberia Village yaseNorth West (eduze naseMareetsane). Ungumntwana wokugcina nomfana oyedwa (kukhona amantombazane angu-8). Waqala isikole eSiberia, wase waya eMareetsane waqedaGrade 12 kuItlotleng Secondary School. Waqhubeka ukufunda kuBatswana Training College. Wenze futhi isifundo ngokubhala eDamelin naseVista University wathola iDiploma ukuba uthishela. Uthole igreyidi eNorth West University waqala ukufundisa eMonnapula Primary School ngo-1975 waqhubeka ukufundisa khona wakhawula ngo-2008. Ushade noEvelyn, banezingane eziyisithupha, abafana ababili namantombazane amane. 

Ngoba yena bengumfana oyedwa, uyise umfundisile ukuthi izindlela eziningi zokusebenzela impilo. Waqala ukufunda ukulima kanjani ngezinkabi ngesikhathi esesikolweni – kwaqala lapho uthando lokulima. Ngo-1975 wakha isitolo noyise emzini wabo futhi ngo-1977 wathenga ugandaganda eyokuqala. Ngo-1988 uyise washona, kodwa ngoba wayesafundisa ngaleso sikhathi waqashisa ipulazi emhlanganweni waseMareetsane kwaze kwafika 1993. Ngo-1994 waqala ukulima ngokwakhe wasebenzisa ugandaganda wakhe kumahektheli angu-75. 

UDaniel waqhubeka ukufundisa, kodwa ukulima kwakhe kwasekwakhula, wacela isihlobo sakhe ukumsiza epulazini. Isikole sakhe besiduze nepulazi, ngakho-ke wayekwazi ukusebenza epulazini emva kwesikole nangamaholide. Ngokwamanje uDaniel ulima amahektheli angu-on 200 emhlabeni womuzi wonke. Lo nyaka utshale 100 ha wommbila nobhekilanga (100 hectare). 

Ngo-2008 uDaniel wavusa iqumbi lokufunda laseSiberia wakhethwa ukuba umphathisihlalo. Waqhubeka wayengumlimi ohamba phambili kulePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi. UDaniel uqonda kahle ukuthi awukwazi ukusebenza wedwa, udinga usizo nokusekela kwabanye – ubonga kakhulu ukusekela kwaMnz James van der Linde waseTechnichem lapho ethola khona amakhemikeli nezimbewu noMnz James Moeng omthengisela umanyolo. Ngeminyaka eminingi uDaniel uthole imali yokuqhubeka eLand Bank. 

UFrans Gaoganediwe – omunye ogcinayo (finalist)

UFrans Gaoganediwe wazalwa eSterkstroom ngo-1957; ungumdala wezingane ezingu-10. UFrans uye esikolweni eMesweng Primary School waqeda grade 7. Umkakhe, uPhina, naye wazalwa esigodini saseSterkstroom district waqeda grade 7 eRabana Primary School. Ngokwamanje uhlala ekhaya usiza ngokukhulisa izinkukhu. 

Emva kwesikole uFrans, 1985 - 1989, wayesebenzela iSenwes, epulazini esigodini saseSterkstroom. Ngalesi sikhathi wayetshala izindawana ezikhombisa ukwehluka kwezindlela zokulima. Lapho ufunde kakhulukazi ngokutshala ummbila nokulima ngendlela efanelekile. Ngo-1990-1993 wayesebenzela iSenwes eSterkstroom. UFrans bese bamfaka esigabeni sezinkomo nezimvu wafund ukwenza iA.I. + inoculations nokuphuzisa izimfuyo umuthi. Lapho waqala ukuthanda izinkomo ezingamaBonsmaras. Ngo-2000 bamthumela ezinkomeni ezisengwayo, waqhubeka ngeA.I. kulamaFriesi, wayephatha futhi isimo sokudla nokuziphizisa umuthi lezi zinkomo. ISenwes laselathengisa lelo pulazi, kodwa waqhubeka ukubasebenzela ukutshala izindawana ezikhombisayo. Ngo-2002, uFrans wathunyelwa eHead Office leSenwes eKlerksdorp wayengudrayiva. 

Ngo-2002 waqala ukulima kuleyo ndawo. Ngo-2001 wacela ukuboleka imali eLand Bank waze wayithola ngo-2002. Uthenge lonke ipulazi nacho konke okubekhona: 2 x ogandaganda, amageja amabili, eminye imishini nezindlu ezimbili zokufuya izinkukhu ezingu-56,000). Lezi zindlu zezinkukhu zigijima sonke isikhathi, zikhiqiza ngokwenele njalo ngonyaka. UFrans unenkontilaki eliqinili neRainbow Chickens. 

Ngeminyaka edlule izinkomo zakhe zandile, unezinkomo ezingu-38 nezimvu ezingu-63, uthenge omunye ugandaganda, iToyota Hilux bakkie, ihammer mill futhi walungisa izindlu zezinkukhu bgokufaka anasilingi, izinto ezinikeza amanzi antothayo nokudla okungena njalo. Ulungise futhi izintango kulezo zindawo. Izindawo zokugeza zabasebenzi ziyakhwa ngokwamanje. 

UFrans ufisa ukukhulisa ibhizinisi lakhe, manje ufuna ukuthenga elinye ipulazi. Ufuna ukuba umkhiqizi wezomnotho. Lokhu kungenzeka kuphela ngokusebenza ngokukhuthala, ukuya ezifundweni nokuqeqesha abasebenzi bakhe. UFrans futhi ucabanga ukuthu uGavumente ufanele ubheke wonke amaphrojekti abo, usekele abakhiqizi ukuze bakhule futhi bakhiphe abantu abafelile ukukhiqiza. UFrans uthi usekelwa kahle ngabanye abalimi endaweni yaseVentersdorp. 

UKlerk Melken – omunye ogcinayo (finalist)

UKlerk Melken wazalwa ngo-1970 eMofufutso Village eNorth West. Ungumfana wesibili waJohn noDora Melken abasalima kuleyo ndawo. Waqala isikole eMofufutso, wase waya eKhunwana Middle School waqeda grade 11 eAtamelang High School. Ngo-1992 waqala ukusebenza emapulazini kuze kufike 2000. UKlerk ushade uJoyce ngo-2002, banezingane ezintathu, intombazane eyodwa nabafana ababili. 

UKlerk waqala ukulima esemncane ngamahektheli angu-50 ngesikwenetu asithole kuNWK ngo-2001. NgoFebruwariy 2003 wathenga inkomo eyodwa. Ngokwamanje unezinkomazi ezingu-16. Ngo-2008 wathenga imvu nembuzi eyodwa – manje unezimvu ezingu-20 nezimbuzi ezingu-10. Futhi unezinkukhu ezingu-80. 

UKlerk ujoyine isiqumbi sokufunda saseMofufutso ngo-2000 ngesikathi esasebenza epulazini. NgoNovemba 2008 wakhethwa ukuba umphathisihlalo waleso siqumbi. Uye kuziningi izifundo zeGrain SA, njengalezi: Isingeniso Sokutshala Ummbila, Isingeniso Sokutshala Ubhekilanga, Isifundo Sokuba Umkontilaki, Isifundo Sokuphatha Imishini, Isifundo Sokulungisa Injini, Isingeniso Sokutshala Amabele, Isifundo Esiphambili Sommbila, Isifundo Esiphambili Sabalimi, Isifundo seAgri-bhizinisi Sokuphatha Ipulazi neSifundo Sokwakha Amasu Nokuphatha Ipulazi. 

Ngokwamanje ulima amahektheli angu-150, uwaqasha kumuzi wonke. Utshale amahektheli angu-60 ngobhekilanga, ummbila obomvu (42 ha) nommbila omhlophe (48 ha). Ngoba ulima endaweni evama ukoma, uKlerk uyakwazi ukubaluleka ukulondoloza amanzi emhlabathini. Ucabanga ukuthola ipulazi lakhe. Uthi ufisa ukukhulisa ukulima kwakhe kuze anamahektheli angu-1000 endaweni lapho umhlabathi ujulile futhi lapho imvula ina njalo. UKlerk usekelwa nguMnz du Toit waseTechnichem futhi ukholwa ukuhlangana nabantu abanolwazi sonke isikhathi 

UKlerk uthi uyakuthanda ukulima ngoba ufuna ukuya phambili ekulimeni nokusebenza ngendlela efanelekile. 

UWilliam Matasane – omunye ogcinayo (finalist)

UWilliam wazalwa esigodini saseWinburg waya esikoleni khona epulazini. Emva kwalokhu waya eWinburg High School. Waqala ukusebenza eAllemanskraal (ibizwa futhi ngokuthi Aventura Resort Aldam). Waqala ukuba uweyitha, wase waba umpheki wagcina ukuba umphathi weresturanti ngo-2004. Ngaleso sikhathi esebenza eAldam waqala ukulima nabangane abanye abathathu. Ngo-2004 wathenga ipulazi Verblyden, uhlala khona nomkakhe nezingane zakhe. Sebalima bodwa. Bakhiqiza ubhekilanga nommbila. (UWilliam walimala ngokutshala ukolo, manje uyesaba ukuzama futhi – kakhulukazi ngentengiso ephansi). 

UWilliam uthi ufuna ukunika izingane zakhe onke amathuba yena wayengenazo. Intombazane endala usufunda iminyaka emine ukuthola iB.Com, intombazane yesibili usufunda iminyaka yesithathu iElectrical Engineering, encane ifunda eSecretarial College, no “Johannes, die boer” ukuGrade 4 esikoleni eSenekal. 

UWilliam uya phambili ngokukhiqiza, manje ulima 900 ha. Ipulazi lakhe lingamahektheli angu-400, amanye amasimu uwaqasha eduze naseVentersburg (kubalimi abamnyama abangasebenzisi amasimu abo), uqasha futhi amadlelo ku Winburg Municipality. UWilliam ufuna ukuthenga omunye umhlaba esigodini saseSenekal kodwa uyakhala ngoba uGavumente usiza kuphela labo “Wat geld sluk en nie hulle wat iets regkry nie ”. 

UWilliam usebenzisa izindlela ezahlukene zokuthola imali – imali yakhe futhi uboleka imali kuVKB neLand Bank. Ngalo nyaka, umvuno wakhe wobhekilanga ubhadale zonke izikwenetu zakhe zokuqala ukulima, inzuzo yommbila izongena ekhukhwini. Utshale 110 ha ngommbila nobhekilanga, 145 ha, eSenekal, ne-60 ha ngommbila nobhekilanga – 75 ha – eVentersburg. Unezinkomazi ezingu-90 futhi uthi 91% zazo zizala njalo. Unezimvu futhi ezingu-30, kodwa uthi akakwazi ukuzandisa ngoba ipulazi liseduze kakhulu neMatwabeng township eSenekal. 

UWilliam uthi intengiso yokudla okuzinhlamvana kuyinkathazo. Yena ungenisa imali eningi kule bhizinisi lakhe, bese ufuna ukuthola inzuzo. Uthi akakwazi ukuthenga imishini bese ima sonke isikhathi egalaji. Yonke imishini yakhe ibhekwa futhi iphathwa kahle. 

UWilliam uyathanda ukusebenza ngendlela yakhe, kodwa ubonga kakhulu ukusekela kwaJohan Kriel waseGrain SA, nokusiza nokusekela kwabanye abakhiqizi bezomnotho akutholayo, kakhulukazi uMnz Philip Basson. 
 
 
 
 
 
 
 

